 |
Publication Details |
 |

 |
Reference |
 |
Bond, Patrick & Naidoo, Orlean (Translation ka-Manzi, Faith) (2008) UKUPHUMELELA ENGXENYE KWEMIPHAKATHI. Centre for Civil Society : -.
|

 |
Summary |
 |
Ngonyaka odlule ngenyanga kaJuly, sabhala kwiEye on Civil Society sathi, “Abahluphekayo ibashaya kakhulu imithetho yamanzi yaseThekwini,” kodwa manje sekufanele sikuhoxise kancane lokhu.
Sikuhoxise ngoba ngakolunye uhlangothi, intatheli yeMercury uTony Carnie uxwayise ngendlela yokubusa kwalomkhandlu okuvuna abadla izambane likapondo: “Izakhamuzi eziningi zixinekile yindlela enthsa yokukhokhela izidingongqangi, kodwa izicebi kanye nezinkomponi zibe zibala izibusiso zazo.”
Ngakwenye ingxenye, kunezindlela ezimbili ezikhombisa ukuthi imiphakathi ingawuphoqa uhulumeni ukuthi ulethe amanzi.
Okokuqala isahlulelo esingungqophamlando sange30April eNkantolo eNkulu yaseGoli lapho amamitha amanzi akhokhelwa engakasetshenziswa kwenziwa kwaba ngukuphula umthetho futhi kwabuye kwathiwa umuntu ngamunye kumele athole amalitha angamashumi amahlanu amanazi mahala kanye ngosuku, njengokusho kwamalungelo abo kumthethosisekelo.
Lelicala lalihlanganisa abamangali abahlanu abayizakhamuzi zaseSoweto, inhlangano kazwelonke iCoalition Against Water Privatisation (CAWP), Centre for Apllied Legal Studies kanye nommeli uWim Trengrove. Bakwazi ukubonisa uMahluleli uMoroa Tsoka ukuthi agcine efake amanzinyo kusoMqulu wamaLungelo mayelana namalungelo amanzi.
Esinye isahlulelo esakhishwangaphambili kwelinye icala lika Grootboom ngoSeptemba ngonyaka ka2000 – lapho kwakuqinisekiswa izidingongqngi eziphuthumayo ukuthi zilethwe kwabampofu – imigomo ayicacanga kahle okwenza sangaba usizo kumalungelo omphakathi.
Okwesibili, ohulumeni bemikhandlu sebeqala ukuyetha ngenxa yengcindezi abayibekwa izinhlangano zezakhamuzi. Omakhelwane baseChatsworth eBayview, Crossmoor kanye naseWestcliff, ngokwesiboniso-nje, amanzi aseyagobhoza lapho ayelawulwa khona.
Isizathu salokho ukukhuthala ngokungazibeki phansi kweminyaka eyishumi kwenhlangano iFlatdwellesr Association, eyayixhswe iDurban Concerned Citizens Forum eyayihlanganiswe nguSolwazi uFatima Meer.
Sekubonakala Izithelo Amasu nezindlela ezimpini zamanzi ezazisetshenziswa kwakungukuphumela emigwaqeni kukhalazwa kanye nokuxhunywa kwamanzi ngokungekho emthethweni kanye nezingxoxo ezinzulu kanye neziphathimandla zomkhandlu.
Lezizingxoxo ziqale ukuba nemiphumela ngonyaka odlule, lapho umsizi wesiphathimandla somkhandlu uDerek Naidoo enza isivumelwano mayelana nodaba lokuxoshwa kanye nokuxhunywa kwezidingongqangi.
UMkhandlu waqala futhi ukukhanda amapayipi avuzayo kanye nogesi ongafakekile kahle kuwo wonke amaflethi. Ngaphezu kwalokho ukulungisa nokwenza kabusha ezinye izakhiwo kulabo makhelwane abathathu nakho kusendleleni, lapho kuxhaswe khona ngezigidi ezingamashumi amathathu nesishagalombili amarandi.
Izishoshovu zaseChatsworth ziphumelele kwezinye izimpi kodwa zisabhekene nezinye ngoba emva kokulungiswa kabusha kwalezizindawo umkhandlu uzokuqapha kakhulu ukusetshenziswa kwalezizidingogqangi. Njengoba kwenzekake-ke eMkhandlwini waManzi waseGoli lapho amamitha amanzi akhokhelwa engakasetshenziswaayefakwe eSoweto, hayi ezindaweni lapho kuhlala khona izigwili.
UMahluleli uTsoka wathi lokhu kungukubandlulula: “Angiqondi ukuthi yini lokhu kwenziwe ezindaweni ezihlala abantu abamnyama futhi abampofu ngokomlando hayi lezi ngokomlando ezihlala abamhlophe futhi abanemali. Ukuhluleka ukukhokhela isikweletu akusoze kwachazwa ngokwebala noma yindawo lapho uhlala khona.”
Ngokuphikikisa lokhu, umphathi weDolobha laseThekwini uMichale Sutcliffe waqaphela ukuthi iTheku layiziba lenqubo.
Asivumi ukuthi iyona ndlela yokwenza izinto,’ etshela iphephandaba iBusiness Day.
Sashiya phansi amamitha amanzi akhokhelwa engakasetshenziswa ngesikhathi sesingena kuHulumeni weNtando yeNingi.
Kodwa-ke uma izakhamuzi zifisa ukubeka icala umnyango wamanzi kanye nokuhlanza koMkhandlu waseThekwini, banagathola izindlela ezisezingeni eliphansi lokufakelwa amanzi enziwa ezindaweni lapho kuhlala khona abasebenzi kanye nabahluphekayo ngisho nezindlu zendle (amaurinary diversion –uds).
Akucabange-nje, izinkulungwane zamadrum amalitha amanzi angamakhulu amabili okwenza ukuthi umphathi wamanzi kulomkhandlu uNeild Macleod adume umhlaba wonke. Lamadrum akhombisa ukubandlulula ngebala kanye nangezitha lomnotho. Mangaki-nje akhona ezindaweni lapho kuhlala khona abadla izambane likapondo.
Umangabe abaholo bomkhandlu besivumela isicelo sakhe, uMacleod angaba nempendulo. Esikhundleni sokususa amalow pressure drums kufakwe amamitha ngokwejwayelekile ukuze bahlangabezane nezinga loMahluleli uTsoka, esikhundleni salokho umkhandlu uzophinde uwagcwalise amadrums njalo ntambama, kodwa ngamalitha ayikhulu engeziwe.
Kodwa Akukaneli Kodwa-ke, emakhaya enabantu abangaphezu kwesithupha lamanzi angamalitha angamashumi amahlanu umuntu ngamunye njengokwesincomo sabongoti bezimpilo bomhlaba, awaneleHowever, futhi lesisibalo yiso esasithenjisiwe kwiReconstruction and Development Programme ngonyaka ka1994..
Enye indlela yokunqamulela – kodwa enengozi kakhulu – ukuzama ukufinyezwa amanzi amahala kubala abaziwa njengama-indigent, indlela lena edumile yokukala abantu abampofu eyenziwa iWorld Bank. Kodwa-ke manje uma sesibhekana nobuthakathaka bamaholo alaba abahluphekayo abadayisayo, lokhu kungaphathisa ikhanda ukukwenza. Umuntu wesifazane ophila ngokudayisa utamatisa angalichaza kanjani iholo lakhe. Lokhu kubandlulula ngisho abafanele ukuzuza.
Esikhundleni, uMacleod usabheka ukusebenzisa indlu ebiza uR190 000 njengokukala ukuthi obani kuma-indigents othola amanzi amahala. Kodwa nalokhu kuzoba inkinga uma sibheka inkinga yomkhandlu mayelana namanani ezindlu kanye nenkinga ebhekene neNingizimu Afrika yonke ngendaba yezindlu.
Futhi-ke ngoba isibalo esihlala ezindlini asaziwa ekhaya ngalinye, lokhu kubandlulula imizi enemindeni emincane. Kodwa imizi enabahlali abaningi kanye nezintandane zengculazi ziwadinga kakhulu amanzi amahala engeziwe.
Izinhlelo zikaMacleod kufanele zicishwe ukuze zihambisane neRDP, umthethosisekelo kanye nesithembiso sikaKhongolose ngesikhathi sikhankasela ukhetho lwemikhandlu lango2000. “Zonke izakhamuzi,” kusho uKhongolose ngalesosikhathi, ziyothola “ isibalo esithile samanzi amahala, ugesi kanye nezinye izidingogqangi zomkhandlu ukuze sisize abahluphekayo. constitution and the ANC December 2000 municipal election promise. All residents will receive a free basic amount of water, electricity and other municipal services so as to help the poor.
Laba abasebenzisa isibalo esevile kumanzi amahala kofanele bakhokhele lawomanzi.”
Ukwanelisa zonke “izakhamuzi’ kungenziwa ngokubalwa umuzi ngamunye, ukuthi zingaki izakhamuzi, ngokusebenzisa omazisi nezinye izindlela zokwazi abantu ezingahlolwa kanye ngonyaka, ukuze kungabibikho ubugebengu.
Ukulwa nesifo sohudo, neKholera kanye nezinye izifo ezidalwa amanzi angahlanzekile, futhi kwenziwe ukulingana phakathi kobulili (ngoba abesifazane abazwela kakhulu lapho amanzi engenele), sidinga ukuthola ilungelo lomhlaba wonke.
Kufanele kukhokhelwe ngokuxhasana okuphambanayo:ukunyuswa kwamanzi kulabo abawasebenzisela ukuzijabulisa. Labo abasebenzisa amanzi anagaphezu kwamakhilolitha angamashumi amathathu indlu ngenyanga, ngokubona kwethu, bawasebenzisa ngokumosha kakhulu, futhi kufanele bawakhokhela kakhulu ngokuba negunya lokuwamosha kangaka amanzi ngesikhathi lapho amanzi enciphascarcity.
Kufanele isahlulelo soMahluleli uTsoka siqashelwe yizikhulu zeTheku ukuze bavimbe ukuphoxeka kanye nemali eshisiwe abangayikhipha uma beyiswa enkantolo, okungenzelwa ukuthi kukhunjiswe izethembiso ezenziwa ngabezombusazwe bakaKhonglose.
Ngalenkathi uSutcliffe noMacleod begxekelwa ukunganelisekile ngokuhlanzwa komkhandlu kanye namapayipi anqamukile okungcolisa ulwandle lwethu oluhle, ukwengeza amanzi amahala kungakhombisa isihe nokuba nokuhluzeka komqondo.
UPatrick Bond ungumqondisi weCentre for Civil Society eUKZN. UOrlean Naidoo uyisishoshovu somphakathi waseChatsworth kanye nesivakashi saseCCS
|
|
 |
 |
cast your net a little wider... |

|