 |
Publication Details |
 |

 |
Reference |
 |
ka-Manzi, Faith (2005) Akufanele sibaxwaye abaphila negciwane lengculazi. Centre for Civil Society : -.
|

 |
Summary |
 |
Bakithi sekuyisikhathi lapho sekufanele sazi kabanzi ngegciwane eliyisandulela ngculazi. Abantu bayathanda-nje ukuhti usubanibani unegculzi, kanti umuntu wenkosi uziphathelwe yisandulela ngculazi, okusho ukuhti ngolwimi lwasemzini, uHIV positive.
Kunomehluko omkhulu phakathi komuntu onesandulela ngculazi nalowo onengculazi, okusho ukuhti one- Aids. Umuntu ogulela ukufa onencgulazi, nolele embhedeni esekwembulwa kwembeswa ngaye.
Umuntu onesandulela ngculazi, yilowo ofana noNkosazana Musa Njoko, oMercy Makhalamele kanye nami, esiphila nalo futhi esikwaziyo ukulilawula. Abantu abanjengoMakhalamele sebeneminyaka bephila naleligciwane.
Sonke lapha eNingizimu Afrika sinejoka, singabantu besifazane nabesilisa lokuhti sibambe iqhaza lokwenza impilo yalabo abanesandulela ngculazi nasebeguliswa yileligciwanr bazizwe neyingxenye ebalulekile emphakathini singababandlululi.
Ngomunye nyaka lapha eNingizimu Afrika kwasuka omkhulu umsindo ngesikhathi kunegqungquthela yomhlaba mayelana nelesisifo ngesikhathi umongameli walelizwe uThabo Mbeki ethi akuyona iHIV edala iAids kodwa indlala.
Mhlawumbe kwakumele athi umuntu ompofu uma eneHIV, iyakwazi ukumbulala Ihiv, igcine isiyingculaza ngenxa yokuhti akanawo amandla okuzithengela izindingo ezingenza lehle izinga legciwane leAids. Kuchaza ukuthini-ke kodwa ukunika abantu imishanguzo yesandulela ngculazi, uma lowomuntu ezoba n enkinga yokuhtola ukdla okuzokwakha izicubu zomzimba.
Akusibo bonke Bantu abaguliswa yilesi sifo abakwaziyo ukuzithengela ukudla okwakha izicubu zomzimba. Yindlal phela eyenza ikakhulukazi abesifazane bazilahle kubantu besilisa ngoba bethembe ukuthi bozothola imali ngrnxa yakati elilala eziko ekhaya. Kuba lukhuni ukuhti udadewethu anqabe ukulala nendoda ingayigqokile ikhondomu ngenxa yokuhti uphoqwe isimo.
Yindlala futhi bakwethu ephoqa odadewethu ukuhti bahambe bedayisa ngimizimba yabo njengoba besingike ngasho ngenhla, ngenxa yendlala. Singakhohlwa phela bakihti ukuhti uma-nje umuntu wesifazane eseke wazala, akube kusabalua ukuhti ahlale-nje ekhaya asonge izandla.
Uyaphuma azame indlela yokuhti naye abone ukuhti wenzenjani ngesimo azithola kuso. Nawe uyazi-nje ukuthi uhlale utshelwa ukuhti “wean wazala, bona ukuthi wenzani”. Umkhuba omubi owenziwa ngamanye amalungu omphakathi esilisa nesifazane, ukuhti umuntu athi azi ukuhti usenalo leligciwane aqhubekele phambili azitike ngocansi nabanye abantu ngaphandle kokubatshela ukuhti unegciwane. Wena owenza njalo, izinsuku zokuba ngumbulali zikuphelele.
Ngisanda kuzwa ukuhti umuntu othelelwe igciwane ngumuntu ozaziyo ukuthi unalo, useyakwazi ukumbopha ngokuzama ukubulala. Ungakwazi futhi lowo muntu ukumthathela izinyathelo zokuhti mawufa, asale ondle izingane zakho noma umndeni wakho.
Mfundi othandekayo, uma uthanda ukuzitika ngocansi, cabangela isiqandamathe sakho. Sivikele nawe uzivikele. Ikakhulukazi intsha ikusasa lezwe likinina. Uma ningaqikleli, izwe lethu lophindela ezandleni zamankengane.
Nkosinathi's response
Dear All Ngiyavumelana noFaith ekutheni kusenesidingo esikhulu sokufundisa abantu ngegciwane eliyisandulela sengculaza. Lokhu akush ukuthi abantu abazi ngalesisifo, kepha kusho ukuthi ulwazi nzulu ngalesisifo alikakabi sezingeni eliphezulu kubantu bakithi. Ngizothanda ukuqagula izizathu ezisobala ezidala ukuthi abantu babe nolwazi olungebanzi ngaleleigciwane: 1. Yize ziningi izindlela zokuthola leligciwane, ucwaningo luveza ukuthi emhlabeni jikelele indlela yokuthola leligciwane ngocansi yiyo ehamba phambili. Siyazi ke thina bantu ukuthi indaba yokuthola isifo ngocansi siyithatha kanjani. Kunenkoleloze kumbe engalungile yokuthatha abantu abanaleligciwane njengabantu abangaziphethe kahle. Lokhu kuyingozi enkulu. Akumele sicabange ngalendlela.Ngikusho lokhu ngoba kunabantu besifazane abadlwengulwayo mihla namalanga abantu abazaziyo ukuthi baneleligciwane. Kungabe sithi labantu besifazane abaziphethe kahle na? Angikholelwa kuleyombudane. 2. Izimo zezomnotho kuleli lizwe Kunokuvumelana okukhulu kokuthi izimo zezomnotho kuleli leNgabadi zinomthelela omkhulu ekwandeni kwaleligciwane. Iningi labantu abampisholo baphila ngaphansi kwesimo esibucayi. Ngisho ububha. Lokhu kuyaye kunezelelwe ukungabibikho kwamathuba emisebenzi njengoba u Faith eqagulile. Kuphinde kudalwe izimo ezingagingiosi amathe ezadalwa ubandlululo labantu abamnyama ngamabhunu. Ucwaningo olusha lukuveza ngokusobala ukuthi bukhulu ubudlelwane abukhona phakathi kokwanda kwaleligciwane namazinga aphansi iningi labantu abampishlo abaphila ngaphansi kwalo. Ngisho uhulumeni angaba imishanguzo yaleligciwane kubantu abanalo leligciwane, leyomizamo ngeke isho lutho uma abantu bakithi besaphila ngaphansi kwesimo esibuswa indlala. Kunesidingo esikhulu ukuthi uhulumeni uyibheke ngeso elibanzi lendaba. Siphila ezweni lapho abantu abampisholo sebephenduke izincelebane izihamba zicela emigwaqeni. Ngesimo sezomnotho kulelizwe abantu abamnyama iningi labo abalwela ukuthola okuya ngasethunjini zonke izinsuku. Lokhu ukubanikezi ithuba elikhulu lokwazi ngalesisifo. Okunye ukuthi iningi labantu bakulelizwe bahlala ezindaweni ezisemakhaya. Siyazi ukuthi izimo kulezizindawo azigingisi amatha. Ububha budla umunyu. Iningi labantu kulezizindawo abawatholanga amathuba avamise ukutholwa abantu abasemadolobheni. Singabalula amazinga emfundo nezinqalasizinda ezingaholela ekutheni babe nolwazi olunzulu ngalesisifo. Okumqoka kakhulu U faith akuqagulile ukuthi kusenesidingo esikhulu sokufundisa abantu bakulelizwe ngalesisi sifo. Abantu kumele bayeke ukucwasa abantu abanegciwane lengculazi ngoba bangabantu nabo njengawo wonke umuntu. Ngiphinde ngikugcizelele ukuthi kumele izinhlanga ziyeke ukubuka lesisifo njenge sifo esiphethe abantu abamnyama kuphela. Sikhathele abantu belokhu bethattha abantu abamnyama njengezinto ekumele zicutshungulwe (researched) ngengculaza. Siyazi ukuthi zonke izihlanga zinayo lenkinga.Nazo ziyaludinga ulwazi ngalesisifo njengoba abantu abamnyama beludinga. Simele ukufundisa bonke abantu ngalesisifo ngaphandle kwenzuzo. Ngiyazi kamhlophe ukuthi namhlanje sinezinhlangano eziningi ezisebenza ngegciwane lengculaza kephe uma sizibheka sithola ukuthi akusiyo ingculaza eziyikhathatlele kepha ukwenza inzuzo ngokufa kwabantu. Lokhu kudinga ukulandelwa ngokubanzi. Abantu abaningi sebethole indlela elula youkwenza imali ngalesisifo. Sesikhathele. Sifuna abantu abaziyo ukuthi benzani Ace Ngcobo Sikhathele futhi abantu abatholakala sengatha bayayishwama indaba yabantu besifazane abadayisa ngemizimba. Lena yinto endala ezizweni zonke zomhlaba. Zikhona izibonelo ezikhona ngisho emandulo. Ziningi izizathu ezidala lokhu. Ububha nencindezelo yabantu abamnyama ngenye yezizathu ezingabalulwa. Into esingazikhathaza ngayo ukuthi singabavikela kanjani abantu besifazane abadayisa ngemizimba ekutheni bangalitholi igciwane lengculaza.Okuwukuthi impendulo ilele ekusetshenzisweni kwezivikeli. Ngikusho lokhu ngoba esikhathini esiningi abantu besilisa yibo abaphoqa amaprostitutes ekutheni angawasebenzisi amakhondomu. Luningi ucwaningo oselwenziwe ngaloludaba. Abantu bonke kumele basebenzisane njengoba U faith esho bayeke ukuzenza ngcono. Namhlanje ungamhleka omunye kepha kusasa kungaba nguwe. noNkosazana Musa Njoko, oMercy Makhalamele kanye nami, esiphila nalo futhi esikwaziyo ukulilawula. Abantu abanjengoMakhalamele sebeneminyaka bephila naleligciwane.
Sonke lapha eNingizimu Afrika sinejoka, singabantu besifazane nabesilisa lokuhti sibambe iqhaza lokwenza impilo yalabo abanesandulela ngculazi nasebeguliswa yileligciwanr bazizwe neyingxenye ebalulekile emphakathini singababandlululi.
Ngomunye nyaka lapha eNingizimu Afrika kwasuka omkhulu umsindo ngesikhathi kunegqungquthela yomhlaba mayelana nelesisifo ngesikhathi umongameli walelizwe uThabo Mbeki ethi akuyona iHIV edala iAids kodwa indlala.
Mhlawumbe kwakumele athi umuntu ompofu uma eneHIV, iyakwazi ukumbulala Ihiv, igcine isiyingculaza ngenxa yokuhti akanawo amandla okuzithengela izindingo ezingenza lehle izinga legciwane leAids. Kuchaza ukuthini-ke kodwa ukunika abantu imishanguzo yesandulela ngculazi, uma lowomuntu ezoba n enkinga yokuhtola ukdla okuzokwakha izicubu zomzimba.
Akusibo bonke Bantu abaguliswa yilesi sifo abakwaziyo ukuzithengela ukudla okwakha izicubu zomzimba. Yindlal phela eyenza ikakhulukazi abesifazane bazilahle kubantu besilisa ngoba bethembe ukuthi bozothola imali ngrnxa yakati elilala eziko ekhaya. Kuba lukhuni ukuhti udadewethu anqabe ukulala nendoda ingayigqokile ikhondomu ngenxa yokuhti uphoqwe isimo.
Yindlala futhi bakwethu ephoqa odadewethu ukuhti bahambe bedayisa ngimizimba yabo njengoba besingike ngasho ngenhla, ngenxa yendlala. Singakhohlwa phela bakihti ukuhti uma-nje umuntu wesifazane eseke wazala, akube kusabalua ukuhti ahlale-nje ekhaya asonge izandla.
Uyaphuma azame indlela yokuhti naye abone ukuhti wenzenjani ngesimo azithola kuso. Nawe uyazi-nje ukuthi uhlale utshelwa ukuhti wean wazala, bona ukuthi wenzani. Umkhuba omubi owenziwa ngamanye amalungu omphakathi esilisa nesifazane, ukuhti umuntu athi azi ukuhti usenalo leligciwane aqhubekele phambili azitike ngocansi nabanye abantu ngaphandle kokubatshela ukuhti unegciwane. Wena owenza njalo, izinsuku zokuba ngumbulali zikuphelele.
Ngisanda kuzwa ukuhti umuntu othelelwe igciwane ngumuntu ozaziyo ukuthi unalo, useyakwazi ukumbopha ngokuzama ukubulala. Ungakwazi futhi lowo muntu ukumthathela izinyathelo zokuhti mawufa, asale ondle izingane zakho noma umndeni wakho.
Mfundi othandekayo, uma uthanda ukuzitika ngocansi, cabangela isiqandamathe sakho. Sivikele nawe uzivikele. Ikakhulukazi intsha ikusasa lezwe likinina. Uma ningaqikleli, izwe lethu lophindela ezandleni zamankengane.
Nkosinathi Ngcobo Researcher Health Economics and HIV/AIDS Research Division (HEARD) Tel : +27 031 2603083/92 Fax: + 27 031 2602587 Web: www.und.ac.za/und/heard E - mail : ngcobon14@nu.ac.za
|
|
 |
 |
cast your net a little wider... |

|