 |
Publication Details |
 |

 |
Reference |
 |
Patrick Bond translation Faith, ka-Manzi (2011) Amanani kagesi kanye namatrucki agijima kakhulu angayiphoxa iCOP17 eThekwini . The Mercury : -.
|

 |
Summary |
 |
Kumhlangano wesifundazwe ngesimo sezulu izolo eInternational Convention Centre uNgqongqoshe weZemvelo uEdna Molwe umemezele ukuthi lombuthano wesimo sezulu eThekwini ezinyangeni ezimbili “kuyoba ingqungqthela yethemba “ okuyoholela ekutheni sonke “sikujabulele lokho”.
Lokhu akulona iqiniso. Uma sesibheka ngokungachemi, iCOP17 ngeke ilethe isinqumo esinikuphumelela ukwehlisa ukungcoliswa komoya, futhi izimali ezibhekele isimo sezulu zisenkingeni yokuthi zenze inzuzo yiBhange Lomhlaba (World Bank) njengoba kuza umhlangano weG20. Isethembiso “sika$100 wamabhiliyoni amadola okuxhasa ngonyaka ka2020” esenziwa nguSecretary of State waseMelika uHillary Clinton sekuphela unyaka ka 2009 kubonakala sengathi ngeke sigcinwe.
Into ebonakalayo ezokwenzeka ukuthi izinqumo ezibophezelayo zeKyoto Protocol (hayi lezi ‘zokungathekisa kokuthembisa kanye nokubuyekezwa) ngamazwe acebile ukwehlisa ukukhiqiza izisisi ezingcolisa umoya nazo futhi ngeke zigcinwe. Kanti okuyingozi futhi kakhulu ukugqugquzela kweKyoto ukuhweba ngecarbon okugcwele inkohlakalo, esikhundleni sezindlela zangempela zokwehlisa ukukhiqiza izisisi ezingcolisayo ukuthi kwandiswe.
Kanti uSobaba weTheku uJames Nxumalo ekhuluma ngamaprojekti amancane edolobha ejabulisa inhliziyo – njengomphakathi waseBuffelsdraai otshala izihlahla, isakhiwo seGreen Hub eBlue Lagoon, kanye namasolar geyser – okufihla ukuthi iTheku alikakaphaphami ngokwanele ngesimo esiphezulu sokukhiqiza izisisi ezingcolisa umoya, ikakhulukazi uR250 wamabhiliyoni wokwandiswa kwechweba phecelezi i “Back of Port” yezokuthutha ngemikhumbi, ngamatrucki kanye namakhemikhali amafutha.
Bobabili labaholi abasiqinisanga idolo ukuthi kukhona okunye abakwenzayo ngaphandle kwalokhu okusemehlweni, ikakhulukazi emihlanganweni emibili engiyihambele ngesonto eledlule ehole laseAusterville nomphakathi waseWentworth. NgoLwesithathu, izakhamizi ezingamakhulu amane zaphuma kunetha ziphuma nezincwadi zazo zikagesi, zidinwe ukwenyuswa kwamanani nguEskom, okudluluswe ngumasipala ononya, ngenkathi imizi nemizi ikhala ngesimo sezimali.
UEskom ufaka ingcindezi kwizakhamizi ezinhlwempu zaseThekwini ukwakha izizinda zamandla ezinkulukazi zesithathu nesesine. Akukho nzima ukwenza ubudlelwane phakathi kwamandla angcolile (uparaffin, amalahle kanye nezinkuni) ekhaya ngenxa yokunyuka kwamnani kagesi noma ukuvalelwa ugesi, kanye nokushintsha kwezulu, singasayiphathi – ke indaba yezempilo eziba sengcupheni.
Ngabe izikhulu zezwe lonke, zesifundazwe kanye nezikamasipala zifuna ababhikishi abanolaka maphakathi neTheku ngelanga lemashi enkulu ngomhlaka3 kuisemba ezodlula ezindlini zaseMelika (U.S. Consulate), eCity Hall kanye neInternational Convention Centre siphikelele olwandle siqhakambisa lezizikhalo.
Imibhikisho engapheli mayelana nokungalethwa kwezinsiza angeke ivimbeke uma sibheka ukuthi uEskom uyaqhubeka nokuthekela izimboni ezinkulu zokumbiwa phansi kanye nezinsimbi (BHP Billiton kanye naAngloAmerican) ngogesi wamanani aphansi kakhulu emhlabeni, kube izakhamizi zaseWentworth zona zikhokha kakhulu kunalezizimboni.
Umhlangano futhi kuleliholo ngoLwesine waveza impi eyaiwa : abahwebi abakhulu bechithela uketshezi olunobungozi emphakathini engakwazi ukuzilwela, iClairwoood. Kodwa lendawo engaphansi kwengcindezi isikhathi eside kangaka nezishoshovu ezimangalisayo ezilwela umphakathi, futhi nezihlonishwa kakhulu kumzabalazo waseAfrika olwela ubulungiswa bezemvelo.
Imboni enkulu yezokuthutha iBidvest yaqasha ungoti wezokuhlaziya umthelela emvelweni ngokukhiqizwa kwezisisi ezingcolisa phecelezi (i-environmental impact assessment EIA) uPeter Buckland waseCoex, ukuthi angakhiphi umbiko ogcwele weEIA kodwa akhulume “ngokubhekelela okungajulile”. IBidvest ifuna ukwandisa amatrucki engeze ngangu40 njalo ngosuku kulendawo enomoya ongcole kakhulu eNingizimu neTheku, azobe ethwele okunoketshezi okungagqamuka nokunobunhlobonhlobo yobungozi.
Futhi iBidvest lapho igcina khona lemikhiqizi, eRennie Distribution, ingaphesheya-nje kwehostela laseJacobs, ngasenyakatho nendawo edumile yokugijima amahashi, futhi yakhiwe maphakathi komakhelwane bezakhamizi ezingabasebenzi baseWoodlands kanye naseAusterville. Bonke basengozini uma lesisiphakamiso siphumelela.
UDes D’sa weSouth Durban Community Environmental Alliance waqala izingxoxo lapho ayebheka khona izinkulungwane zabafayo eKZN ezingozini ezihlobene namatrucki kusukela ngo2006, kanye negebe lengozi lempilo elibhekene nabantu elidalwe ukugcwala kwamatrucki endaweni yaseNingizimu neTheku. UBidvest futhi nguye owadala umlilo omkhulu wangoSeptemba ngo2007 kwisizinda saseIsland View ngasechwebeni, lapho kwaphuma khona umphefumulo kwathusa izakhamizi zaseBluff. Uhlelo lokuthutha kulendawo uma kunesimo esiphuthumayo uD’sa asifuna kwizikhulu zikamasipala azizange zimnike lona.
Ukugxeka okwahlukahlukene kweBidvest kanye neCoex kwalandela, okuhlanganisa umholi wenhlangano yazekhamizi zaseClairwood uMervyn Reddy lapho ayekhuluma khona ngesiminyaminya somgwaqo waseSouth Coast. Ngaphansi kwengcindezi yabanikazi bamatrucki yokushayela ngokugijima, abashayela baseningizimu abasuka echwebeni basebenzisa imigwaqo ehlala abantu ngesikhathu sesiminyaminya sokugcwala, bebheka izindlela ezilula zokunqamulela ukuze babuyele echwebeni.
Labashayeli abangaphansi kwengcindezi ibona banonya kakhulu emmgaqweni futhi uReddy wakhombisa izithombe zokushayisa kwamatrucki asabulala izakhamizi eziyisishagalolunye zendawo yaseNingizimu neTheku kuleminnyaka embalwa. Futhi wakhombisa nesithombe somholi wendawo owasocongwa, uAhmed Osman, owayelwa nabamatrucki. uAlan Murphy weqembu iEcopeace owayeyikhansela ledolobha, wasikhombisa ukuphikisana okukhulu okuqukukethe umbiko wokuhlaziya wkaCoex Okuhlaziya Ngengozi (Risk Analysis) ikakhulukazi ukwahluleka ukukhuluma ngokuthi kuyokwenziwanjani uma kunokuqhuma ngesikhathi sezokuthutha.
Mayelana nomthelela kwisimo sezulu, kwakubonakala ukuthi uBuckland akazange ayifunde incwadi ethi, “Towards a Low Carbon City,” eyayigunyazwe ukuthi ibhalwe idolobha futhi yathulelwa emphakathini ngenyanga edlule ngababhali abaqhamuka eAcademy of Science of SA. Ngokusho kombiko, “Ezokuthutha zibalulekile ekushintsheni kwisimo esikhiqiza icarbon ephansi edolobheni.”
Lombiko wawusitshela ukuthi izimemezelo ezifana nezeBidvest kufanele sizibheke ngokungabaza okukhulu: “Okubalulekile kakhulu kwakungukubheka isidingo sokwehlisa amakhilimitha ezimoto ahanjiwe kwezokuthutha emgaqweni ngoba lokhu kuveze ithuba elikhulu lokunciphisa ukukhiqizwa emoyeni kwezisisi eziluhlaza kanye nokunye okungcolisa umoya.”
Ukuhlaziya okungajulile kukaBuckland kwaziba ukushintsha kwesimo sezul futhi ngathi uma ngimbuza, wangaba nampendulo. Ukugxekwa kakhulu ngalezizimemezelo umphakathi owawukhona – bonke baphakamisa izandla uma bebuzwa ukuthi bayaphikisana nalezizimemezelo – lokhu kuwukungamukeli ngokusobala isinqumo sikahulumeni wesifundazwe saseKZN ngokuvumela ukuhlaziya okungajulile esikhundleni sombiko ogcwele weEIA. Umangabe izikhulu zikamasipala kanye nezezifundazwe banamandla kuloludaba bekhetha ukwenyuka kokuhamba kwamatrucki eNingizimu neTheku, kuzosuka olukhulu uthuthuva.
Ukulwa lokhu empini esinesikhathi eside: uhlelo lwezimboni /nomasipala ukwenyusa ukukhiqizwa kwecarbon, kumelene nempilo kanye nokuvikeleka kwezakhamizi. Kuyoba nezinye futhi izimpi, uma sesibheka ukuzimisela kwalomphakathi ukumelana nobungozi obudalwa yilatrucki kanye neprojekti yokwandiswa kwechweba ngemuva.
Ukudedelela kwabezombusazwe eICC izolo kanye namhlanje kuyoguquka uma lokukulawula kwezemvelo okungenele, ukwenyuka kakhulu kukagesi, kanye nolaka ngokuvilaphela imigomo yokushintsha kwesimo sezulu sekuhlangene nokuqinisekisa ukuthi izikhulu zeTheku kanye
Read Publication 
|
|
 |
 |
cast your net a little wider... |

|