 |
Publication Details |
 |

 |
Reference |
 |
Patel, Raj (2005) Abahlali base Mjondolo bafuna izindlu. The Mercury : -.
|

 |
Summary |
 |
Umhlaba wasenyakatho nogu owathathwa ngendluzula kufanele unikezwe izakhamuzi zakuleyandawo eziphelelwa isineke ezihlala emjondolo. Mawuhamba ngemoto enyakatho nogu ubona umhlaba owudedangendlale. Umhlaba owathathwa ngedluzula izinkinsela zikashukela, umhlaba olinywe ngezithuthuku negazi kuqanjwa amanga ukuthi abantu benziwa amakholwa kanti kuthathwa umhlaba wabo. Namhlanje lomhlaba sewenziwa izindawo zokudlala igalofu nalapho kuhlala khona badla izambane likampondo bevunyelwa umthethosisekelo ukuthi umhlaba womuntu onemali kufanele uqashelwe. Imiphumela yalokhu ingabe yimbi. EThekwini eduze kwalemiphakathi edla izamambane likampondo evukelekile kuvaleleke ngaphandle izinkulungwane zabantu ezidla imbuya ngothi. Labantu sebanele ilempilo.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule imiphakathi eminingi kulolonke izwe ivuke inje ebomvu ngokubhilikisha ngenxa yokuthi phezu kokuba sekweve ishumi leminyaka kwabakhona uhulumeni wentando yening, Sebekhathale ukulindela uhulumeni ukuthi ubaphathe ngenhlonipho.
Ayikho inhlonipho uhulumeni wase Thekwini aphethe ngayo izakhamuzi ezimpofu. Njengase Kennedy Road eClare Estate, kubahlali basemjondolo ukuthi bazoyiswa lekude eVerulam kude nasemisebenzini, nasezikoleni, nasezibhedlela kanye nezinye izidingo nqangi. Kodwa banenhlanhla bona, abahlali basemjondolo ngaphansana nje kwekhilomitha eQuarry Road bajeziswa ngokucela izindlu ngokuthii basuselwe izindlu zabo zangasese.
Isidingo esibalulekile kakhulu kubahlali basemjondolo ukuthi babe nendawo ezothile yokuhlala. Ngomhlangano wezakhamizi zaseKennedy Roda mhlaziwu 2 kuSeptember kulonyaka, omunye wezakhamizi uCosmos Bhengu wabuza uDerek Naidoo iDeputy City Manager ukuthi " Yini kuthi kunodedangendlale womhlaba umasipala ufune ukusiyisa kude le koVerulam?".
UNaidoo waphendula ngokuthi "Inkinga ukuthi uMoreland ungumnikazi wengxenye enkulu yomhlaba". Mayebuza ukuthi ngabe uMasipala uzowuthatha yini lowomhlaba, uNaidoo wathi "Sisakubheka lokho". UMoreland ingalo yezemihlaba yenkampani yakwaTongaat-Hulett.
Namhlanje benza ama-advert athi "bashintshe umoba bawenza enye yezindlela yokuthuthukisa ushukela eNingizimu Afrika futhi bayaziqhenya ngalokho". Kodwa umlando walenkampani kuncane ngempela okufanele uziqhenye ngakho. Umnyombo wengcebo yakwaTongaat-Hulett uqhamuka kwizinkinsela zikashukela ezathatha umhlaba ngobuqili zasezilanda abasebenzi baseNdiya ukuthi bazolima umoba.
uMnumzane uJames Liege Hulette owayengungqongqoshe wezindaba zabantu ekuqaleni kwecentury edlule wathutha abantu abaningi ebasusa emihlabeni yabo. Ingcebo yomndeni wakwaHulett wakhula kakhulu ngesikhathi sobandlululo futhi namanje noma sekunohulumeni wentando yeningi lomcebo awukathintwa.
Nempela lokhu kubenza babesesikhundleni samandla futhi sokwandisa ukuphatha umhlaba khona-nje sesiphila kuhulumeni wentando yeningi ngenxa yokuthi banemali eningi kwenza ikampani yakwaTongaat-Hulett ibengenye yezigwili ezingabangani noma abalingaani abatshala izimali kumasipala waseThekwini.
Ubuhlobo phakathi kosomabhizinisi nabaphathi beTheku bunika igama elithi ushintsho umbhekaphansi. Mawusufinyelela ngaseZimbali, uyobona abantu begqoke imvunulo yesiZulu, benikeza ngamaphepha athi ungawuthenga umhlaba. Amabutho akwaZulu aseshintshiwe, sekwenziwa imali ngemvunulo yawo.
Ngesikhathi izinkinsela zikhalaza nazo bezama ukugqiba amahlazo angesikhathi sobandlululo, izidingo zabangenawo umhlaba ziyadlondlobala. Izakhamuzi zasemjondolo zidinga ukuhlala lapho kunezindlu zangasese. Zifuna kuphele iminyaka yokungabinamhlaba ethi yona.
Kwizibhelu zangamuva, izakhamuzi zasemjondolo bezikhalaza ngokuthi awasule amakhansela kubekulokhu kuthiwa "Viva, ANC, viva".
Mhlawumbe zazikhumbula isikhathi lapho ukhongolse wawuhlale uzilungiselele ukuwulalela. Emaphephandabeni ngo 1993, iANC yanxusa "zonke izakhamizi zasemjondolo ukuthi zenze imvo zawo zilalelwe! 'Izinkinga zenu ngezami. Isixazululo senu ngesami' kusho uMongameli uNelson Mandela".
Namhlanje indlela lelidolobha eliphatha ngayo abahlali basemjondolo eyokubacwasa. Abanye babaphathi beTheku abacabangi ukuthi izakhamuzi zasemjondolo zihlakaniphe ngokwanele ukuthi zingazihlanganisela zizodwa imibhikilisho yazo.
Labaphathi bafuna ukubheca ngegazi iqembu elithile abalisola ukuthi yilona elihlela lemibhikilisho, njengoba bengaphumeleli ukutholela izakhamizi zasemjondolo indawo yokuhlala eThekwini.
Muva-nje uhulumeni ukhiphe isinqumo esigunyaza ukuthengwa komhlaba wamafama, phezu kokukhononda kwabalimi. Ukukhononda kukaMoreland akungabazeki ukuthi koba kukhulu kakhulu. Bayoqhosha ngokuvula amathuba omsebenzi kubantu abamnyama abacebile namaNdiya ababusa nabo kumabhodi enkampanini yabo.
Kodwa umangabe lokhu sekwenzekile sekusele amaNdiya, namakhaladi, abamnyama abangacebile, kuyobanzima ukuveza izizathu zokuqhubeka nokugodla odedangednale bomhlaba abathathwa ngabelungu ngesikhathi sobandlululo. Kungcono lomhlaba uvele usabalaliswe kubantu abanhlempu abahlala edolobheni.
|
|
 |
 |
cast your net a little wider... |

|