 |
Publication Details |
 |

 |
Reference |
 |
Pithouse, Richard (Trans: Nonhlanhla Dlamini) (2005) Inhlonipho ayikhokheli. Centre for Civil Society : -.
|

 |
Summary |
 |
NgoMgqibelo odlule kuboshwe abantu abangu-14 ngamacala okuhlukumeza umphakathi ngemuva kokuthi iquba labantu abangu -750 abahlala emjondolo yase Kennedy Road e-Clare Estate bevala Umngeni Road ngamathayi avuthayo amahora amane. NgoMsombuluko olandelayo, ngeHuman Rights Day, abantu abangu -1200 bazama ukumashela emaphoyiseni ase- Sydenham ukuyofuna ukuthi laba abangu-14 ababoshiwe bakuKennedy Road badedelwe noma kuboshwe umphakathi wonke ngoba "uma beyizigebenu nathi sonke siyizigebengu." Imashi ihlakazwe ngesisi esikhalisa izinyembezi (tear gas) nezinja.
Laba abangu- 14 ababoshiwe, kukhona nentsha embili, banqatsheliwe ibheyili emuva kokuvela enkantolo ngoLwesibili. Noma isimo singasemanzonzo kangako, amaphoyisa asagadile.
Lona ngomunye wemibhikisho emikhulu esike yahlasela iTheku emuva kokuphela kobandlululo. Kodwa lezigameko azigcinile eThekwini. Imibhikisho seyike yenzeka nakamanye amadolobha kulelize kulezinyanga ezidlule okukhumbuleka kalula kuse Harrismith lapho uTeboho Mkoza oneminyaka enu-17 wabulawa ngamaphoyisa. Okucacile ukuthi isimo senhlalo yesakhiwo sakuKennedy Road sinje ngolonakala. Imijondolo iqaqele iqele phakathi kwendawo yokulahla udoi kuBisasar Road nemizi emikhulu ebiyelwe yase Claire Estate yehle njalo iyovalwa izitolo ezinkulu eSpringfield Park. Izingane ezinini zinezingalo ezincane nezisu ezikhukhumele okukhombisa indlala emizimbeni yazoo Wonke umuntu ubonakala egula. Kodwa uma uphonsa amehlo ngaphezu kweSpringfield Park ubona ulwandle lucwebezela elaneni. Kusihlwa kubonakala izinyoni zindiza uma kunena ubusuku. Amaqembu esicahamiya ezwakala ecula kahle eholo elinama fasitela aphukile nopende oxebukayo. "Siya ezulwini sonke siya ezulwini." Umr. Ndlovu ogqoka kahle futhi olungile uthi," Ngesinye isikhahi aye kukhuhle lapha. Bacabanga ukuhi lendawo inhle kakhulu kuthina. Bayifunela izicebi."
Ilunga elimele umphakahi elihloniphekile u S'bu Zikode wayeyisikawoi manje usebenza ePetro- Port. Uyindonda ethule, enomoya ophansi ozwakala esedudiza ingane enzondlekile ikhalela umama wayo obhoshiwe. UNonhlanhla Mzobe naye okhethiwe futhi ohloniphekile unozwelo. Bobabiti basebenza nabanye emakomiini ahlukile beqoqela izintandane ukudla, balungiselela abaqulayo babambe iminhlangano ngokuzimisela okukhulu. Indlu ye-preschool ngaphansi kweholo lomphakathi seyiwohloke kangangoba ayisebenziseki. World Bank yathembisa ukuthumela izingane ezingu-50 ukuyofundela I-engineering eUganda uma behlasa iproject yokuphehla ugesi ngokushisa imehane ephuma kadoti. Bayazamukela lezizethembiso kodwa banokusola ngabantu ababakhulumelayo ngaphandle kokukhuluma nabo. Beza basabe nokuthi ukudla abalethelwa kona engameni lokuxhasa kungahle kube nophoyizeni nokuthi abameli bosizo basebenzela uhulumeni osekwenye bakholelwa ekutheni bayizikhali zabacebuleyo. Sebekhetha ukuzimela bona enkantolo.
Ukuhlukunyezwa, ukwethukwa nokwehlulwa kwabampope kuzozonke izigaba sekwenze nezinkantolo zangabi nomahluko. NgoLewsibilli emuva kokwehluleka ukubuya nabantu ababoshiwe uZikode noMzobe bayachaza ukuthi imibangela yokubhikisha yini. Abantu kade babethenjiswa eminiyakeni emibalwa ukuthi indawo eku- Elf Road bayokwakhela izindlu kuyo. Lesethembiso saphindwa emuhlanganweni nezikhulu zakwa-Metro kanye nekhansela ngomhlaka 16 February. Babexoxisana mayelana nokwakhiwa kwezindlu kulendawo lapho ngokuphajima kweso, ngaphandle kokuchazelwa nokwexwayiswa, kwabonakala nogandaganda sebeqala ukumba kulendawo. Abantu abambalwa abaye ukuyobona ukuthi kwenzekani bamangala ukutshelwa ukuthi kwakhiwa ifactory yamabricks yakwa Greystone, inkampani ezimele, kulendawo. Bachaza izinkinga zabo kulaba abasebenza umsebenzi wabe seuyama. Kodwa ngakusasa umsebenzi waqhubeka, "abasebenzi bafika namaphoyisa, namasosha ukuzobuza ukuthi ubani obemise umsebenzi." "Ngakhoke", kuchaza uZikode, "ngoMgqibelo ekuseni abantu basivusa basisa lapho ukuyobona ukuthi kwezekani. Uma uhola abantu awubatsheli ukuthi benzeni, uyalalela, bakutshele ukuthi wenzeni. Sasingeke sibavimbe ukuba sake sajama babezohi "niyasidayisa" ngakhoke sahamba." Umhlangano wawuhleliwe nomnikazi efactory kanye nekhansela kodwa abafikhanga. Akuliangwa kodwa abantu bavala umgwaqo. Kwabe sekufika amaphoyisa. Ikhansela lashaya ucino lathi " labobantu bayizigebengu, ababoshwe." Salunywa izinja, sashaywa kwacaca ukuthi amaphoyisa amaNdiya awobandlululo, ashe ukuthi imijondolo yethu indinga umlilo. "Asinandawo, inini lethu alisebenzi, siyahola nje lapha. Amaphoyisa mayefika asenza izilima. Asikwazi ukuvimbela abantu- bayathukuthela. Bashisa amathayi nomattresses emgwaqeni. Bathi sihlukumeza umphakathi kodwa asazi muphi? Uma singewona umphakathi kantiubani umphakathi, thina siyini? USutcliffe ukhuluma kwiTribune ngathi kodwa akakhulumi nathi. Konke abakwenzayo ukuthumela amaphoyisa sonke isikhathi uma sicela ukukhuluma. Yimpi Ie, bayasihlasela. Wenzejani uma umuntu omkhethile ukuthi akumele ekubeza ngesigebengu uma umcela ukuthi akagcine izithebiso. Akakaza eze lapha kithina, asilwi sifuna ukulalelwa, sifuna ozositshela ukuthi kenzekani." Urnzobe uphatheka kabi, "ugogo wami weza lapha esuka eNanda Dam. Abantu babeqhamuka ezindaweni eziningi bezowashela amaNdiya. Umama wasifundisa ngokucosha am a-cardboards kadoti. Nganineminyaka engu-4 efika lapha. Namhlanje nginengane eneminyaka engu-15. Sonke lesikhathi ngihlala emjondolo ngisebenza kanzima. Asilwi namuntu sizama ukuhlala kodwa kuthiwa siyizingebengu. Asinankinga uma besakhela izindlu ezimbalwa ezingeke zanele wokumuntu, kufanele bazame. "Ukuthukuthela kuqhamuka ezizathweni eziningi. Uzikode, njengabanye abaningi, uzihola edayisekile , uthi, "abampofi babampofi kakhulu, abonothile banotha kakhulu. Yiwo lohulumeni esamvotela."
Abantu abaningi emphakathini bayaqiniseka ukuthi lezozidingo zomphakathi ezikhona- iholo nokunye- konke kuya ngokulunga. Ezinye izihloko ezibalulelule umphakathi ofuna ukuxhaswa ngokomthetho kuzo, kodwa okushaywa ndiwa ukunikwa amapustiki omgqomo nokwakhwa kwezinqanda jubane emigweqeni eseyidlule nemiphefumulo yezinane eziningi- eyodwa ngenyanga edlule. Kukhona nokungeneliswa ngenani elincane lama-toilets. UMzobe ulinganisa ukuthi angu-5 asebenzayo emndenini engu-1500. Besekuba yeli-dump. Abenzemvelo eClaire Estate nakwezinye izindawo bayayiphilusa iproject yeWorld Bank nokuthi idump ibanga izinga eliphezulu lecancer, iyanuka, ibhukeka kabi nokuthi indawo eyakhiwe kuyona eyayingayamaNdiya isahambisana nobandlululo. Okungaphezulu iWorld Bank ihlose ukusebenzisa idump kuleproject enempikiswano ukwakha imakethe yokuhwebelana namazwe omhlaba ngama-carbon. Emjondolo kukhona ukubazonda ngokohlanga abezemvelo. Kwabanye kungoba idump ibanika udingo zokuziphilisa. Kodwa ngaphezu kwalokho kukhona iqhaza lokuthi iWorld Bank seyeza yazochaza ukuthi yenzani abezemvelo abakaze baze. UMzobe uyakhononda ngokuthi "Siyabamema ukuthi bazosichazela lapha eholo ukuze sibendawonye, abezi. Babanemihlangano ezindaweni esingakwazi ukufunyelela kazoo Abasimemi kodwa bahlala bethi basimele."
Lokhu ukuvukela kwabahlali abahlonophayo futhi abathembekile. Lababantu benze konke abacelwe ukuthi bakwenze. Bayazinikela kuyo yonke imikhakha yokubonisana. Bayabanakekela abagulayo baze babize lemisebenzi nge-(home based care) Abaningi, njengophawula kwezifindiswa nochwepheshe, sebeze baphonsa ithawula ekhotholeni imisebenzi ukuze babe ngosomabhizinisi abafifisayo emnotheni. Lokhu kumbandakanya ukuqoqwa kama-cardboards, oplastic nezinsimbi ukukudayisa kwabakuganyayo ukuze kwakliwe kabusha (re-cycling). Bayakwamkela ukuthi lokhu kuzohamba kancane nokuthi kumele bazengamele bona inhlalakahle yabo. Bayisibonelo sobuphofu- njengokwemibhalo yeWorld Bank. Babhikisha ngoba bekholwa futhi bekwenza konke okulindelwe kubo kodwa basempofu. Bbhikisha ngoba ngesikhathi becela ukuthi ithemba labo lingacekelwa phansi kungesikhathi izifo zabo zokuhloniphela ziththwa njengobugebengu.
|
|
 |
 |
cast your net a little wider... |

|