 |
nguAnsilla Nyar Ihunyushwe nguFaith ka-Manzi 3 March 2008
Kulungile, kade sikusho lokhu la eCenter for Civil Society ngangokuthi ungathi sesiyathemeleza! Kodwa noma ngabe simemeza kangakani noma sikusho kangaki, lesisimo esibi asishintshi: izakhamuzi zaseNingizumu Afrika ezimpofu nezinhlwempu azitholi usizo ngokufanayo kuhulumeni ezamvotelayo. Ukuhlungwa kwezezimali njengoba kwakucazwa uNgqongqoshe Wezezimali uTrevor Manuel, ngaphansi kwesisho esikhohlisayo esithi “sisonke ndawonye kulokhu”, kukukhombisile lokhu.
Nakuba uMauel eseqeda ishumi nambili leminyaka ephethe lesisikhundla akukho okusha akuvezayo. Konke usakwenza ngokucophelela. Usalinganisa imali eyongwayo nephumayo. Akakunqumanga ukuchithwa kwezimali zomphakathi. Kodwa ukuhlakanipha ngezezimali kufanele kukhombise uzwelo uhulumeni analo ngalabo abayizakhamuzi ezinhlwempu. Isizwe sikwazi ukwahlulelwa ngendlela esiphatha ngayo izakhamuzi eziswele kakhulu – abadala, abagulayo, izingane, abakhubazekile ngokwazi futhi nokuzimisela ngokubavikela. Ilapho ibhajethi ihluleka khona. Kufanele sikwazi ukuhlangabezana nobuphofu. Ibhajethi kufanele ibhekane kakhulu nezidingo zabampofu noma yona kungathi iyabaxhasa kodwa ngokuphela kosuku kuvele kugqame obala ukuthi ixhasa obani ngempela.
Masibheka-nje, ngokwesiboniso, into ebalulekile kakhulu yokuvikela abampofu ukuthi bakwazi ukuvikeleka lapho kufika izinkinga ezidalwa ukuhwebelana namazwe angaphandle. Ukunyuswa kancane nje kwamagrants ngeke kwenze abampofu baphile kahle ngoba ukudla kwenyukile, basazozwela kakhulu.
Ngakho-ke, ngesiboniso-nje, kulukhuni kabi ukuqagela ukuthi ukunyuka komxhaso wezingane kusukela kuR200 kuya kuR220 kuzekwenza mehluko muni emizini yabampofu. Esikhundleni salokho bazoqhubeke baphilele ukuthenga into ephelela emlomeni, ikakhulukazi uma sesibheka ukuthi eminye yalemixhaso yondla imindeni yonke, kunezingane lesuke ikhishelwe zona.
Okunye futhi ilokhu, ukwandiswa kweminyaka yomxhaso wezingane kuze kufike kwiminyaka eyishumu nesihlanu kusukela ngoJanuwari 2009, kuyinhlekisa. Akufanele ngabe izingane zethu sizivikela ngalomxhaso kaR220 ngenyanga, nomanje ize iqede isikole?
Ilapha-ke inkinga: sekuhlanganiswe nokuswela ukuhlakanipha kokwandisa lemali, ukuswela indlela ezoletha ukulingana emphakathini wethu. Umuntu uyaye amangale-nje ukuthi ukuhlakanipha okungakanani okudingekayo okungandisa lomxhaso wezingane. Ezinganeni zaseNingizimu Afrika sesike sabona inqubekela phambili emfundweni, ekunikeni izingane zezikole eziphansi ukudla kanye nokunye. Kodwa sidinga ukuhlakanipha okujulile ekwenzeni imigomo yentuthuko ezobhekana nokukhula ngokungabikhona kwemisebenzi, ubuphofu kanye nokungalingani kwempilo yezakhamuzi zaseNingizumu Afrika. Lemigomo iyonqanda ukwanda kwabantu abampofu uAshwin Desai ababiza “ngezihlupheki” abaphila ngokuswela okukhulu ukuthi babalekela lempilo yokuswela. Kodwa manje ukuthi nhloboni yemigomo ekufanele ibekhona nokuthi singanqanda kanjani ukuqhubekela phambili kobumpofu, kuyinkinga enkulu. Ukuhola uma abantu benemisebenzi indlela eqondile yokukhipha abantu esimweni sokuhlale bethembele ekuxhasweni. Sidinga futhi ukuthi sitshale izimali ekwakheni amathalente abantu ngokuthi bafunde futhi baqeqeshwe. Ibhajethi inayo imali eyikhiphayo maqondana nalokhu, kodwa okuyingxenye. Kodwa ayijuli okungenza ukuthi isimo sobuphofu saseNingizumu Afrika esisabekayo nesokungalingali siphele.
Into esemqoka ekufanele ngabe ibhajethi ibhekana nayo kakhulu ngabe ukuthi kulinganiswa kanjani ukuhwebelana namazwe angaphandle kanye nomnotho waseNingizumu Afrika okungakwazi ukusiza abantu abaningi abanhlwempu. Ibhajethi kufanele iphokophele kulemigomo. Ilokho-ke okuyofeza amaphupho ezakhamuzi zaseNingizumu Afrika. Sidinga ibhajethi ebhekene-ngqo nabanhlwempu.
English orginal article :South Africa needs a pro-poor budget By Ansilla Nayar
|