 |
Publication Details |
 |

 |
Reference |
 |
Bond, Patrick & Hinley, Rebecca & Meth, Oliver Translation ka-Manzi, Faith (2008) Amalungelo esintu avele agqitshwa (Human Rights have been drowned). Eye on Civil Society (The Mercury) : -.
|

 |
Summary |
 |
Ukuxinwa ngumphathi weTheku uMichael Sutcliffe – kanye nokuza kweWorld Cup 2010 – kubonakala kungezinye zezizathu eziholele amaphoyisa kamasipala ukuthi axoshe izifiki ebezikhoseliswe eAlbert Park ekuqaleni kukaNovemba. Abantu abangamashumi amane nesikhombisa, ikakhulukazi abesifazane nezingane, baqhamuka eDemocratic Republic of Congo. Izinyanga ezine abazihlale maphakathi neTheku bezibuhlungu kakhulu futhi iCentre for Civil Society ikwazile ukukhombisa lokhu ngombukiso wezithombe obizwa ngokuthi, We’re still here!, phecelezi Sisekhona futhi eziningi zalezizithombe zaqoshwa ngomun ye walabahlali uDelphin Mmbiya. Ungaya nawe uyozibonela esikhungweni seNyuvesi yaKwaZulu-Natal esakhiweni esaziwa ngokuthi iMalherbe noma uvakashele iwebsite yethu (http://www.ukzn.ac.za/ccs) Kodwa kulamasonto adlule labafiki abaebehlala eAlbert Park sebehambile, ngokwehlukana futhi bayaqinisekisa ukuthi “iTheku liyisihogo”. Oyedwa wabo, uAkil Kabila, wabaleka ngenkathi behlaselwa kungumgqibelo waya ePitoli – ngaphandle kokuphumelela – eyoncenga izikhulu zeNhlangano yeZizwe. Abangamashumi amabili nane babalekela eBotswana, abanye abaziwa ukuthi bakuphi, ngoba bazama ukuziphilisa ngasese. Okwesine labantu behlaselwa: okokuqala njengabafiki abavela lapho kunokuchithwa khona kakhulu kwegazi (lapho sekufe khona abantu ababalelwa kwizigidi ezine), base bexoshwa emizin yabo ngodlame olusuke ngoMay; kwase kuba ngamaphoyisa emasitebhisini emahovisi omkhandlu ngenyanga kaJuly lapho bahlangana khona okokuqala noSutcliffe; futhi manje besebephila ngokushaywa ngamaphoyisa abasusa abayisa eAlbert Park enzinyangeni ezinhlanu ezedlule. Lokhu kusenza sikholwe ukuthi amaphoyisa anobudedengu futhi aodlame olungalawuleki. Sakhuluma namaphoyisa aphethe ngokuhlaselwa kwalabantu ngokuqala kwalenyanga, lapho uAziza Wilongdja wayiswa esibhedlela. Lomama onabantwana abayisithupha usebalekele eGaborone. Elinye iphoyisa esakhuluma naloemva kokuba sebecekele phansi impahla yalabantu lathi “u2010 usuzofika ngakho-ke abantu abaqhamuka kwamanye amazwe kufanele babone iNingizimu Afrika ehlanzekile, enganabantu abantantayo , futhi enganabo abadayisi emigwaqeni.” Umbuzo:Banitshela ngamalungelo abantu, ukuhti uma benisusa kufanele kube khona lapho bezonibeka khona? Impendulo:Yebo. Kodwa ngizokutshela into eyodwa ngomthetho kanye nomthethosisekelo walelizwe – ngiyawazi kakhulu. Ukuthi-nje ngesinye isikhathi, uvele utshingwe olwandle olujulile lapho ongeke ukwazi ukubhukuda khona. Umbuzo: Namalungelo abantu asecwila nawe? Impendulo: Yebo nawo acwile olwandle. Noma ngabe ukwazi kangakanani ukubhukuda, ngeke ubhukude ngoba ungufishi omncane olwandle olujulile lapho abafana abakhulu, oshaka, oshaka abamhlophe, bebhukuda khona. Umbuzo: Futhi unesiqinisekiso ukuthi kufanele ulandele(ukukhishwa kwabantu) ngoba umyalezo oqhamuka kwisikhulu esphezulu – uMike Sutcliffe? Impendulo: Ngiyabonga, ngiyabonga kakhulu. Kulezozinsuku uSutcliffewabiza labantu ngezigebengu. Ezinyangeni ezedlule, watshela iMail&Guardian ukuthi yena wayelelwa amalungelo abantu phecelezi iMarxist geographer.Nathi siyizifundiswa futhi lokhu sibona kuyinhlamba ukuxosha abantu abahluphekile kanye nezifiki. Ngokwesiko likaMarx kufanele kuthuthukiswe abantu futhi kuvalwe izikhali zokungalingani. Ngezinyanga ezidlule umbiko weNhlangano yeZizwe uthe amadolobha aseNingizimu Afrika anokungalingani okukhulu emhlabeni wonke. Lohulumeni uyathanda ukukhuluma sengathi unendaba nabantu kodwa lokhu bakwenza ngokushintsha imigwaqo njengoMoore Road osunguChe Guevara. Kodwa abantu aaningi bebe behlukumezekile ngemizamo yabo ukuzohlala edolobheni laseThekwini lapho bengazama khona ukuziphilisa. Abantu abakade behlala eAlbert Park baqhamuka ezweni lomkhiqizo esiwusebenzisa kakhulu, icoltan eyenza omakhalekhukhwini. Futhi umangabe izimali zethu zomhlalaphansi zitshalwekuAngloGold Ashanti, kusho ukuthi senza kakhle empumalanga yaseDRC. IAshanti yathola malungelo okumba angamakhilomitha ayizinkulungwane ezimbili ngonyaka ka1996 kusabusa uMabutu SeseSeko owayebusa ngendlovuyangena. Ngonyaka ka2005, Abaqaphi baMaluneno Bantu babika ukutshalwa kwezimali iAngloGold Ashanti kwiziqhwaga zempi zeNational Intergration Front. “Ukuba khona kwethu lapho ukuzothola nokuzokumba igolide elinenzuzo,” kuchaza owayeyisikhulu ngalelsosikhathi, uBobby Godsell (manje oseyisikhulu sakwaEskom). Amaphutha ayokwenzeka. Ngokusesha kukaMichael Deibert weCorpWatch, kumbiko kaNovemba 2007 ayewenzela Umnyango Wezokumba waseCongo wathola ukuhti ukungabikhona kokuphumela obala kukaAshanti Goldfields mayelana nekontileka yabo kwakungukuphula umthetho waseCongo futhi kwakufanele kubuywe ivakashelwe lenkontileka. Ukunxeshezelwa Ukunxeshezelwa kweDRC nguhulumeni waseNingizimu Afrika kufanele kuxoxwe. Umbuso kaThabo Mbeki wasebenza kakhulu utshala izindlu zombu eDRC, futhi waze waboleka uhulumeni aseKinshasa ngoR760 wezigidi ngo2002 ukuze ukhokhe isikweletu seInternational Monetary Fund sesikweletu seminyaka ka1970 kuya ku1980 esadalwa kuMobutu, ukuzeizindlu zokumba igolide zaseGoli zikwazi ukungena kalula eDRC.Lombiko weNhlangano YeZizwe ubla izimboni ezimbalwa zaseNingizimu Afrika ezazintshontsha eDRC ngesikhathi sempi, kodwa akukho okwenziwa ngalokho. Emahovisini abo asePitoli, Inhlangano Yezizwe yanika abantu baseAlbert Park izinyanga ezimbili kuphela imali yokudla kanye nokukhokhela ukuhlala abayinqaba ngoba leyomali yayincane kakhulu ukuthi yayingakhokhela ukuhlala futhi ngoba kwakunezidingo ezibalulekile kakhulu ezazisekhona: njengokuvikeleka kanye namalungelo abantu.Ukucaswa kwakungeyona nje inkinga yesikhashana kodwa inkinga ejulile kakhulu ebahlupha nsuku zonke. Njengoba sebeze babaleka bayocasha. Abanye abahlukumezekile kulelidolobha kulezizinyanga yilaba: abadayisi abangaphezulu kwamakhulu ayisikhombisa ababoshwa ngosuku olulodwa ngonyaka ka2006; abashayeli bamabhasi abangafuni lenkampani yenziwe eyangasese kanye nabaHlali baseMjondolo abanqatshelwa ilungelo lokubhikilisha; ukususwa kwezingane nabesifazane abacela izimali emigwaqeni; ukuhlukunyezwa kwabadayisa ngemizimba; amadobi bofishi, abasebenzi abahlala eSouth Durban Basin, abagetshengwayo eWentworth zindaweni zakomazithanqaze, njalonjalo. USutcliffe akazibongele okwamanje ukuthi izinhlangano zemiphakathi zisahlukene phakathi okwamanje.
|
|
 |
 |
cast your net a little wider... |

|