 |
Njengoba umhlaba ulindele ukubona ukuthi kwenzekani ngeZimbabwe, uPatrick Bond uthi izifundo kumelwe ziqashelwe ngengozi yabadla izambane likapondo phakthi kwenkohlakalo, nobudlova nesihula sababusi, kanye nabanye abasha abangeke bakwazi ukubekezelela ukuhlanganyela ngokubusa mandla kanye nokuhehwa abezomnotho bomhlaba.
Ukhetho lwaseZimbabwe langomhlaka29 kuMashi lwethuse abaningi, ngoba noma kwakubonakala sengathi uMongameli uMugabe angase aluthathe ukhetho, njengoba sekuke kwenzeka ngaphambilini, abaphikisana naye bebebaningi kakhulu. Seluzophela usuku langomhlaka3April asazi ukuthi mangaki amavoti awawinile, ngokwempela noma ngokwamanga njengokusho kweZimbabwre Electoral Commission (ZEC), kodwa mancane kunamaphesenti angamashumi amahlanu.
Okwaziwayo, njengoba ngibhala ukuthi izihlalo ezingamakhulu amabili neshumi endlu yasePhalamende awinwe ngoMorgan Tsvangirai weMovement for Democratic Change. Okusho ukuthi ubehola ehamba phambili kuneqembu IZANU-PF kaMugabe, no Arthur Mutambara owaqembuka kwiMDC owathola izihlalo eziyishumi nozimele uJonathan Moyo esala nesihlalo sakhe. (Ezinye izihlalo ezintathu zisazolwelwa ngenxa yokufa kwamalunga eMDC.)
Kodwa lezi ziyizibalo ezizisemthethweni, kodwa ubani ngempela owaziyo ukuthi amavoti abemangaki, uma sekukhishelwe obala ukukhwabanisa?
Uma sekubhekenwe nokugijimelwa umjaho kaMongameli – njengoba namanje izibalo zingakakhishwa iZEC – uTsvangirai uthi , wathola amavoti agu 1, 171, o70, noma phecelezi amaphesenti angamashumi anane nesishagalolunye, uMugabe wathola amashumi amane nane uMakoni wathola umsalela. (UMutambara wayalela amalunga akhe ukuvotela uMakoni.)
Imiphumela yamavoti eSenate kanye nomkhandlu ayikakakhishwa njengoba sibhala. Kodwa-ke, imiphumela esemthethweni yasephalamende ikhwabaniswe ngangokuthi ngoLwesine ekuseni iphephandaba eliphethwe uhulumeni iHerald lathi, “IZANU-PF iphumelele ngamaphesenti angamashumi amane nanhlanu yamavoti, iMDC kaTsvangirai ngamaphesenti angamashumi amane nambili, iMDC kaMutambara ngamaphesenti ayisishgalombili kanti amaqembu amancane kanye nabazimele ngamaphesenti amabili.” IHerald futhi yathi IZANU-PF ihlule iqembu leMDC likaTvsangirai eNingizimu yaseMatabeleland.
Noma sekubonakele ukuthi iZANU-PF isihluliwe ephalamende, lezizibalo zingenza uMugabe aphinde aphikise lolukhetho emva kwezinsuku ezingamashumi amabili nanye kusukela mhlaka29 kuMashi. UTvsangirai kanye nowayengingqongqoshe wezezimali uSimba Makon benza isethembiso ngaphambi kokhetho ukuthi uma lokhu kwenzeka bayohlangana, ngakhoke kulukhuni unkungaboni, uma lokhu kwenzeka uTvsangirai engamehluli uMugabe ehamba yedwa, qekelele.
UMakoni, naye futhi ogijimele ubumongameli engaxhasangwa, akazange akuthole ukuxhaswa umphakathi wabahlubuki bezombusazwe beZANU-PF, njengokusho kukaIbbo Mandaza.
Ukungaqikeleli kukaMakoni ngenkathi engenela ukhetho - mhlawumbe naye ethola amalunga alinganayo kumaqembu ahamba phambili – kubonakale namhlanje ekuseni. Umeluleki wakhe, lowo owayeyisikhulumi sikaMugabe uGodfrey Chanetsa, useyaqinisekisa manje ukuthi kuhulumeni omusha kanye nokuhlanganyela noTvsangirai, uMakoni ngeke “abe umsila. Umele ukuzohola.”
Njengokusho kwentatheli uFiona Forde, “ezingxoxweni ezifihlakele lapho bekuxoxiswana khona ngohulumeni wentando yeningi bekungeve-nje kuzobe kumelwe ukuphikiswana neMDC kodwa iZANU-PF noMakoni ethatha isihlalo esiphambili futhi enikwa namandla amakhulu.”
Nanko-ke umcabango kaChanetsa ongenamqondo : “amaphesenti ayisishagalombili ukulutheka. Abantu abaningi babesaba ukuvotela uSimba, besaba ukufaka iZANU ngomnyango ongemuva futhi belahlekelwa ithuba lokuxosha uRobert. Kodwa uma babengaxosha uRobert, ucabanga ukuthi bangabona uMorgan njengendoda ekufanele yenze umsebenzi?”
Ngasosonke lesisikhathi, kunomdanso womhlola owenzekayo phakathi kukaTvsangirai kanye namandla okubuswa eNyakatho. Ngokubika kukaReuters, iMDC iyohlomula ngoUS$2 wamabhiliyoni ngonyaka, ‘ekuxhaseni kanye nasekuthuthukisweni’ – okusho isikweletu esikhulu kanye nemiyalelo eminingi. Okunye okuyokwenzeka iloku, ukunqanyulwa kwezimali zabasebenzi bakahulumeni ukuze ibhange elikhulu laseZimbabwe liyeke ukushicilela imali eningi, okuyonyuswa izinga lokusetshenziswa kwezezimali. Kodwa okubi kakhulu ukwehla kakhulu kwezinga lezemnotho waseZimabbwe okwesikhashana, ngesikhathi izidingo ezingabalulekile zixhaphaka ngenxa yokungena kwezimali zaphesheya.
Abadlali abahamba phambili iInternational Monetary Fund, iWorld Bank, iEuropean Union kanye neUnited Nations. Akungabazeki futhi ukuthi neWhite House kaBush nayo iyambandanyeka kulezizinkulumo, okusho ukuthi uma iTvsangirai ekwazi ukuxosha uMugabe, kungabe sekwenzekile lokhu kulelisonto emhlanganweni wasentwasanhlobo weIMF kanye neWB eWashington.
Njengoba uTvsangirai akhetha ukululekwa yiInternational Republican Institute neCato Institute, lokhu kulindelekile. Okusho ukuthi izinhlangano eziningi ezizimele zomphakathi ebezixhase uTvsangirai kufane zibuye zihlangane. Uma kuphunyelelwe ngomhlaka 21April, kusho ukuthi amacomrades amaningi azogwinywa nguhulumeni omusha, lokhu singakukhumbula ngenkathi iMass Democratic Movement eNingizimu Afrika igwinywa uKhongolose.
Kodwa singaziduduza ngeKenya, imibiko ithi izimpi ezenzeka emigaqweni phakathi kwamakhulu abantu kanye namaphoyisa kukhombisa ukuthi imiphakathi ngeke yamukele ‘umbuso owengeziwe’ uhehe amaqembu ukuthi abe uhulumeni wentando yeningi. “Hayi ngaphezu kuka24” isiqubulo samacomrades athi kufanele imali ekhishelwa abantu yandiswe, hayi nje kukhuluphale ongqongqoshe’
Sisami kulowomoya, iNational Civl Society Congress yase Kenya kanye neKenyans for Paece with Truth and Justice namhlanje ikhiphe umbiko wokuhlanganyela kanye nokuhlakanipha. Ezinye zezikhalazo zabo ilezi, “iSADC kufane ibuyekeze umbiko wayo owanquma ukuthi ukhetho lwalunobulungiswa ngenkathi futhi bevala amadlebe abo ekungabikheni kobulungiswa kwezenzo zombuso weZANU-PF.”
Phakathi kokhetho olusabekayo ngoDisemba odlule lwaseKenya kanye nokhetho lwase Zimbabwe oluletha ithemba izifundo kumelwe ziqashelwe ngengozi yabadla izambane likapondo phakathi kwenkohlakalo, nobudlova nesihula sababusi, kanye nabanye abasha abangeke bakwazi ukubekezelela ukuhlanganyela ngokubusa kanye nokuhehwa abezomnotho bomhlaba.
|