 |
Publication Details |
 |

 |
Reference |
 |
Bond, Patrick Zulu Translation ka-Manzi, Faith (2008) Imiphakathi kumele ilwe nokuhlukunyezwa kwemibuso (Civil society must confront abuse of power). Eye on Civil Society column (The Mercury) : -.
|

 |
Summary |
 |
Isonto elidlule ziningi izigigaba ebezenzeka kwababusa ngezambane likapondo futhi okunyuse izinga lokulwa nokuxhashazwa kwemiphakathi.
Uma siqalaza umhlaba wonke, sibona ngenye indlela kunokujwayelekile.
Okokuqala ukuwa kweNew York stock market bekukubi kudlula ukuhlaselwa kweMelika ngoSeptember 11 2001, lapho bonke abatshali zimali babhekene nokuwa noma ukuphuma baphele.
Iminyakeni eyishumi nane eyedlule, bona labatshali zimali bacindezela uhulumeni omusha kaKhongolose (ngakubona ngamehlo lokhu ngenkathi ngisebenzela uJay Naidoo ohlelweni lwe-reconstruction nedevelopment). Ngalesosikhathi uThabo Mbeki owayeyisekela likamongameli wezwe wayala izikhulu zezwe ukuthi zinikeze abezimakethe izindaba ezinhle.
Kuwo lowomoya, ngonyaka odlule, abatshali bezimali baseNew York iMerrill Lynch yaba nomhlangano owawuthi awufane nokubuzelwa umsebenzi noJacob Zuma eSandton.
Njengokubika kweBusiness Day ngaleyonkathi, “ inkulumo kaZuma kubatshali bezimali yayibhekene nokybaqinisa idolo ngokuthi asikho isidingo sokuthi ezezimakethe ‘sixege’, noma ngabe uthini umphumela wokhetho lukaKhongolose ngoDisemba ePholokwane, kusho omunye umsizi kaZuma.”
Manje akubheke ukuthi kwenzekeni eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu njengoba uMbeki esebukeka emubi.
Ukuhlangana kwezinhlangano, ikakhulukazi eyabasebenzi, abebeseka umuntu osolwa ngokwenza umkhonyovu bebekwenza ngenza yobuhlungu obudalwe ukungenela kukaMbeki emabhange okutshalwa kwezimali, njengoba yena benoManuel benyuse ukungabikhona kwemisebenzi kanye nokwenza sibe simbi kakhulu isimo sokungalinganwa.
Kwenzekeni-ke ukulezizimakethe lapho igazi eliningi lezakhamuzi zaseNingizimu Afrika liphelele khona. Ukugembula ngezindawo zokuhlala, iMerrill Lynch ilahlekelwe ngu82% wamasheya ache kusukela kuqala u2007, ngaphambi kokusizwa ngo $50 billion (R407 billion) yiBhange laseMelika ngeSonto.
Abanye futhi abanezikweletu ezimbi, ngoLehman Brothers asebevele balahlekelwa yizozonke izimali zabo, behlanganyela neAIG kanye nenkampani enkulu yezimali yaseUS iFannie Mae kanye Freddie Mac.
Impi Lesisikweletu sempi singu$3 trillion (R24.5 trillion), inhloso yaso kwakungukuqola uwoyela waseIraq, ngale kwemizamo yemiphakathi elwela ukuthula, ngisho nokubhikilisha kwabantu abayizigidi eziyishumi nanhlanu ngoFebruary ka2003.
Akesibheke enyakatho-nempumalanga eNigeria. Ngenxa yomona yeMelika ngamafa ambiwa phansi , enye yezinhlangano zomphakathi iEnvironmental Rights Action (Era) yasePort Harcourt ikhathazeka ngokuqala phansi kwempi esibuyisela emuva ngeminyaka eyishumi nanhlanu, lapho isizwe sikaKen Saro-Wiwa amaOgoni ezabalaza ezama ukuxosha inkampani kawoyela eNiger Delta iShell Oil ngaphandle kokuchitha igazi.
USaro-Wiwa wabhekana nehulumeni owayenencgindezi amasosha awo abizwa nguShell ukuthi azombulala ngokumqambela amanga ngo1995, angalalela noma uNelson Mandela emnxusela.
NgeSonto elidlule, iqembu elinamandla lamavukela umbuso, iMovement for the Emancipation of the Niger Delta, yathumba abasebenzi ababili bakawoyela baseNingizimu Afrika kwathi ngoMsombuluko yaphoqa iShell ukuthi isuse ababasebenzi abayikhulu ezakhiweni zenkampani, futhi yabatshela ukuthi zonke izinkampani zamazwe angaphandle kumele zithuthe kuleyandawo.
Ngaleyonkathi, umqondisi weEnvironmental Rights Action uNimmo Bassey wayekade akanye nezinye izishoshovu ezilwisana nokungcoliswa komkhathi zaseAfrika ebiseThekwini, okungumhlangano obugqugquzelwe igroundWork yaseMgungungundlovu engumngani we Environmental Rights Action kumfelandawonye weFriends of the Earth.
Umgomo kaBassey ukugcina uwoyela usemhlabathini. Ukukhokhela ukungcoliswa komhlaba wakulelalizwe ngowoyela, iEnvironmental Rights Action ifuna ukuthi amazwe aseNyakatho akhokhele umonakalo wamazwe aseNingizimu.
NgoLwesihlanu olwedlule, ngaphambi kweseminar ebisesikhungweni semfundo ephakeme saKwaZulu-Natal, lezizivakashi zivakashele eWentworth ziholwa yi South Durban Community and Environmental Alliance, zime lapho kuvuza khona amapayipi kanye nezindawo ezihamba phambili ekungcoliseni umkhathi okwenza lendawo ibe nezinga eliphezulu lomdlavuza weleukemia kanye nesifo sofuba. Lokhukuhlanganyela khona maduze-nje kuzimisela ngokumisa ipayipi lezigidigdi azingamashumi ayisihlanu zamarandi nguTransnet kawoyela ozosuka eThekwini uqonde eGauteng.
Ngaphandle nje kobandlululo lokwakhiwa kwalelipayipi eligwema izindawo ezihlala abamhlophe ngamakhilomitha angamakhulu amabili ngaseningizimu kunezinye futhi izizathu eziqhamukile ezizokwenza icatshangwe kabusha lendaba yalelipayipi:ukushintsha kwesimo sezulu, ukugcwala kwezimoto emigwaqeni yaseGoli, kanye nokungabi nombono kwabezombusazwe ukwakha enye indlela yokuthutha umphakathi ngaphandle kwendlovu emhlophe yabadla izambane likapondo iGautrain.
Kunokuba kubhidlizwe lelipayipi likawoyela eliya eGauteng, ngaphambi kokuthi lakhiwe ngezindlela ezisemthethweni, ezingenalo udlame, izishoshovu zaseSouth Durban zicabanga ukuthi, kungavimbeka okwenzeka eNiger Delta njengemililo emikhulu eke yaba khona kusukela eBluff, phansi eWentworth kanye naseMerbank ngonyaka odlule. Ngaleyonkathi kanti namanje. Izikhulu zomkhandlu zahluleka ukusiza abahlali baseSouth Durban, ngokungaphumeli obala nohlelo lokuthutha ezimweni ezinje.
Uma uqhubeka ubheka ngaseningizimu eWild Coast, lapho kunokungqubuzana phakathi kwezakhamizi kanye nohulumeni sekwenze izinhlelo zezinkampani zokumba zingaphumeleli.
Emasontweni ambalwa edlule, okhulumela umnyango wezokumbiwa phansi kanye namadla uBheki Khumalo wathi ekhuluma esePitoli uhulumeni ubhekelele zonke izimo ezingenzeka. Kodwa emva kokuyalwa kanzima ngoLwesihlanu olwedlule eXolobeni, uNgqongqoshe wezokumbiwa phansi namandla uBuyelwa Sonjica unqume ukuthi uhlelo lomsebenzi wezigidigidi zemali awuhlelekile ngokugculisayo.
Ukuzihlambulula Inkosi yamaMpondo uMpondomini Sigcau utshele uSonjica ukuthi maayisuse imvume yokumba kuleyandawo, ayinika ngaphandle kokubonisana nayo iMineral Resources Commodities yaseAustralia kanye neXolobeni Empowerment Company yabamnyama ngenyanga kaJuly.
USonjica ukhulume iqiniso ngoLwesihlanu olwedlule wathi,” Ngiphoxekile ngoba izinto eziningi ezikhulunywa namhlanje angizazi.” Njengabaphathimandla abaningi akazange awulalele umphakathi, ikakhulukazi iAmadiba Crisis Committee kanye neWildlife and Environment Society yaseNingizimu Afrika esikhundleni salokho, esikhathini esingangenyanga esidlule, walwa nommeli womphakathi, uRichard Spoor, ngenxa yabala lakhe.
Ake sibheke kancane iZimbabwe, lapho izikhalo zomphakathi zizithswa yilabo abazohlanganisa ababusi, ikakhulukazi umongameli waseNingizimu Afrika.
Esikhundleni sokulale imibono kahulumeni ongavuni muntu kanye nohlobo lomnotho ofana neRDP njengoba kwakusho umphakathi ngeNational People's Convention eyayingoFebruwari, kwenziwe isivumelwano esiyincikinciki esizogcina uRobert Mugabe engumongameli ukuze kubuye abatshali bezimali.
Ngabe uMbeki kumele anconywe kakhulu ngalokhu, njengoba kubhalwe ephepheni iMercury?
Akubheke ukuthi umholi wenhlangano yomphakathi yaseZimbabwe uElinor Sisulu uthini ngalokhu: ‘Ukube bengihleli esihlalweni sikaMbeki ngabe ngenze ngenye indlela. Ngabe angizange ngancengana nekhehla elidala elibusa ngendlovuyangena. Ngabe angizange ngizibe udlame olwenziwe kubantu baseZimbabwe. Ngabe angizange ngizibe umbiko wezikhulu zami kodwa ngabe ngenze konke okusemandleni ami ukulwa nabasusi bothuthuva.”
Ngabe uhulumeni waseZimbabwekumele ulandele uvo lukaRoelef Horne weInvestec wokuthi abasebenzi baseZimbabwe babophe amabhande abo noma balalele abahleli beMercury ukuthi benze imithetho enzima, behlise ukusetshenziswa kwemali nguhulumeni nokunye ukuze bathole ukutshalelwa izimali zangaphandle?”
Ngeke kwenzeke umangabe umphakathi uzolwa nokuthi ungaphathwa yingcindezi yabadla izambane likapondo.
|
|
 |
 |
cast your net a little wider... |

|