 |
Iziphathimandla zihlukumeza amalungelo abantu abaningi okuteleka, okusanda kwenzeka nje ilungelo labantu basemaQadini ukuthi baveze uvo lwabo ngesikhathi seDuzi canoe marathon.
NguPatrick Bond Yahunyushwa nguFaith kaManzi
Obanga umsindo kulezizinsuku, Uo’Brien Gcabashe, umkhulumeli wenhlangano ebizwa ngokuthiwa iQadi Families eyasuswa enanda Dam, emva kokuhlangana iminyaka engamashumi amabili ehlangana nezikhulu kanye noNgqongqoshe wezaManzi uRonnie Kasrils. Ngonyaka ka1987, iziphathimandla zikahulumeni wobandlululo zasusa umndeni kaGcabashe kanye namakhulu ezinye izakhamuzi – kanye namaPhephethwa kanye nesizwe sakwaNgcolosi – ukuze bakhe indawo enkulu lapho kwakuzohlala khona amanzi esiwaphuzayo eThekwini. Isinxeshezelo samaQadi (uR5.6 wezigidi) wakhokhelwa iNkosi ekhohlakele, okwashiya abantu abasuswe endaweni yabo bengenalutho. NgomGqibelo odlule, iDuzi marathon canoes yaqhubeka ngokuthula phezu kweziza ezindala zamaQadi, emva kokuba Inhloko yoMkhandlu weTheku uMichael Sutlciffe enqabele isicelo sikaGcabashe sokuma eduze nomfula kanye nabanye abahlukumezeka , ukuze bakhuleke emadlozini abo, kanti futhi bazise nabadlala kwimarathon, abezindaba kanye nomphakathi ngokuntshontshwa komhlaba.
Encwadini ayibhalela uGcabashe ngoLwesithathu olwedlule, uMkhandlu wathi: wathi“Kunobufakazi bokuthi kungase lokukuhlanganyela kungase kuthikameze ukuhamba kwezimoto, kulimale abantu, kanye nokucekelwa phansi kwempahla iSouth Afrian Police Services kanye neDurban Methro engeke ikwazi ukumelana nacho.”
UGcabashe waphendula ngokuthi: “Lokhu kudida ngayoyonke indlela, futhi sifuna uSutcliffe kanye namaphoyisa baxhase lenkulumo yabo. Ngenkathi sihlangana namaphoyisa ukuzokhuluma ngesikuhlosile ngoJanuary 12, sathi sufuna ukukhombisa ulaka lwethu, kodwa bengekho nakancane isizathu sokuthi siphazamise iDuzi.”
Umsebenzi kaGcabashe ngaphansi kwe1993 Regulation of Gatherings Act ukwazisa amaphoyisa endawo ezinsukwini eziyisikhombisa ngokuzokwenzeka , futhi bese ehlangana nawo emahoreni angamashumi amabili nane ukuzobonisana nawo ukuthi uhlelo lwabo luhamba kanjani, futhi uma luceliwe.
Ukudelelwa Kodwa uSutcliffe usebenzise lomthetho ukuvimbela lokuhlanganyela eNanda Dam, noma lokho kungakholeki, uGcabashe wayenenye indlela: yokuthatha abantu abayishumi nane lapho babezohlanganyela khona, ngoba umthetho awubanqabeli abantu abangaphansi kwesumi nesihlanu ukuhlanganyela beveze uvo lwabo
Amaphoyisa akholwa okunye. Ngenkathi ngihlangana neqembu labaqaphi bezimo ezinje ngoLwesihlanu, lezizikhulu zazigcwele ukudelela uma zitshelwa ukuthi abantu abayishumi nahlanu bazohlanganyela emphakathini.
Empeleni, asikho ngisho isidingo sokubikela amaphoyisa uma kuzohlanganyela abantu abambalwa kangaka njengokusho kweGatherings Act, futhi kungaba khona nabanye abayishumi nanhlanu, uma nje bezohlukana ngamamitha ayikhulu.
Ngankho-ke uGcabashe wahlanganisa abantu abayishumi nane babhekisa amabombo ekungeneni kwepaki.
“NgoMgqibelo ekuseni ngabo 7.30, iqulu lethu laseliyikholomitha elilodwa ukusuka eNanda Dam, emgaqweni waseHillcrest, ngenkathi amaphoyisa abalelwa emashumini amahlanu ehamba ngezimoto eziyishumi nanhlanu esimisa,”. “Amaphoyisa awazange asilalele, futhi asinqabela ukuthi siqhubeke nohambo lwethu, ukuhlanganyela emgaqweni, ukukhombisa izimpawu, noma sicule noma sidanse.”
Sasatshiswa ngokuboshwa, futhi, nfempela, iphoyisa elalikhona lathi alinandaba noma sasiyishumi nanhlanu noma sasibabili, abahlanganyela nokubhikisha kwamaQadi bazoboshwa. "Emva kokuvinjelwa eceleni komgwaqo,” kusho uGcabashe, saze savunyelwa ngehora leshumi ukuthi siqhubeke siye eNanda Dam. Mva kokuba abadlali beDuzi sebehambile.”
Umqondisi waseFreedom of Expression Institute director uJane Duncan uthe: "Ngenkathi ummeli wethu eshaya ucingo ngoMgqibelo mayelana nalokukuhlanganyela ukuthi yini okwenza kungavunyelwa, watshelwa ngamaphoyisa ukuthi ayengenalo ulwazi. Lokhu kwakungukuphatha kabi umbuso." Isikhulu samaphoyisa uWinnie Xaba, wachaza ukuthi uGcabashe kanye nophakathi wakhe babefuna ukungena emhlabeni womphakathi owawubolekwe iDuzi marathon, isizathu esingenangqondo. Wathi unamandla okusho okunquma ukuthi ukuhlanganyela kungaba nini. “Noma ingasiphi isikhathi uvumelekile ukuza azothandaza, kodwa hayi ngosuku olufunwa nguye. Ukuthi-nje ufuna udumo.” Vele, amaQadi kanye nabanye abaphucwa umhlaba wabo bafuna udumo. Ingakho bephakamisa amazwi abo, ngenkathi uhulumeni uzenza isimungulu.Well, of course the
Abahlala baseMjondoli bakuKennedy Road neminye imiphakathi yabaBahlali baseMjondolo bayakwenza lokho, kodwa banqatshelwa ukuhlanganyela eCity Hall ngoFebruwari ka2006, noma ngabe isinqumo sikaSutcliffe sokubavimba sakhishelwa ngaphandle yijaji ngaphambi kokuba ukuhlanganyela kwabo kuqale.
Abadayisi abangabhalisiwe kwaboshwa amakhulu abo futhi balhukunyezwa ngamaphoyisa ngoJune ka2007. Ngonya odlule, iningi lezishoshovu lanqatshelwa ukuhlanganyela maphakathi nedolobha emva kokuba amaphoyisa ebe nehaba.
Phakathi kukaJune noOktoba, iDA neIFP yamelana nokuguqulwa kwamagami emigwaqo (izicelo ezingu27 000 zomphakathi zokubuyekezwa kokushintshwa hwamagama emigwaqo kwanqatshwa ngaphandle kwesizathu), iANC yayihlasela iNational Prosecuting Authority, kanti izinhlangano zabasebenzi zazilwa nezindlela omasipala abaphethe ngayo abasebenzi. Ezikhathini ezimbili, iTheku lasabisa ngokuvala ukuhlanganyela okuzoba senkabeni yedolobha “ukuqinisekisa ukuthi ukuhweba akuphazamiseki.” Umbiko owawukwiMercury ngoOktoba wathi: “Kunabamasosha ababehlome ngezibhamu phezulu kwezakhiwo kanye nezindiza ezinophephela emhlane zamaphoyisa zahlangana ukuvimbela abashayeli ababesebenza kaRemant Alton kanye nabasebenzi bokuhlanza ukube bahlanganyele.” Izakhamuzi zaseZimbabwe ezihlala eThekwini zazama ngonyaka odlule ukuhlanganyela ngokuphikisa umbuso kaMugabe, kusho uShepherd Zvavanhu, ongumhlanganisi weMovement for Democratic Change kodwa bahluleka. "Babbehlale besinqabela ngaphandle kwesizathu.” Ukungavumelani Ukunqatshelwa kwamalungelo akugcini nje maphakathi edolobha. Amalunga eSouth Durban Community Environmental Alliance ahlukunyezwa kabili ngonyaka odlule ngenkathi bazisa amaphoyisa ukuthi bazohlanganyela ngoEngen mayelana nokuqhuma kwezakhiwo zeEngen kanye nekumenyezelwa kokwakhiwa kwepayipi leTransnet. Ngonyaka odlule ngoApril, sekusele ilanga elilodwa kuhlanganyelwe mayelana noEngen, lenhlangano yasizwa inkantolo enkulu yabavumela bahlanganyela, ngakho-ke bahlanganyela kahle ngaphandle kwezinkinga. Amaphoyisa ajwayele ukulinda kuze kusale usuku olulodwa lokuhlangfanyela, ngaphambi kokuthi basho ukuthi kusemthethweni, futhi –ke, okungagunyaziwe umthetho. Ngokwesiboniso-nje umlingani wami uSolwazi uDennis Brutus ucabanga ukuthi iqembu labagxeka umthetho wokulawulwa kwezomnotho wangaphandle waseMelika bazohlanganyela US Consulate ngoMsombuluko, ngelanga lokugcina likaGeorge Bush engumongameli. Lokhu bekuzobe kungukuhlonishwa kwentatheli yase Iraqi uMuntadhar Al-Zaidi, owajikijela izicathulo ezimbili nguBush ngenyanga edlule.
Kodwa savunyelwa ngamaphoyisa ukuhlanganyela ekuseni ngehora lesishagalombili ngelanga lokuhlanganyela, ngakho-ke lolusuku sesilugudluzile sizoba nokuhlanganyela kanhle noBrutus mhla zingu5 kuMashi.
Sobonana lapho, mphathi weTheku, kanye nabanye abafuna ukuphikisana ngendlela enobuyoningco futhi engenalo udlame nezimo ezibalulekile abantu abakhalaza ngazo: amanzi abaiza kakhulu kanye nogesi, ukusha kwemijondolo, ukungabikhona kwezindlu ezanele; ukungabikhona kwamaBlue Flags; ufishi ongcoliswa indle, abatshuzi abasengozini yezifo zamanzi; amabhasi omphakathi enziwa ukuthi aphathwe abangasese, inkohlakalo yamaphoyisa, ukungavunyelwa ukudoba eduze nechweba; ukungaqapheli kwedolobha ngemibiko yokungcolisa kwezinkampani ezinkulu kanye nemfihlo enkulu yokususa abantu base South Durban; ukunyuka kokukhokhelwa kwezidingogqangi zomphakathi, ukucwasana kweqembu lezombusazwe, kanye nobunye ubugebengu obuningi obenziwa bumelene nokubuswa kahle.
Njengoba-ke kwathembisa uGcabashe: "Sizobuyela ezizeni zobabamkhulu, eduze neNanda Dam. Sizowalwela amalungelo ethu entando yeningi okuhlanganyela. Kanye nomhlaba wethu owatshontshwa kuthina nguhulumeni wovbandlululo.”
UGcabashe uzimisele ukwenza lokhu ukubuyisela isithunzi sakhe: ukulahlekelwa izwe lobabamkhulu kuhlale kusezingqondweni zabo, ukulahlekelwa ilungelo lakhe lokuhlanganyela kube ubugebengu nguhulumeni wentando yeningi awuvotela.
|