 |
Publication Details |
 |

 |
Reference |
 |
Meth, Oliver Translation & kaManzi, Faith (2008) Sizidonselani izinyawo ngesimo segciwane lengculazi. Eye on Civil Society : -.
|

 |
Summary |
 |
Ngu Oliver Meth Ihunyushwe ngu Faith kaManzi
Yini ngempela ezokwenza ukuthi iNingizimu Afrika iqale ukubona ukubaluleka kwendaba yesandulelagciwane kanye negciwane lengculazi? Isikhathi esiningi kushumayelwa ivangeli lukwenza ucansi oluphephile ezweni lakithi futhi lokhu sikubona “ngamakopi amakhondomu” agcwele yonke indawo. Futhi sonke sesifundile/sezwa nezikhangiso zeLoveLife emisakazweni, komabonakude kanye nakumabhodi amakhulu.
Kodwa umuntu uma ebheka ukukhula kwesibalo samantombazane amancane akhulelwe kanye nabanegciwane ezikoleni zethu uvele amangale ukuthi ngabe konakelephi. Ngengazozonke izimo, kuqala phezulu.
Abantu bazoqhubeka kanjani bathembele kumakhondomu emva kwenkinga yangoAgasti ka2007? Lokhu kwaholela kwizinkulungwane zamakhondomu onakele ayebekwe ezandleni zabantu bangazi ngcono nabathembayo – umsebenzi weminyaka, iminyaka kuzanywe ukwakha ithemba kuhulumeni ukuze abantu baphile – kwachitheka ngesikhathi esisodwa.
Izinhlangano zamabandla ezingamasonto athile, nawo futhi enzela phansi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika. Nnjengebandla lamaKhatholika, abaziwa njengongqaphambili ekukhulumeleni abantu uma kuza ‘ezonweni’ ezifana nobungqingili kanye nokuhushulwa kwezisu. Kodwa njengengoma esidlalwe kakhulu esihuzukile, konko iSonto elikushoyo ukuthi, umshado, umshado, umshado noma kugwenywe ucansi, kugwenywe ucansi, kugwenywe ucansi. Lesisihawu sibuye sagcizelelwa uPapa kamuva nje, owakhala ngokuthi ukuthi ubuphofu bokungezwani kwezilili zaseAfrika kudalwa ukuphelelwa izimilo kanye nomshado emiphakathini yaseAfrika. Kodwa masibheka njalo, sibheka ukungqubuzana kwalesisisho ngoba udlame oluningi olwenziwa kbantu besifazane baseNingizimu Afrika lenziwa kakhulu kabashadikazi! Ziningi izakhamuzi ezingasebenzi eNingizimu Afrika ezizabalazela ukondla imindeni yazo, lokhu okumbandakanya nabaningi ababhekene nokuphila negciwane lengculazi. Kodwa abaholi bethu bezombusazwe bayaqhubeka belokhu beshumayela ngokudla ukudla okunomsoco kanye nezivande zokudla njengendlela engabasimamisa kunokulapha iHIV. Umuntu uyaye amangale nje ukuthi izivande zokudla zingasiza kanjani ukuqhubela phambili impilo yabantu abaphila nagciwane leHIV. Izimpendulo ezinobuhlakani kufanele ziqhamuke kulowo othweswe lomthwalo, uNgqongqoshe WeZempilo kaZwelonke uDokotela Manto Tshabalala Msimang, owaziwa ngokushaya isigubhu sokuhlela njalo uma ekhunjzwa ngokuthi kunezakhamizi zaseNingizimu Afrika ezingu886 000 ezilindele ukwelashwa. Imfundiso yokuzithiba ngocansi ayisebenzi. Izwe aseMelika lingufakazi walokho. Isihloko esasibhalelwe kungekude nje yiReuters yaveza ukuthi imfundiso yokuzithiba ngocansi kuphela eyayibhekiswe ezinganeni ukuthi zilugweme ucansi zize zishade yahluleka ukulawula ukuziphatha kwalezizingane ngokocansi, ngokombiko kahulumeni waseMelika.Abstinence-only education does not work. The United States bears this out. Singakhohlwa ukuthi lombiko usola uhulumeni waseMelika njalo ngonyaka kusukela ngonyaka ka1998 ubuchitha amadola angu87.5 million njalo ngonyaka kufundiswa ngokuzithiba ngocansi kuphela, lokhu kuxhaswe kakhulu ngozishaya isifuba ngezenkolo uGeorge Bush. Lemali ngabe yasetshenziswa ngokuxhswa imitholampilo yezocansi kanye nokuqaphelisa.
Indlela nemizamo ekuhlelwa ngayo ukwehlisa izinga lokuthelelwa yiloligciwane – uma ingalulwa futhi yenziwe ngokuzimisela kakhulu – ingase yehlise ukwanda ukuthelelwa igciwane leHIV. Kodwa lokhu ngeke kwanele ukuohindisela isivinini nolaka lokwanda kwaleligciwane ngendlela elibhebhetheka ngayo lapha eNingizimu Afrika.
Kubalulekile ukwandisa lokhu ngendlela ukwelashwa ukuba bantu abaphila negciwane baphele amahloni futhi kukhuthazwe ukuphika okuyoveza abaningi ukuthi bakhulume ngegciwane HIV ngakho-ke kungabe kusalokhu kuthiwa “ezocansi ziyaqhubeka”.
Ngenkathi ukwanda kwegciwane kuqhutshwa izenzo ezifana nokungazivikeli ngocansi, ukulala nabantu abaningi kanye nezifo zocansi amaSTI, kodwa okuhamba phambili kulelizwe okubhidlangisa leligciwane izinkinga ezijulile njengobuphofu, ukungathuthuki kuyaphi kanye nokubukelwa phansi kwabesimame, kanye nonya lokuhlukunyezwa kwbesimame, emiphakathini. Engingakuso nje ngomkhankaso wesithengisi seLoveLife, ucwaningo nje olusheshayo engalenza kubangani bani lwakhombisa ukuthi wonke umuntu wayekhumbula lamazwi “Ngingathanda ukuba lapho” – kuphela. Lezi yizimo ezijulile ezisithinta sonke okumele kubhekwane nazo. Amazinga okuhlukunyezwa kwabesifazane ngokushaywa aphezulu ngokwesabekayo eNingizimu Afrika. Abasinda emva kokuhlaselwa ngokudlwengulwa babizwa ngezifebe. Abesifazane nabesilisa abaphumela obala ngokuthi baphila negciwane lengculazi bayabulawa. Udlame iyona mpilo yethu.
Sekuyusikhathi sokuthi sizimisele ngokubhekana nengculaza. Siyisizukulwane sakusasa, futhi asidingi izithombe ezihlotshiswe kahle, izinkulumo ezingayi ndawo noma ukuyalwa okungayiphi. Izikhathi zishintshile, intsha idinga ukuviviswa ngezinto ezibonakalayo nangamaqiniso. Ukujikijela (iBhayibheli) kubantu abasha ngeke kubagcine bengathelelekile. Umsakazo i5FM yona yenza kangcono ngokunika izingane amathuba okuzihlola futhi zazi izimo zazo, ngokubamema ukuthi baye eziteshini zabo izwe lonke. Ulwazi lungamandla, futhi bawazi kangcono, wenza kangcono. Kunokufundisa izingane ukuthi “ngingathanda ukuba lapho” – kungcono sizifundise “ukuthi zingaba kanjani lapha”.
|
|
 |
|