 |
Publication Details |
 |

 |
Reference |
 |
Phoswa, Zethu (2008) Inzima impilo emphakathini wase – Cato Manor. ILANGA langeSONTO : -.
|

 |
Summary |
 |
Sinzima isimo emphakathini ohlala emijondolo yaseCato Manor, okuyindawo esondelene kakhulu nedolobha laseThekwini. Lendawo isiphenduke ikhaya lezintandane ezidalwa yigciwane lesandulela ngculazi nesifo sofuba njengoba kuthiwa lezi zifo zidla kule ndawo.
Izingane zakhona ezineminyaka engaphansi kweminyaka eyisithupha ubudala yizona eziphantela onina abagulayo ukudla abazolal bekudlile. Lezingane ezincane zibonwe yiLANGA ngesikhathi zibambe ulayini wokuthola ukudla okunikelwa yiBandla laseSalvation Army okufika kanye ngesonto, omgazi ukuthi ngezinye izinsuku kulalwa kudliweni. Uma ukhuluma ngale ndawo ehlala abantu abahlwempu, isizinda zezifo ezithathelelanayo ezibhebhethekiswa yisiminyaminya, ukumbondelana nenhlanzeko engabonwa njengoba kugcwele amanzi angcolile phakathi nalemijondolo ehlala abantu.
Izinga labantu abangasebenzi liphezulu kakhulu, kanti izingane zakhona azifundi ngenxa yokuntuleka kwemali futhi ezinye kungenxa yokunakekela abazali abagulayo. Uma ungena kulendawo uhlangatshezwa yiphunga eligqabula ikhanda, nokuxakayo ukuthi abantu abahlala khona nsuku zonke baphila kanjani. UNks Zodwa Mgandela ongumhlali kulendawo nobuye abe ngunompilo uthi lendawo isiphenduke isizinda segciwane lengculazi nesifo sofuba esibhebhethekisa kuhle komlilo wequbula ngenxa yokuminyana nokumbondelana kwabantu.
“Lapha sibhekene nengwadla enkulu yokubhebhetheka kwezifo ezithathelelanayo, okubalwa isifo sofuba, utwayi oluhlasela kakhulu izingane, igciwane lesandulela ngculazi, kanti asikho isifo esifikayo esingadluli singangenanga kulo mphakathi. Umphakathi wakulendawo into oyilambele kakhulu yindawo yokuhlala ekhululekile ukuze ukwazi ukuqinisekisa impilo ephephile engenazifo futhi bakwazi nokuthuthukisa izinga lenhlalo yabo,” kuchaza uNks Mgandela.
‘Emjondolo owodwa kwesinye isikhathi uthola kuhlala abantu abalinganiselwa ku-12, lapho-ke kulula ukuthelelana ngalesisifo. Abantu abagulayobaphuza amaphilisi bengadlile ngenxa yokungatholi ukudla ngaphambi kokuthi baphuze amaphilisi, okuyikhona okuholela ekutheni bangalapheki kalula,” ebalisa eqhuba ethi: Ayikho indawo yokuchitha amanzi njengoba uzibonela kugeleza amanzi angcolile. Lokhu kwenza kuhlale kuxhutha phakathi kwale mijondolo. Angisayiphathi eyephunga esesiphila ngalo nsuku zonke,”. Ubuye wakhala ngentuthuko kule ndawo ehamba ngonyawo lonwabu, nathe bayethemba ukuthi mhlawumbe njengoba sekushintshwe ikhansela kuzoba ngcono.
IBandla leSalvation Army lathatha isinqumo sokupha lomphakathi ukudla njalo ngoLwesithathu isobho nezinkwa, kanti babuye banxusa ukuthi uma kukhona ongakwazi ukubalekelela noma yingesithelo ngaphezulu bangajabula kakhulu.
“Lendawo inomlando wokuba nhlwempu yingakho sabona isidingo sokuthi okuncane esinakho sisize ngakho lomphakathi ngenhloso yokwenza umehluko ezimpilweni zabo, nakuba kungasigculisi ukubapha ngosuku olulodwa. Ngemuva kokubona isibalo esiphezulu sezintandane nokuhlasela kwezifo sabe sesitshala onompilo abazosiza kulendawo. Zonke izinsuku esikoleni siyaye sihambise izinkwa ezigcotshiwe ukwenzela ukuthi lezi zingane ezisuka emakhaya zingadlile zingabi nankinga yokungakwazi ukubhekana nokufunda,” kuchaza uKaputeni waleli Bandla.
UNkk Gloria Borman oyikhansela ukuqinisekisile ukuthi uyazi ngaloludaba kule ndawo, wathi nakuba kunzima ukuqeda iphunga kule ndawo kodwa sebezamile ukuhlanza lendawo ngenhloso yokwenza izimpilo zalo mphakathi zibe ngcono. “Selokhu ngaqala ukuthatha izintambo zobukhansela kule ndawo ngonyaka ka2006 ayikho indawo engiyinake njengale. Lendawo sikwazile ukufaka uhlelo lokuthathwa kukadoti njalo ngoLwesibili futhi satshala nabantu abahlanza lendawo ngokucosha udoti phakathi nezindlu zabantu,” kuchaza ukhansela Borman.
Uthi basezinhlelweni zokwakha izindlu ezilungele umphakathi njengoba sebeqalile ukuzakha ezinye ukuze bahlaliswe kuzona.
|
|
 |
 |
cast your net a little wider... |

|