 |
Publication Details |
 |

 |
Reference |
 |
ka-Manzi, Faith (2008) Intambo ayiyona impendulo, Mnumzame Mongameli kaKhongolose . Centre for Civil Society : -.
|

 |
Summary |
 |
Engathi Umongameli kaKhongolose uMnumzane Gedleyihlekisa Zuma akasakhulumi kahle manje. Ukhuluma ngokuthi ukujeziswa kwezigebengu ngentambo kuphinde kubuyiswe. Yebo izwe lakithi linenking enkulu yokwanda kobulelesi – ikakhulukazi ubulelesi bokunukubeza ngocansi, ukugqekeza, ukubamba inkunzi kanye nokunye okuhambisana nonya olwesabekayo.
Umongameli usemandleni okuthi ngenxa yesikhundla sakhe angavumela ukuthi kwenziwe ucwaningo olunzulu olungagidinga lengwadla esibhekene nayo. Ngokocwaningo lephephabhuku iAgenda kwisahluko esithi ‘Lets Stop rape in SA.’, kutholakale ukuthi “emva kokhetho lango1994 sakhula kakhulu isibalo seziboshwa eNingizimu Afrika. Ngonyaka ka1995 uwodwa-nje kwakuneziboswa ezingu111 090. Emva kweminyaka eyisishagalolunye lesisibalo sabe sesingu186 468 lokho kwenza ukuthi eAfrika yonke ibe nesibalo seziboshwa eziningi kakhulu ukwedlula wonke amazwe aseAfrika.”
Kuningi okwathenjiswa izakhamuzi zakuleli ngenkathi amaqembu ekhankasela ivoti yango1994. Amathemba abantu ikakhulukazi intsha yawabeka kuhulumeni omusha. Babethemba phel ukuthi kuzoqhamuka imisebenzi kanye nempilo engcono. Esikhundleni salokho kunokuba kuvuleke amathuba emisebenzi sabona amafemu evalwa. Sabona uhulumeni omusha evulela amazwe angaphandle ukuzohweba udede kuleli (Free Trade Agreements) kodwa ngaphandle kokubona amathuba emisebenzi anda.
Singakhohlwa ukuthi ngenxa yomlando wobandlululo ingxenye enkulu yezakhamuzi zakuleli zyifundile kuyaphi. Sase sibona-ke uma sekuvalwe amafemu? Ukwanda kobulelesi ngabantu abazama ukuziphilisa njengabanye. Labantu abenza lobubulelesi banesihluku ngoba sebenombola noma yini ethi khwasha ebanakala sengathi inemali. Ikakhulukazi abesifazane abangakwazi ukuzuvikela.
Saqala futhi sabona uhulumeni engatshali ngokwanele izimali ezikhungweni zemfundo ephakeme. Sabona manje ukuthi engathi kwamfundo ephakeme sekungeyezingane zabadla izambane likapondo kanye namaBEE types. Bakithi ubufakazi balenkinga bugcwele yonke indawo. Mihla-le izingane zakithi ziyabhikilisha zilwela imali yokufunda. Noma sezifundile lezizingane ayikho imisebenzi, kufuneka isipiliyoni. Umfundi ophuma esikhungweni semfundo ephakeme uzosithathaphi isipiliyoni? Bese zenzenjani-ke izingane, zijikele ebugebengwini. Iningi lezilelesi ezigqkeza amabhange nezikhwabanisayo zifundile.
Obani abahlupheka kakhulu uma intsha isigqunywe emajele? Abesifazane ikakhulukazi abamnyama – iningi labo elingasebenzi uma seligqigqela izingane zabo. Mhlawumbe uMongameli kaKhongolose kufanele azwele lebesifazane bebala lakhe ngokuthi kwenziwe imbizo yokuthi yini sithi sesiphila kuhulumeni wentando yeningi kunokuba ubulelesi bunciphe, bande. Yini lena eyenza ukuthi kuhulumeni obuswa uKhongolose kunokuthi kwande izifundiswa nabantu abahlonipha impilo yabanye nabazisa amalungelo abanye, kodwa kwande ubulelesi?
|
|
 |
 |
cast your net a little wider... |

|