 |
Okungenzeka ngenxa yokungabikhona kobulungiswa kwezombusazwe ngezemvelo kanye nezenhlalakahle maphakathi nedolobha laseThekwini
Ngimile ngigqozele futhi ngiyezwa –nginokumangala! Ngabe Ilona lelidolobha elikhulu eselitshalile Ngabe ngilahlekelwa ithemba? Ngabe yini okungqubuza lokhu Kunempicabadala: imiphefumulo elungile nelukhuni: Enhle ngokucwebile; Izono eziningi! Lelithemba noma lokukuzenzisa, Nkosi? Noma Injabulo noma Izinhlungu?
Ngoba la ngaphansi kwamehlo ami kulele imiboniso emangalisayo Okufanele inkeneneze injabulo kodwa ingijikijela ngezinhlungu! Herbert Dhlomo, 1940s (eBerea Ridge kudebuduze nephakathi ledolobha)
Amadoda amaNgisi anamandla angabahwebi enza lelidolobha (kanye namaKula”!) kuhlotshiswe ngokukhanya olwandle kuconsa (iNutriment) opikanini abazisu zimapaklazana indlala; amadoda anobuqha ebukisa ngobubi ukuzidla kwawo njengezilwane ezafika nokubusa izwe ekungelona elazo; izitebhisi zigcwele iphunga lakudala likakhari, ukwamukela kahle kanye nokungazethembi, kanye nesithombe sokuhlanya okuvuswe ukuchukuluzwa okuphathiswa kahle okwezikhali zamaNtungwa njengomese omdala osukhuntile okuseduze komhobholo, ngongxiwankulu abanqikanqika kanye nezinyembezi zikaKhwini. Dennis Brutus, 1960s
Izimbongi ezimbili zedolobha zeminyaka edlule, uHerbert Dlomo noDennis Brutus, ngokungangabazeki bangalibuka iTheku ezindaweni eziphakemeyo zasentshonalanga, bese beligxeka ngoguquko kwezombusazwe elisuse ukwahlukwaniswa ngebala labeka ukwahlukanisa abantu ngezigaba zabo zomnotho, njengozokungcebeleka zemidlalo uma kuqhathaniswa nokwahlukana kakhulu ngezimo zezemvelo kanye nezenhlalakahle, kanye nezinhlelo zokwenza kabusha intuthuko okuqeda amandla futhi kungcolise umoya kwizakhamizi ezihlupheka kakhulu.Futhi akekho ongeke aphike ukuthi idolobha laseThekwini lilungise ngendlela emangalisayo ukwamukela Ingqungquthela Yamaqembu – 17th Conference of the Parties (COP 17) kuze kube iKyoto Protocol kusukela zingu28Novemba kuya kuDisemba 9 ngo2011. I-International Convention Centre yaseThekwini kanye neDurban Exhibition Centre eseduzane-nje zombili lezizindawo zingezokuhlanganyela kwizingqungquthela ezinkulukazi eAfrika. Bude buduze, amahotela asetshenziswa ngomacaphuna kusale nezicebi ancike nendawo esetshenziswa umphakathi ngentando yeningi eNingizimu Afrika – indawo yasolwandle yokungcebeleka – eyalungiswa ngaphambi kweNdebe Yomhlaba yebhola ngo2010.
Maphakathi NeTheku Ukwandiswa kothelawayeka womgwaqo oza edolobheni, kanye nesikhumulo sezindiza esisha kanye nendawo yokuhambela olwandle, kunika izivakashi isithombe ngendawo ephambili uma ungena edolobheni laseNingizimu Afrika. Usabuka-nje uma ungena indawo yezemidlalo uma uqhamuka kwizindawo ezihlala izicebi zeNyakatho neTheku inhle kakhulu, indawo yokudlala igalofu kanye nezinkundla ezimbili eziphambili ngakwesokudla kanye nezasolwandle eziyingqayizivele ngakwesokunxele. Izinhlelo zezikhulu ngeTheku ukwamukela iCOP 17 kwenza izihambeli zikwazi ukubhalisa eduze kwaseNkundleni iMoses Mabhida, kulandelwa ukuseshwa eduze kwecasino, kanye nomcimbi wasolwandle lapho kwakubungazwa khona Umcimbi Wabalandeli ngeNdebe Yomhlaba ka2010. Eningizimu inxanxathela yezitolo iWorkshop kanye nesingqazu seHolo seDolobha laseThekwini, elizungezwe izihlahla kodwa okuxakayo ukuthi lakhiwa ngo1910 kusetshenziswa umdwebo okwakhiwa ngawo iHolo leDolobha laseBelfast.
Ukulungiselela ukwamukelela ngokusemthethweni iUNFCCC COP 17 Lendawo iveza lukhulu ngezombusazwe waseThekwini kanye nokuphazamiseka okungase kwenzeke uma kungenzeki okulindeleke kube imiphumela yeCOP17. Njengoba imelwe iUnited Nations Framework Convention on Climate Change (UNFCCC), leyomiphumela iqhamuka kongxiwankulu beCopenhagen COP 15, lapho iSivumelwano (Accord) sango 2009 phakathi kweMelika, neBrazil, neChina kanye neNingizimu Afrika ‘sahlakaza iNhlangano Yezizwe,’ njengoba kwasho uMcKibbon (Bond 2010), kuze kube seCOP16 eyayiseCancun kuvuselelwa ukuphupha nemakethe yensizi (Bond 2011), kuze eThekwini lapho ezezimali zesimo sezulu kubonakala sengathi ilapho kukhona umnyombo wokuphikisana ekubusweni kwesimo sezulu emhlabeni wonke. Kuyabonakala futhi, ukuthi eThekwini kuzophela konke ukuzibophezela nezinqumo zeKyoto Protocol kanye nezibophezelo ezahlukahlukene, igama lalelidolobha, liyofaniswa, mayelana nobushoshovu besimo sezulu kanye nezobuchwepheshe, njengedumela elibi laseOslo eMiddle East: lokuyengela ophathe, kanye nokuhlulekwa kwababusi. Ukuphikisa ngezombusazwe zezenhlalakahle khona? Noma-ngabe akukho ukuvimba okuphazamisayo, lesisikhathi isona esihle impela ukuqhathanisa ngokuhlanganyela nezishoshovu ezinamandla, ezabasebenzi, izinhlangano zezinhlalakahle, kanye nezishoshovu zemvelo, abakhombisa ukuthi izingxoxo ezingacacile zeWorld Trade Organization’s Millenium Round eSeattle ngo1999 kungabanika amandla, hayi-nje ngokuqhakambisa izindaba ezizodwa, kodwa ngokuzihlanganisa ndawonye behlanganyele nabafana nabo ekugxekeni ekumelaneni nesitha esisodwa. Ngabe ukushintsha kwezulu – kanye nokugxekwa okukhulayo ‘kweNgqungquthela Yabangcolisi’ (Conference of Polluters) – kwenzeke kufike nethuba lokuhlanganisa izikhala, kutholakale ukuhlangana, kube khona ubumbano? Kungenzeka indawo yabagxoxayo idale inkundla lapho abanovalo ngezombusazwe zezemvelo ngokukhishelwa ngaphandle kanye nokucekelwa phansi kwezemvelo? Kanti ngabe ukuhlanganyela kwabakhonondayo endaweni kungabasiza abangamashumi bezinkulungwane abezayo bezobhikisha ukuthola ubumbano, kube kuhlangane abantu bamasiko ahlukahlukene emphakathini, emsebenzini, kanye nezemvelo? Ukuthola ngokungase kwenzeke eduzane naseICC, siqala ngokubona ukwahlukana kwabezemidlalo, ongathi bazimisele ngokuqophisana ikakhulukazi uma sibuka umlando wokwamukelwa kweNdebe Yomhlaba kanye nokuthi sikhankasela ukwamukela amaOlympics (ngo2024). Sasesiqhubekela eningizimu mpumalanga, sihlonza iAlbert Park ngamehlo kwabokufika abacindezelwe, ngaphambi kokuba sibheke lapho kuyisizinda samaNdiya, okuhlanganisa nemakethe ebalulekile iWarwick Junction, lapho ngo2009 abadayisi basemgaqweni badudulwa babuyisela emuva impi eyayiqhamuka edolobheni. Masisuka lapho, sibheke empumalanga ngasolwandle, lapho kuvela khona ukudonsisana phakathi kwabadobi kanye nezikhulu zedolobha. Uba sesiyimbandakanya lemizabalazo icacisa ikusasa loluhlangana njengoba inkinga yesimo sezulu iqhubezela phambili ukuphambana kwezenhlalakahle kanye nezemvelo zaseThekwini.
Ezomdlalo Zokungcebeleka Ezingenabo Ubulungiswa Ngesimo Sezulu Enyakatho-nje neICC, ephambili umhlaba wonke iNkundla-le iMoses Mabhida – eqanjwe ngegama lowayengumdidiyeli weQembu lamaKhomanisi emelene nobandlululo futhi owayenguthisha kuMongameli waseNingizimu Afrika uJacob Zuma – yabiza uR1.3 wezigidigidi, kwedlulwa kwimali eyayihleliwe kaR1.8 wezigidigidi. Lenkundla ehlala abangu -70 000 iMoses Mabhida inhle kakhulu uma uyibuka, kuphela-nje uma kungaveli emehlweni kanye nasemqondweni ukusalela emuva kwezidingo zedolobha ezingakahlangatshezwa ezezindlu, amanzi kanye nezokuhlanza, ugesi, imitholampilo, izikole, kanye nemigwaqo – konke okuphazanyiswe ilezizindleko ezikhulayo ezixakile ezingqondweni.
Izinkundla ezimbili zaseThekwini: iKings Park ngaphambili kanye neMoses Mabhida Ngo2009, ngenkathi izimali zikamasipala seziyiswa ekwakhiweni kweNkundla iMoses Mabhida, izikhulu eziphezulu zaseThekwini zanquma ukwehlisa okwakuhleliwe ukwakhiwa kwezindlu zamanani aphansi ezingu 16 000 kwakhiwa ezingu9 000, bebe bazi ukuthi basalele emuva (cishe-nje) ngokwakha izindlu ezingu-234 000 (Academy of Science of South Africa 2011:41)
Okunye okungafihlakali emehlweni okubonakala kamakhelwane, iNkundla iKings Park (eyayaziwa njengeNkundla yaseABSA futhi okuyikhaya lamaSharks iqembu lebhola lombhoxo. Lenkundla ihlala abangu-52 000 futhi kwakulula ukuba inetshwe kwenzelwa iNdebe Yomhlaba, njengoba kunyaka ongaphambili kwakudlalelwe khona umqhudelwano weNdebe yeConfederations.
Isithombe esithathwe phezulu sesizinda sezemidlalo kanye nezinye izindawo eduze kolwandle. Njengoba kujwayelekile emadolobheni asuke emukela imidlalo emikhulu yomhlaba, iTheku labhekana nenkinga usuphelile lomcimbi weNdebe Yomhlaba, ngenxa yokungenzeki kwenzuzo ngeNkundla iMoses Mabhida. Umholi weKomidi Eyayihlelela Indebe Yomhlaba baseKhaya (World Cup Local Organising Committee) LOC, uDanny Jordaan waxolisa ezweni maphakathi no2011 ngoba, njengoba asho, ‘akuzange kuhlelwe ngokwanele kahle ngezinkundla ukuqinisekisa ukuthi ziyoletha inzuzo.’ Umphathi weDolobha laseThekwini, uMike Sutcliffe wakuphikisa lokhu: ‘Ngiyajabula. Senze izinqumo ezifanele.’ Kodwa uma sekubhekwene nenkundla eyenzayi inzuzo iKings Park, iNkundla iMoses Mabhida ebiza uR80 wezigidi ngonyaka yenza uR56 wezigidi onyakeni lapho esetshenziswe khona kakhulu ngo2010 kuya ku2011 (Dardagan 2011). Imizamo kaSutcliffe ukususa iSharks ngaphesheya komgwaqo yahluleka ngokuphinda phindeka, ngakho-ke ukuxhaswa isikhathi eside ngumasipala ikhona okudingakalayo eNkundleni iMoses Mabhida, njengoba kwenzeka ngeICC kanye nePoint UShaka Marine Park, ezinye izindawo ezidla kakhulu izimali zedolobha. Ukubhikisha okukhulu okwakumelene nokwakhiwa kwenkundla kwakungamakhulu ambalwa abasebenzi abaqaphayo ngoJuni 13, 2010. Kungakapholi maseko emva komdlalo phakathi kweJalimani neAustralia, abasebenzi bafuna ukukhokhelwa umhlomuo ababethenjiswe wona, njengoba babethola uR200 ngokusebenza amahora ayishumi nambili. Lemali encane kangaka ikhombisa ukuthi kubanjani uma sekuqedwa ukuqashwa kwabantu ngokuphelele kanye nokubasebenzisa kakhulu ngamaholo aphansi kakhulu osekujwayelekile kakhulu emkhakheni wezokuqapha onobungozi kakhulu. Amaphoyisa asebenzisa izisisi ezikhalisa izinyembezi kanye nezinjoloba ukulawula abasebenzi ababebhikisha, amakhulu amathathu abo ahlanganyela kanye nababengaphezulu kwenkulungwane bemiphakathi - kanye nezinye izinhlangano zezishoshovu zezinhlalakahle ngombhikisho kaJuni 16 kuhanjelwa eHolo LaseDolobheni kufunwa ‘Indebe Yomhlaba kaWonkewonke.’ Ngezi-3 kuJulayi, amakhulu ambalwa abantu ahlanganyela (futhi eHolo leDolobha bemelene nokwahluleka okukhulu kwalaba okufanele ngabe bavikela abantu : imikhuba yokucwaswa kwabokufika. Maphakathi –nedolobha kunesibalo esikhulu sabokufika futhi maphakathi nonyaka u2008, nangesikhathi emva kweNdebe Yomhlaba kwakwandile ukuhlaselwa kwabokufika kwabasebenzi basemazweni aseNingizimu neAfrika. Lokukuhlaselwa kwakuncike ekutheni abokufika bathatha imisebenzi, behlise amanani amaholo, bagcwalise vele izimakethe zezindawo zokuhlala eziyivela kancane maphakathi nedolobha ezibizayo, futhi beze nokuncintisana okukhulu ekudayiselweni kwabantu basemalokishini. Noma-ke lokhu kungephikiswe, lamaqiniso adinga ubushoshovu obunesipiliyoni ukubhekana nezizinda eziwumsuka wokucwaswa kwabokufika esikhundleni sokubhekana nokupholisa izilonda njengemihuzuko-nje. (Amisi et all 2011) Ngenkathi leminyakazo ibonakala ingenalusizo mase kuqhathaniswa, umbhikisho okuwuwona owaphumelela ngempela umelene neNdebe yoMhlaba –wenzeka maphakathi no2009 amakhulu abadayisi basemgaqweni abazimele baseThekwini ababebhekene nokususwa kwiMakethe Yasekuseni (Early Morning Market), lapho abahleli bedolobha babefuna ukuqala phansi ukuze eduzane bakhe inxanxathela yezitolo ingakafiki iNdebe Yomhlaba. Kodwa-ke, lokukuphikisana okwakuqinile emva okwathatha unyaka wonke, kuhlanganisa nokulwa namaphoyisa ngoJulayi 2009, kwayisindisa imakethe. Ngakolunye uhlangothi lokuphikisa, kwezobuciko, omunye umculi oyimbongi oculayo ovuth’ uphondo, uIain ‘Ewok’ Robinson (2010) wathekelela imicabango yakhe kwiNdebe Yomhlaba ngomucu othi “Ihlazo kuMdlalo Omuhle.” Abahlomula kakhulu kulenkilayitheka kwakuyizimboni ezinkulu kanye nabahwebi bamathenda abamnyama abangobhululu nabezombusazwe – abathola amathenda ezwe ngenxa yokubhekelelwa ngoba bemnyama, umangabe bexhumene kanye nezimboni ezinamagama zabamhlophe – ikakhulukazi kwimboni yezokwakha. Intatheli yaseThekwini uSam Sole (2010) waqhamuka nalombuzo ukuthi ngabe iMabhida ‘ingumgwaqo wethemba’ noma ‘ijoka lesikweletu’ ngenkathi enza uphenyo olunzulu ngobungxiwankulu obuhambisana nobubhululu mayelana neNdebe Yomhlaba ka2010. NgokukaSole, abazuza kakhulu kwakuyiBhola Lethu, imboni eyinhlanganisela enkundleni ehamba phambili, eyayihlanganisa uCraig Simmer; imboni endala yontamolukhuni (Broederbonder) yonjiniyela, iBKS; iGroup 5/WBHO, (eyingxenye yeMvelaphanda Group yalowo owayengumshusisi wezwe uBulelani Ngcuka, usihlalo wayo ngalesosikhathi kungulowo njengamanje onguNgqongqoshe weZokuhlaliswa Kwabantu, uTokyo Sexwale). Isicebi saseThekwini uVivian Reddy umnikazi weEdison Power naye wathola inkontileka enkulukazi kagesi. Enye iprojekti eyashiya imibuzo Isikhumulo Sezindiza iKing Shaka entsha edle uR8.2 wezigidigidi, ikakhulukazi njengoba Isikhumulo Sezindiza saseThekwini eNingizimu neTheku sasisenayo indawo yokumumatha kuze kube ngu2017, njengoba futhi zingekho ezokuthutha umphakathi ezihambela eKing Shaka, okuyibanga eliphindaphindiwe uma usuka maphakathi neTheku. Ukushesha kuvalwe kweSikhmulo Sezindiza saseThekwini kungakabi isikhathi kwaba nokuphoxa okukhulu kubaholi beLOC kanye neneNkampani yeZikhumulo zaseNingizimu Afrika (Airports Company of South Africa) ngenkathi iKing Shaka ihluleka ukubhekana nezindiza zeziCwicwicwi ezazivimbanisile esikhumulweni ngoJulayi7, ilanga elandulela elomlamlajuqu phakathi kweSpain neJalimane. Bangaphezulu kwenkulunkwane abathandi bebhola ababedinwe begane unwabu ezindizeni eziyisishagalombili okwafanele ziphindiselwe emuva eGoli kanye naseKapa ngoba iziCwicwicwi zazivimbanise amasango ekungenwa kuwo, zenqaba ukupaka izindiza zazo kude nomgwaqo wezindiza noma zindizele – kwezinye izikhumulo – ezincane eziseduze.
Lokungahambelani phakathi kokumoshwa kwezimali zokungcebeleka mayelana nezemidlalo eThekwini kanye nokuqhubekela phambili kwamazinga abucayi okuphila kwezimpilo zabantu abaningi abayizakhamizi kunzima kakhulu. Kuze kufike iNdebe Yomhlaba kanye nangesikhathi sayo, abantulayo baseThekwini babenza iminyakazo ngobuchule kanye nokudumala ukuqhakambisa obala izimo ezinzima abaphila ngaphansi kwazo. Okunye kwaleyominyakazo kwakungu ‘ukudla ngaphakathi’ ngo2008 ngabantu abangasebenzi abalambile, okwathi iziqumbi ezimbili bavele bahlala badla ukudla ngaphakathi kwesitolo ngaphandle kokukhokha, okwenza ukuthi abantu abangu200 baboshwe. Imizamo eqhubekayo yizingane ezihlala emgaqweni ukugwema ukuboshwa nakho futhi kwabeka obala lokukungqubuzana.
Ukususwa Ngenkani Kwezizukulwane Njengoba ukushintsha kwesimo sezulu kuyoba nomphumela omubi kakhulu ezizukulwaneni, kunokukhathazeka ukuthi abanye abantu abakhishwa kakhulu inyumbazana maphakathi neTheku okuyizingane – ikakhulukazi imindeni yazo iphazanyiswe iNgculaza (kanye ngokuqala ngokuphika kukahulumeni wombuso kaMbeki ukunika abantu imishanguzo, okwaholela ukuthi kufe abantu ababalelwa ku330 000 ngokungafanele, njengoba kwasho ithimba eliqhamuka eHarvard School of Public Health). Umangabe imikhuba edlule iqhubeka, izingane zasemgaqweni ziyosuswa kulendawo eduze kwaseICC ngeCOP17. Noma-ke umasipala wawungaphansi kwengcindezi ukuthi uthathe indlela enobuntu kulungiselelwa iNdebe Yomhlaba ngo2010, izinjongo zawo zazisobala eminyakeni embalwa edlule. Ngo2005, ngokwesiboniso-nje, uMphathi weDolobha waveza obala lenkulumo ngokusemthethweni:
Imibiko enomsindo ethi iTheku (uhulumeni kamasipala weTheku) uqoqa izingane ezihlala emgaqweni bese uzisusa emehlweni omphakathi ukuze zingabonwa izivakashi, kungubufakazi kwabanye bezindaba ababhala ngobudedengu kanye nokungabi noshintsho. . .Singaluzwa ulaka uma sisusa izingane futhi sizilahla emajele noma ngaphandle kwedolobha (Sutcliffe 2005).
Zonke izinkomba eminyakeni eyalandela zaqinisekisa ukuthi ukulahlwa kwezingane ngaphandle kweTheku kwakujwayelekile, kanti nango 2009, uSutcliffe, ecashunwa ephephandabeni lansuku zonke iMercury, wavuma wathi:
Umangane abaholi bamazwe bezohlangana ezingqungqutheleni, into yokuqala abaqaphi abayenzayo ukususa izingane zasemgaqweni ukuze zingabonwa. Eminyakeni emine edlule sasijwayele ukwenza ngaleyondlela , kodwa manje ngeke sisenza ngaleyondlela (Comins 2009a).
Kodwa sekusondela iNdebe Yomhlaba, isimo sahlehlela emuva, njengoba kwabika iphephandaba iSunday Times eqala u2010:
Izingane zasemgaqweni zimangalele amaphoyisa kamasipala weTheku ngokuwasusa edolobheni. Kulelisonto izingane ezisencane ezineminyaka esuka kweyisishagalombili kuya kweyishumi nesishagalolunye zatshela iSunday Times ukuthi amaphoyisa kamasipala aziqoqa zonke izinsuku azilahle ngaphandle kwedolobha, ikakhulukazi kothelawayeka bemigwaqo abamatasatasa noma ezindaweni zokugoba amakhanda ezingabhalisiwe . . . iNhlangano ezimele yasendaweni Umthombo wathi izindlela zamaphoyisa azinabo ubuntu. Lenhlangano yathi inhlalakahle yezingane yayibalulekile kakhulu kunokuthi iTheku lalibonwa kanjani. Umqondisi walenhlangano uTom Hewitt wathi: “Izingane zasemgaqweni azilona udaba lezokuvikela kanye nokuqashwa, kodwa ziwudaba lokuthuthukiswa ngenhlalakahle. Amaphoyisa afaka izingane ngemuva kwamtrucki kanye nabadala nezigelekeqe. Lokhu kuqhubeka nokuvezela izingane ukuhlukumezeka.” Wathi ukususa izingane ngenxa yeNdebe Yomhlaba kwakungekona ukuvikela ingane kodwa kungukuhlanza imigwaqo (Laganparsad 2010).
UHewitt (2010) wachaza kabanzi ngalenkinga kwiwebsite yoMthombo:
Ukususwa bekuhlale kwenzeka eThekwini ngaphambi kwezingqungquthela zomhlaba noma ngemicimbi yezemidlalo. Manje, njengoba sekuzoba iNdebe Yomhlaba, kubonakala sengathi amaphoyisa kamasipala aseyinyusile imizamo yawo. Izingane zibika ukuthi amaphoyisa kwenye inkathi azama ukubayisa emuva emakhaya azo, kodwa agcine ebalahle emgaqweni. UWendy Ndlovu oneminyaka eyishumi nesikhombisa wathi yena kanye nabangane bakhe ababili basanda kulahlwa eManzimtoti, okuyindawo engamakhilomitha angamashumi amathathu le kude. “[Amaphoyisa] asehlisa eduze negalaji. Ngabuza kubantu ukuthi kukephi edolobheni sasesiqala sihamba. Sahamba ubusuku bonke futhi salala esikhotheni,” kusho uNdlovu. “[Amaphoyisa] athi asikwazi ukuba lapha [edolobheni] njengoba kuzoba khona iNdebe Yomhlaba nokuthi azosiyisa endaweni enhle. Kodwa bagcina besishiye noma ikuphi noma kulezizindlu ezisabisayo.”
Siyabona-ke ukuthi izibophezelo zezikhulu eziphezulu zedolobha ukuphatha izingane zasemgaqweni ngesizotha into engekho. Noma-ke sihlonipha ubulungiswa obuhambisana nazo zonke izizukulwane, izingane zasemgaqweni izona zisulu ezinkulu zokungabikhona kobulungiswa kwezomnotho, inkinga kwezokunakekelwa ngezempilo, kanti ngesikhathi esizayo, ukushintsha kwesimo sezulu.
Ukucwaswa kwabokufika eThekwini: kwafa ababili eAlbert Park Abanye abahlala maphakathi neTheku lomasipala obhekena nabo – futhi abanganakiwe – ngokwezenhlalakahle, abokufika abaqhamuka ezindaweni zaseNingizimu Matabeleland eZimbabwe, (okuthi ngenxa yokufana kwezilimi nolimi lwesiZulu lasendaweni) bangabaningi njengeqembu labokufika edolobheni. Ngokuzayo, bayobe bengabanye kulelizwekazi abayobe bechaphaleke kakhulu njengezisulu zesimo sezulu, njengoba bejwayele behlala lapho kunesomiso khona. Kulendawo eyiningizimumpumalanga neICC, ehlanganisa indawo ebolayo maphakathi nedolobha, izakhiwo ezinyuke kancane ezizungeze iAlbert Park, amadoda endawo angabasebenzi sekukaningi ekhombisa ukungabi naluzwelo kulaba kanye nabanye bokufika. NgoJanuwari ngo2009, lokungabi nazwelo kwaholela ekufeni kwabantu. Ukusuka kokuhlaselwa kwababokufika kwenzeka kwabokufika baseAfrika, futhi ukuhlasela okukhulu kuthiwa kwakuholwa ikhansela ledolobha likaKhongolose (ANC) eAlbert Park, uVusi Khoza. Kwaholela ekufeni kwabantu ababili, abatshingwa esakhiweni esenyuke ngezitezi eziyisithupha iVenture Africa betshingwa kusuka esitezi sesithupha. Abasemthethweni basedolobheni baphendula ngokuthi – bavumele uKhoza aqhubeke nokuba ikhansela – kwathi icala elisaqhubeka laveza obala ukuthi kunzima kangakanani kwabokufika ukuthi bathole indawo evikelekile maphakathi neTheku. Abokufika baseAfrika abaqhamuka eNingizimu neAfrika – ikakhulukazi abaqhamuka eZimbabwe, eMozambique, eDemocratic Republic of the Congo (DRC), eTanzania kanye naseMalawi – kanye nakwezinye izingxenye noPhondo (eEthopia naseSomalia) kanye neMpumalanga Afrika (Nigeria) asebengofakazi bebona ukunyuka okumangalisayo kokungabinazwelo okuqhamuka kwabaseNingizimu Afrika eminyakeni eyishumi edlule. Leliqiniso elimbi kangaka liqeda iphupho eliheha abokufika baseAfrika ukuthi beze eNingizimu Afrika – iphupho – ngeshwa, elihlala ligqugquzelwa ngokuchazwa njengephupho elihle elilindele labo abezayo. Ngenzansi-nje ngenkathi emaketha ezokuvakasha, uZweli Mkhize, (emva kwalokho owaba nguNdunankulu wesifundazwe) wayencoma ethi
Ukwahlukahlukana kobuzwe okugqamile kubantu, inhlanganyela yamasiko (kanye) nokubekezelelana ngokwahlukana ngamasiko . . .ukuba khona kwezinhlobonhlobo zezimpahla, ikakhulukazi uma sikhula ngezobuciko namagugu, ezigqamile ezikhombisa umsuka wobuzwe – ikhona lokho oyokuthola kulendawo yaseAfrika. Futhi kuyaqhubeka ukwahlukahlukana kobuzwe ngezizwe zaseAfrika, kangangokuthi uvele ubonele ukuhlala kwabo kulendawo. Ngakho-ke kukwenza . . . ukuthi uma usufike la, usendaweni enobungane (kucashunwe kuBass 2009:253-254).
Izikhulu ezimbili eziphezulu zedolobha, noSutcliffe (onguMphathi weDolobha kusukela ngo2002; noma-ke ayesebekisile futhi sekuphela u2011) kanye nomsizi wakhe owayebhekene nokuphathwa kweICC, uJulie-May Ellingson, bagqugquzela ukuzimisela kweTheku ngokusemthethweni ukuthi liyiDolobha laseAfrika ngokuthi ‘Inkundla yethu iAfrika, iSouth Afrika isigcawu sethu, bese kuthi thina (eThekwini) singabadlali abahamba phambili’ (kucashunwe kuBass 2009:250). UBass (2009:250) ucaphuna uSutcliffe ethi ‘sidala idolobha elinakekelayo, elihlanganisa uwonkewonke, eliphethwe kahle, futhi nelibuswa ngentando yeningi.’ Kodwa okuziwa ngabokufika baseAfrika emigaqweni yedelobha laseThekwini – okuhambisana nokungazwelwa okukhulu njengabanye – kubeka obala ukuzenzisa kwalemizwa. Ezweni lonke, ukuhlasela kwangoMeyi 2008 kwabokufika kwaholela ekufeni kwabantu abangaphezulu kuka60. Njengokusho kwemibiko esemthethweni, zingu 342 izitolo okwatshontshwa izimpahla kuzo, ezingu213 zasha zangqongqa kwaboshwa abantu abangu1384 (ngokucashunwa okwashiwo ngowayenguNgqongqoshe Wezokuvikela nokuQapha uCharles Nqakula eCrush et. at. 2008:11) Ukuhlaselwa kwahlangatshezwa ngukwethuka kanye nokwesaba eNingizimu Afrika kanye nasemazweni akude. Lokhu kwakungenzeka kanjani ezweni elalinedumela emhlabeni wonke ngokubuyisana, futhi abantu balo babaziwa ‘njengesizwe sothingo lwenkosazane kaNkulunkulu’ ngenxa yokwenza umthethosisekelo kanye nokugcizelela ngamalungelo esintu okuxhaswe khona lapha ekhaya ngezimali iKhomishani Yamalungelo Esintu. Ekhulumela uhulumeni, uNgqongqoshe Wezomoya uRonnie Kasrils wathi kungenxa ye’Third Force’ yalabo abacekela phansi ezombusazwe, kanye nabanye ontamolokhuni nezigebengu. Kwabhekwa kancane ukuthi udlame lokucwaswa kwabokufika kwakunomlando omujana eNingizimu Afrika eyayisibuswa ngentando yeningi. Ngenkathi bexwayiswa ithimba leAfrican Peer Review Mechanism ngoDisemba ka2007 ukuthi ‘ukucwaswa kwabokufika kwabanye baseAfrika kubonakala kunyuka futhi kufanele kuqedwe kusaqala.’ uThabo Mbeki, ngalesosikhathi esanguMongameli waseNingizimu Afrika, waphendula wathi ‘lokhu akusilo iqiniso’ (Johwa 2008). Kodwa ngokuzalwa ngentando yeningi entsha, izimpawu zobungozi zazikhona. Kusukela ngoDisemba 1994, abokufika baseAfrika babehlaselwa yizakhamizi zaseAlexandra elokishini eliseduze kwesizinda sezimali saseGoli, lapho abaningi babuka imijondolo nemizi yabo icekelwa phansi, ngenkathi abanye bephoqwa ukuba baye esiteshini samaphoyisa. Lokukuhlangana komphakathi kwakubuzwa nge’Operation Buyelekhaya’. Ngokusho kuka Jonathan Crush nabanye (2008:21).
Ukuhlaselwa kwabezizwe bokufika kwanyuka ngesibindi kanye nangonya. Kokunye ukuhlasela kwango2007, angaphezulu kwekhulu amaSomalis abulawa nezitolo zawo zashiswa kwantshontshwa nezimpahla. Empeleni zaziningi izimpawu zobungozi. Ongqongqoshe bakahulumeni kwakungafanele bathuke ngoMeyi ka2008.
Ucwaningo olunzulu lukhomba imizwa ejulile ngokucwaswa kwabokufika (Mattes nabanye 1999). Ngenkathi imizwa ngokucwaswa kwabokufika isabalele yonke indawo futhi sekudlulele emagatsheni kahulumeni kwaze kwaba udlame, ukuhlasela kwangoMeyi 2008 kwakuhlukile.Udlame lwangaphambilini lwalugxila esikhathini futhi endaweni eyodwa ngenkathi ukuhlasela kwango2008 kwakusabalele izwe lonke, kwenza amashumi ezinkulungwane zabantu zihambe, cishe u15 000 wabantu baseMozambique abahamba bashiya lelizwe ngenqwaba yamabhasi, ngenkathi abanye baseAfrika bokufika befuna izindawo zokukhosela emakhempini kanye nesezindaweni zesikhashana. Ngisho nalabo ababebalekela unya olukhulu emazweni akubo – okwakwenza kube nzima ukubuyela emakhaya abo babechapheleka. Empumalanga neDemocratic Republic of Congo(DRC), cishe u5.4 wezigidi zabantu ababulawa phakathi no1998 no2008 (Reuters 2008), engxenye ngenxa yokufunwa kwecoltan yizimboni ezisabalele umhlaba, lomkhiqizo osetshenziswa kumakhalekhukhwini kanye nezinye izimpahla zama-electronics, futhi embiwa ngosizo lwezidlamlilo. Umkhiqizi wegolide lonke emhlabeni oqhamuka eNingizimu Afrika, iAngloGoldAshanti, bebenezindawo ezingamakhilomitha angu2000 wamasquare omhlaba ngaseMongbwali emva kokuthola ngobuqili amalungelo okubheka lomkhiqizo ngo1996 ngenkathi kusabusa ngendlovuyangena uMobutu Sese Seko (Deibert 2008).
Ngo 2005, Ababhekeleli Bamalungelo Esintu (Human Rights Watch) baveza ukuthi uAngloGold Ashanti ngo2005 wakhokhela izidlamlilo zeFront for National Intergration (FIN0 umholi wazo owashushiswa eHague eNkantolo Enkulu Yomhlaba Yezigelekeqe (International Criminal Court) ngamacala obugebengu bezimpi. ‘Injongo yethu enkulu siphokophele ukuthola simbe igolide ngokunenzuzo,’ kuchaza owengusihlalo omkhulu, uBobby Godsell (ngo2005), eqhubeka ethi ‘(ama)phutha ayokwenzeka’(Godsell 2005). Uhulumeni waseNingizimu Afrika waxhasa osozimali baseGoli ukuthi bangenelele ngenkathi kuqala iminyaka ka2000 (Bond 2002). Umthelela walokhu kulombuso obusa amazwe kulesisigceme saseAfrika (sub-imperial power) kahulumeni waseNingizimu Afrika nosozimali, kwaba inqwaba yobokufika bethutheleka kulelizwe ngenxa yemigomo yezangaphandle yasePitoli ibhekelela izimboni zokumbiwa phansi zaseGoli ezilambele imikhiqizo embiwayo. ITheku laba ufakazi walokhu ngenkathi iqembu labokufika abangu-47 abaqhamuka empumalanga neDRC ababedinga ukukhoseliswa emva kwesidumo sokuhlaselwa kwabokufika kukaMeyi 2008 sekuphelela eAlbert Park, inkundla esiphuphile eningizimu netshonalanga yengxenye yezokuhweba maphakathi nedolobha, ezungezwe amaflethi asegugile. Kulenkundla babehlale behlushwa ngamaphoyisa. Abokufika bancenga idolobha ukushintsha indawo ibe inkambo esemthethweni. Izinhlangano ezizimele zasendaweni ezinye zazo ezikhokhelwa iUnited Nations High Commissioner for Refugees(UNHCR) – zazama ukubonisa leliqembu ukuthi lihlukane. Abaphathi bedolobha basebenzisa ulwimi olunonya futhi olunobungozi ekuxoxeni ngaloludaba. Kuloludaba uSutcliffe wakhuluma ngokusobala:
Imindeni iyakwazi ukuzikhethela ukuphindela emazweni akubo noma ezindaweni emphakathini eyayihlala kuyo ngaphambilini ngaphambi kwezinkinga zikaJulayi. Umasipala awukwazi ukuvele usuwenza ngokubaluleka izidingo zabo zezindlu sibe sinabantu [bendawo]abangu200 000 abadinga izindlu edolobheni uqobo (Mdletshe 2008).
Empeleni, abokufika, abakaze bafune ngesankahlu izindawo zokuhlala; konke ababekufuna kwakungukuba nendawo ekhuselekile eAlbert Park. Lokukhulumna okungaphumeli obala okungenza abokufika bazibone kungasondelwene nabo futhi kube ukuzivikela kokwehluleka kwedolobha ukuthi lifeze izethembiso zokwakhela bahluphekayo. Umqondo kaSutcliffe ukususa abantu epaki ngenxa yokuthi yomphakathi wendawo uyakhononda ngobugebengu.’ (Magwaza 2008) Empeleni ukuthi akekho noyedwa wabokufika owayesoleka ngobugebengu abazange bakushaye indiva lokho. Kodwa kwakunomunye umthelela: Indebe Yomhlaba ka2010, okwase kungaphansana kweminyaka emibili ukuthi ifike. Isaqala phansi inyanga kaNovemba ngo2008. idolobha lafika neDurban Solid Waste kanye nenqwaba yamaphoyisa kamasipala. Ngalesosikhathi umqondo kwakungukuthi ipaki kufanekle lihlanzwe. Omunye wabangu-47, uAziza Wilondja, umama wabantwana abayisithupha owayesehlale epaki izinyanga ezine, wathi izingubo zabo kanye nomazisi babo baphucwa khona:
Amaphoyisa athatha izinto zethu azifaka emotweni yomgqomo. Baqaqa amatende ethu futhi basisabisa ngokusishaya.
Ngenkathi bezama ngokubambelela ezintweni zabo eziyingcosana, abokufika basebephoqelekile ukuhamba eAlbert Park futhi bangena indlela umuntu nomuntu esezibonela ukuthi uyaphi. KuMphathi weDolobha, babeyinkinga okwakufanele ukuthi inyamalale, ngokuxwayiswa ngenkathi ukuxhasa kwezinhlangano ezizimele kanye nomphakathi kwakuncomeka:
Kufanele siqaphele ukuthi asiqhubezeli pambili isimo ngokungenasidingo. Inkinga ekhulayo yabokufika iyinto ekufanele sizame ukuyigwema ngayo yonke indlela. (Bond, Hinley, noMeth 2008).
Belandela ukuyalelwa okwakuqhamuka kuSutcliffe ukususa abantu baseCongo, iphoyisa elaliphethe, uConstable Khwezi Mathenjwa, wakhuluma kwisiqophamazwi neCentre for Civil Society yaseUniversity of KwaZulu-Natal ngokususwa ngendluzula kanye nokuthathwa kwezimpahla (okuhlanganisa namaphepha emvume asemthethweni abokufika) wavela ngokubanzi ingcindezi eyayihambisana neNdebe Yomhlaba.
U2010 uzofika la, ngakho-ke abantu abaqhamuka kwamanye amazwe, mabeza kulelizwe, kufanele babe nesithombe sokuthi eNingizimu Afrika, idolobha laseThekwini lihlanzekile, ukuthi ayikho imihambuma, abekho abadayisi emgaqweni. (Bond, Hinley, noMeth 2008).
Enyangeni elandelayo, indawo yaseAlbert Park yaba ofakazi ngezimpawu ezintsha zokuchukuluzwa kwabokufika. Kokunye ukuhlaselwa, abaseNingizimu Afrika basendaweni bangena eJamba House eSt. Georges Street baqhubekela phambili bexosha abokufika. IJamba House kwakuyindawo ehlaselwa kakhulu ngamaphoyisa. Abahlali bathi amaphoyisa ayevele athathe noma yini abanayo. Abameli Bamalungelo Esintu (Lawyers for Human Rights) LHR okuyinhlangano ezimele yamalungelo esintu, yayithathe amacala ambalwa emva kokuba abahlali bekhiphe amarisidi ezimpahla. Ngenkathi abahlali sebephumele engaqweni, amaphoyisa ayebahlukumeza baze banyamalale ebusuku. Owokufika waseZimbabwe uEugene Madondo, owayazi ngalesisimo, wayengakhululekile ecabanga ukuthi imiphumela yokuzijabulisa kakhulu ngesikhathi samaholide kaKhisimusi. Uma sekuhwalala, wayecasha ekamelweni lakhe eVenture Afrika, enye indawo yamaflethi eseduze ehlala kakhulu abokufika.
Kwasekubakhona lokhukuhlaselwa ngoJanuwari 4, 2009. Kwakuyisonto ligamenxe ihora leshumi ebusuku. Ngabona iqembu labantu bephethe izikhali ezifana namazembe kanye nezagila. Babephethe nezando, futhi. Babefutha amavuvuzela. Behaya izisho ngolimi lwesiZulu, abanye babo babecula. Ngababona beza ngendlela yaseflethini lapho ngihlala khona, eVenture Afrika. (Desai noMadondo 2009.)
Ukuze lifike eVenture Afrika, leliqembu kwakufanele lidlule esiteshini samaphoyisa. Ukubuka omabonakude bangasese abasuke beqaphile kwabakhombisa ababehamba bemasha emigaqweni. Umqashwa ehovisi laseLHR eduze kwaseVenture Africa washo ephindelela ukuthi abantu ‘ balizwa iqembu, balibona iqembu.’ Kwathintwa umnikazi weVenture Afrika, futhi washayela ucingo ezakadalawane ukuthi zingenelele. Amaphoyisa amtshela ukuthi iqembu lalenza umsebenzi osemthethweni wabaQapheli Bomphakathi (Community Policing Forum – CPF). UEugene Madondo wasilandisa-ke ukuthi kwase kwenzekani:
[Iqembu] laphoqa langena ngenkani ngaphakathi. Izitezi eziyisithupha. . . Kuqala okwenzekayo ngangilele, kodwa ngeSaba kakhulu. Ngezwa umsindo wabantu bememeza. Izicabha zazihleshulwa. Babeshaya izicabha ngezando. Ngenkathi ngibona ukuthi babehlephula nezicabha, ngacabanga ukuthi ngibaleke, ngakho ngavula umnyango, ngenkathi ngibona umakhelwane wami etshingwa kusukela esitezi sesithupha – PHANSI! Ngaphambi kokuba ngikhiye isicabha sekamelo lami, kwafika kimi abanye baleliqembu – iningi labo; babeBaningi! Amadoda ayengaphambili’ abesifazane bengemuva bememeza, “Shaya! Shaya! Bangibuza ukuthi ngiqhamuka kuphi. Ngathi ngingowaseZimbabwe. Bamemeza, “Shaya ikwere-kwere! Shaya!” Oyedwa wabo wangishaya ekhanda ngesagila. Igazi laqala lavuza. Ngazizwa ngibuthakathaka. Ngamemeza ngicela usizo. Owayengihlasela wajoyinwa ngabanye. Bangishaya ngezibhakela esiswini Babengishaya ngisho nezitho zangasese. Ngazizwa ngibuthakathaka kakhulu. Ngawela phansi. Ngangicabanga ukuthi sekuphelile. Ngezwa oyedwa wabo ekhuluma ngolwimi lwesiZulu. Bathi, “Asijikijele lenja ngewindi”. Abayisihlanu babo bangiphakamisa, bangiphusha ngewindi. Ngazama ukubambelela ngepulangwe lewindi, ngimemeza ngicela usizo. Baphula amapulangwe ewindi, bangiphushela phansi kusukela esitezi sesihlanu. Ngenhlanhla, ngawela phezu kwalamadoda amabili ayesefile Ngesikhathi sengiphansi lapho, futhi sebebona ukuthi angifile, babelokhu bengijikijela ngezinto futhi bengishaya ngamabhodlela kaBhiya nengezinye izinto. Ngangingaboni nanokuthi lamadoda ayesefile. “Wozani madoda. Kunendawo yokugcina izimpahla esingagaqela kuyona. Igazi lalopha kakhulu ekhanda lami. Ngangizwa ubuhlungu obumangalisayo kumgogodla wami kanye nasekhanda. Ngase ngiya[quleka].
Lababangani ababili abase befile uMadondo awela phezu kwabo kwakunguOmar Said waseSomalia kanye noVictor Zowa waseZimbabwe. Emva kokuhlala isikhathi eside esibhedlela, uMadondo waphindela lapho kwafa khona lamadoda. Ikamelo lakhe lalisaphazekile. Abaningi ayehlala nabo bavele banyamalala besaba ukuphindwa bahlaselwe. UMadondo wafuna usizo eLHR kanye neRefugee Social Services. Into yokuqala okwathiwa akayenze kwakungukukhomba abenzi balokhu.
Ngayakhona, ngingedwa. Ofakazi abaningi abangazange babe izisulu babesaba. Banovalo. Bacabanga ukuthi bazobulawa ngabaphesha udweshu lalokhukuhlaselwa, ngoba iningi labo lingaphandle ngebheyili. NgoMeyi 19 kwakunabaphenyi becala lapho ngakwazi ukukhomba abanye babaphehli bodweshu, ngisho noVusi Khoza uqobo lwakhe. UVusi, ngingathini ngoVusi? Mubi kakhulu. Akakwazi ukuhlalisana ndawonye nabanye abantu. Ngaphambi kokuhlasela akhombe ngeminwe [ku] bantu bokufika abahlala emaflethini . . .Akalungile, leyandoda. Futhi, akafuni ukushitsha noma axolise. Uzama ngayoyonke indlela ukucekela phansi ubufakazi ngokubulala ofakazi bombuso.
Ngenkathi ngimkhomba, wayengangiboni ngoba ngangifihliwe. Wayeyinombolo yeshumi nesihlanu. Bathi, “Oweshumi nesihlanu akaphumele obala.” Ngesikhathi enza lokho, noma wayengangiboni, wangikhomba ngomunwe wakhe ukuze angenze ngisabe futhi ngibe nemizwa emibi. Kodwa angimzondi. Engingakuthandi nhlobo indlela aphatha ngayo abanye abantu, ikakhulukazi abokufika. Konke engikudingayo ngaye, ikakhulukazi yena, uVusi, ukuthi abekwe icala ngalesisenzo futhi bese eyagwetshwa . . .Isimo ekhaya isona esenza sishiye amazwe esidabuka kuwo. Ngakho-ke, uma ukhosela kwelinye izwe futhi uthola ukuthi isimo kulelozwe sibucayi kakhulu kunasezweni lakho, nabantu bendawo bafuna ukukubulala, sizoyaphi-ke kanti ngempela? Kwasekuzwakele ukuthi uMadondo usePort Shepstone. Empeleni, emva kokuhlaselwa waqhubeka nokuhlala endaweni yaseAlbert Park. Kwakuyindlela engikhombisa inkani ngayo. UMadondo uphila engxenye ngokunikela ngempilo yomndeni wakhe: Umkakhe, uFungai, kanye nendodana yakhe esencane, uAshley, asebakade baphindela eZimbabwe. Ngenkathi usuku lwecala selusondela, uMadondo wahamba wayofihlwa evikelwa. Wayebeke impilo yakhe ukuthi ivikelwe ngamaphoyisa ayekade emhlukumeza esahlala edolobheni. UKhoza, omunye wabaphehli baloludweshu lokuhlasela ngoJanuwari, wayehamba hamba endaweni yaseAlbert Park. Wonke unyaka ka2010 waqhubeka waba ikhansela leANC kulewadi futhi engusihlalo Oversight Committee Lamaphoyisa KaMasipala, kodwa ngokhetho lango2011 akazange akhethwe kwiANC futhi kwaqala ukuqulwa kwecala lakhe. Kwahlehliswa emva kosuku kokulalelwa, njengoba amasondo ezobulungiswa aseThekwini ayesebuthuntu. NgoJuni 26, 2009, uMasipala waseThekwini wathumela isimemezelo sikhombisa ngeAfrican Unity Six-a-Side Soccer Tournament, lomdlalo wawuzoba ngaphansi kwesiqubulo esithi ‘Silwa nokucwaswa kwabokufika futhi sigqugquzela ukubambisana kwamaAfrika ngeBhola.’ Incwadi yayinesigxivizo sikaKhoza. Kulesisikhala esincane maphakathi nedolobha, ukungazwani, kuyaqhubeka, kube sezindaweni ezithile, bese futhi kuyaqubuka. Iziqapheli Zezomphakathi balinganisa ukuba khona kobugebengu nokubakhona kwezifiki zaseAfrika. Besebenzisa lomqondo, obenza bahlasele amaflethi lapho kuhlala khona izifiki bazilahlele ngaphandle. Futhi sekuphumele obala ukuthi abaqashisi balamaflethi asesimweni esibhedayo abiza uR700 ngenyanga ngendawo encane abayihlukanise phakathi, isikhathi esiningi engenamanzi noma ugesi, lapho kwakukade kuyizindlu zokugcina izimpahla kanye namahovisi asesimweni esingesihle. Uma abokufika sebesemgaqweni, amaphoyisa ayabasukela abahlukumeze abaphoqe ukuthi balokhu besuka kulezizindawo, baze bagcine sebehambile lapho. Ngokusho kweLHR, amaphoyisa ahlasela amaflethi bese ethatha izimpahla zabokufika, engenandaba noma banaphepha yini akhombisayo ukuthi bazithenga noma qha. Ingxenye esempumalanga neAlbert Park. Inhlangano exhasa abokufika kwiSizinda saseDiakonia, indawo lapho enezinhlobonhlobo zezinkolo eziyizishoshovo ezilwela intuthuko eminingi iminyaka le, bamatasatasa. ILHR kanye neRefugee Support Services banesivumelwano neUN High Commission for Refugees. Noma ingaluphi usuku, kuba nemigqa emide kanti izinsiza azikho kakhulu. Umsebenzi wabo ukubhala, ezomthetho, kanye nokubhekana nesimo somuntu ngendlela yaso ngamunye. Ezinye zezinhlangano zaziphikisana nokubekwa ndawonye kwabokufika abangu47 baseDRC eAlbert Park. Babengawuboni umqondo wabokufika – ukuthi ngenkani yabo yokuhlala lapha yayenza kube sobala ukuthi akukho ukuxhaswa iziphathimandla zedolobha; ukuthi ngokuqhubeka ngokuphikelela bebona amatende edilizwa futhi behlukunyezwa ngamaphoyisa futhi kwamema ukuqhubeka kokucwaswa kwabokufika ngokusemthethweni; nokuthi izikhwama ezimnyama zeplastiki, abazimboza ngazo, lokhu kwaqhubeka kwaveza obala ukungaxhaswa uhulumeni. Izinhlangano ezingaphandle kukahulumeni ezizimele ezixhaswa iUNHCR zatolika izenzo zabokufika baseCongo njengomdlalo abokufika abawudlalayo: Befuna indawo yabo yokufihla ikhanda ngendlela yabo yokuzifunela ukusizwa ‘kwelinye lamazwe ahamba phambili emhlabeni’. Umbono wabo, kwakungukuthi lendawo yokuhlala engekho ezingeni yokuhlala kwakungesona isenzo sabaxakekile kanye nokuzimisela kodwa esokuzibhekelela kanye nesamaqhinga. Ngenkathi ukuxhaswa kwabokufika kwakugxile ezintweni zokuthi baqhubekele phambili kanye namacala amuntu ngamunye, idolobha lasebenzisa izazi ukubhekana nabo. Abaholi beKwaZulu-Natal Refugee Council, uBaruti Amisi beno Piere Matate (2009), baveza iqiniso lokuthi eminyakeni engaphambili edlule, ukukhunjulwa kweWorld Refugee Day kwakuhlelwa umphakathi wabokufika uqobo lwabo. Kodwa-ke, eminyakeni emibili edlule kukhunjulwa iWorld Refugee Day, abalethi bezinsiza bexhaswe nguhulumeni ibona asebathatha umsebenzi owawenziwa ngaphambilini umphakathi wabokufika. Lokhu kwashintsha indlela kwalokukhunjulwa kwalolosuku ‘okwaba elinye ngelabampofu kanye nabokufika (isikhathi esiningi ngaphandle ngokudla kanye nokuphuzwayo, futhi isikhathi esiningi etendeni); bese kuba abanye bezikhulu ezindaweni ezithokomele njengaseCity Hall, lapho kudliwa khona ukudla okubizayo kanye nokokuphuza.’ Njengoba uAmisi noMatate (2009) bebika, abalethi bezinsiza sebenza lokukukhunjulwa kwaba yindlela ‘yokuzijabulisa bona’. Ukubulala kwangoJanuwari ngo2009 kwakungumphumela wokucwaswa kakhulu kwabokufika eAlbert Park. Kwenye ingxenye kodwa-ke, icala elihanjwa enkantolo lehlisa ukudonsisana, njengoba nedumela futhi lenza kwaxwayisa labo abanokuthanda ukuhlasela abokufika ukuthi lokho kungababeka engcupheni uma behlasela ngokusobala. Kodwa kusekhona noma kungagqamile ukusatshiswa emigaqweni, okuphinde kwavela ngoJulayi ka2010 ngenkathi ukuhlasela kwabokufika kwakubikwa izwe lonke emva KweNdebe Yomhlaba. Lokukuhlaselwa kuqhubeka ngokujwayelekile lapho kunezibheku zokulethwa kwezinsiza okugcina sekunokucwaswa kwabokufika. Kodwa kololonke loludlame, uThabo Mbeki wayephindelela ephika ukucwaswa kwabokufika ngoOctober ngo2010:
Ngakho ngithi umangabe kukhona ukucwaswa kwabokufika, ngingakulindela ukuthi kwenziwe kubantu abahlukile kunami futhi, uma sesibheka umlando wethu, laba ngabantu ababesicindezela. Kodwa awunabo ubufakazi bokucwasa kubantu bakithi . . . Asigxile ezimpandeni zomsuka [wale] nto futhi sikhulume nezwekazi lonke, enginesiqinisekiso . . .ngiyagcizelela ukuthi abantu bakithi abanayooinkinga yokucwasa abokufika (Ncana 2010).
Ngokufanayo, kubhala isikhulumi sikaKhongolose uJackson Mthembu (2010) ngenkathi sekugoqwa iNdebe Yomhlaba,
Imibiko yokuhlaselwa kwabokufika yizakhamizi zaseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abaqhamuka ezwenikazi laseAfrika, emva kokuphela kweNdebe Yomhlaba kaFIFA ngo2010 eNingizimu Afrika, akunamnyombo futhi akunangqondo [sic].
USihlalo kaZwelonke kaKhongolose uBalekaMbete waphawula wathi, emibiko Ayinangqondo futhi ayinamnyombo nhlobo’ (Mthembu 2010). Ngaleyonkathi futhi, Umnyango wedolobha wezezindlu – odume kakhulu ngenkohlakalo, njengoba Kufakazeka ecaleni lamathenda akwaMpisane, okwaholela kwinzuzo enkulu Kubathuthukisi abakha izindlu zamanani aphansi kanye nokungenzeka kubenophenyo Kumkhonyovu ofika kuR3.5wezigidigidi – futhi lomnyango uxhase izinhlelo zokuvuselela amaflethi azodayiswa kusukela kuR300 000 noR400 000. Abokufika abangenayo imvume kanye nokukwazi ukuboleka ngeke bakwazi ukusebenzisa lamathuba. Futhi, ukususwa kwaMaphoyisa kaMasipala kwekomkhulu lawo ngo2010 kwenza iAlbert Park kungabi indawo engahlala abokufika. Iyona ndawo yokugcina ejwayelekile lapho abokufika behlangana, balale elangeni, babuke ichweba, futhi bathole nokudla kubantu abenza okuhle noma ezinhlanganweni zezenkolo.
I ‘Dolobha laseAfrika’ ngaphandle kwabadayisi abancane; ichweba elingenabo Abadobi?
Loluhlelo lokukhipha ngaphandle; abangafuneki’ futhi lalumbandakanya nokwesabisa okwacishe kwanyamalalisa amaqembu amabili asengcupheni: abadobi abasekuqaleni kolwandle kanye nabadayisi abangenamvume eWarwick Avenue Market (ebuye yaziwe Ngemakethe Yasekuseni Kakhulu –Early Morning Market), eminyakeni eyikhulu ebiyikhaya labadayisi abakhiqiza izitshalo bamaNdiya kanye nabamaAfrika, abahlanza amakhanda ezinkomo (kulabo abangochwepheshe ukulungiselela inyama yenkomo yasebusweni, kanye nezinye izinhlobonhlobo zabadayisi (ukuze wazi umlando wendawo bheka umbhalo kaMaharaj ngo19990. IWarwick Avenue Market isibone izimpi ezidlula amashumi eminyaka. Uchuku lwezikhulu lwanyuka kakhulu ngoJuni18, 2007 lapho abadayisi abangu-500 baboshwa ngokungezwani ngosuku olulodwa.Ngo2009, izikhulu zedolobha zamemezela ukuthi kunezinhlelo zokwakha inxanxathela yezitolo esikhundleni salezizimakethe eyayizokwakhiwa ngomunye wabalingani ongobhululu bezohwebo – umkhuba iTheku elidume ngawo. UCaroline Skinner (2009) uwucacisa kahle lomzabalazo:
Lemakethe inezindawana ezingu673 zokuhweba, kanye nabezingadi abangu50 abadayisa imikhiqizo yabo lapha. Labahwebi badayisela abanye abahwebi abangekho emthethweni edolobheni lonke; ngakho-ke bayingxenye ebalulekile yedolobha lonke yokusabalalisa imikhiqizo. Osukwini olumatasatasa, cishe bafinyelela ku8 000 abadayisi basemigaqweni nabasezimakethe abasebenzela ngaphandle kwaseWarwick. Kunabaningi abasebenzayo ukuxhasa loluhwebo, njengabagqubi bezinqola kanye nabaletha amatafula, uparrafin, kanye nezikhwama zokudayisa. Asibanga khona isimemezelo esenziwa ikomidi kulabo ababengathanda uma ngabe lomhlaba obiza kangaka usudedelwa, futhi akuzange kube khona uhlelo lwezomphakathi lwamathenda. Futhi, akukho mhwebi okhona owenziwa waba yingxenye yokuba umnikazi weqembu leBlack Economic Empowerment eyayishayela lentuthuko.
Idolobha lasebenzisa izinkulumo ezimbalwa zokuphikisana njengesizathu zokuphushela ngaphandle abahwebi, okuhlanganisa nokuphoxwa kwezifundiswa zendawo nguMphathi weDolobha uMike Sutcliffe ngokuxhasa imakethe. Yini engenza noma ubani aye kuleyandawo kubuza uSutcliffe (2009) ?
Cishe osukwini lonke indawo ingcolile, futhi zimbalwa nezindawo zokuzikhulula futhi nabagibeli basengcupheni yokuhlaselwa, ngoba lendawo iyona eyingozi kakhulu ezinhlanganweni zaseNingizimu Afrika. Akukho mabhange, amahovisi amaposi kanye nezinsiza zomphakathi ngokwanele endaweni ukusiza abadinga usizo.
Vele kwakungaphansi kokuphatha kwakhe okwenza lesisimo siphumelele futhi siqhubekele phambili ngokonakala. Ngenkathi ekhala ngokusweleka kwezimali ukuthuthukisa lengxenye ebaluleke kakngaka yedolobha, imali akukaze kubonakale iyinkinga ukuthuthukisa iNkundla iMoses Mabhida eyadla ngaphezulu kwezimali eyayikade ibekelwe zona, Ukuthuthukiswa kwe-uShaka Point Waterfront, kanye neICC, konke okwakudinga amashumi ezigidi ngokuxhaswa izimali zikamasipala zemisebenzi.Othelawayeka bemigwaqo emisha abahambela phezulu esekususa iningi labahambi bezimoto ngaphezulu kweWarwick Junction – bakhiwa ngemali yezakhiwo zeNdebe Yomhlaba – okwabiza ngaphezulu kukaR1.4 wezigidigi (billion), kodwa izindawo zikamasipala azikakabinenqubekela phambili kubantu abangaphezulu kuka-460 000 abangabasebenzi abama njalo ezizindeni zamatekisi usuku nosuku kuWarwick (Comins 2009b).
Ngo-2009, abahwebi kanye nabangani babo baphikisana ngokunamandla ukucekelwa phansi kwemakethe futhi baphoqa idolobha ukuthi lihlehlele emuva kwizinhlelo zalo zokwakha inxanxathela yezitolo usuzophela lowonyaka. Kodwa lokhu kwakungukuphumelela okungenazinselelo, ngoba idolobha liyanqaba ukufaka izinsiza ukwenza ngcono imakethe nokuyenza ikwazi ukusetshenziswa nguwonkewonke.Futhi, ngenxa yokuthi indawo lapho abantu bangathenga khona izimfino ezitshalwe endaweni ezingabizi, iWarwick Avenue Market ingenye indawo ebalulekile kakhulu lapho kunenhlanganyela kakhulu kwezombusazwe kanye nezemvelo. Amakhilomitha ambalwa uma ubheke empumalanga, ekuqaleni kolwandle, Abadobi bavele bavunyelwa ukusebenzisa izndawo ezincane ezindaweni ezisolwandle.Kusukela ngama1800, babekwazi ukudoba eNingizimu Pier emlomeni wechweba (engamamitha angu-400 ubude), nnjengokusho komthwebuli wezithombe uSjoerd Van Grootheest (2010), kodwa ngo-2005, kusetshenziswa umgomo woMhlaba Wonke Wezemikhumbi kwaye neZokuvikela, inxusa laseMelika langenelela ukuthi kungavunyelwa ukudoba noma ikuphi echwebeni lithi ingenxa yokuvikela ichweba.Lokhu kwakuneminye ‘yemithetho kanye kanye nemigmo ethwalisa ijoka eyaphoqa iNingizimu Afrika yiMelika njengengxenye ‘’ yempi kubaphekuli’’ (war on terror) [okwakungase] kungcwabe ichweba laseThekwini kanye nezimboni ezingaphansi kwemithetho yolwandle, ‘njengokusho kwemibiko yasendaweni (Ryan 2007). NgoNovemba ka2009, imigomo emisha yokudoba kamasipala yaqala yasetshenziswa, yayunka kangangokuthi ngoJulayii ka2010, abadobi basebevunyelwe ukudoba, kwipier emfishane engenamsebenzi walutho (eyayaziwa ngokuthi iSnake Park Pier) eyayikude nalapho kugcwele khona ofishi. Abadobi abakaze babhekane kahle nalokukusatshiswa, ngokubika kukavan Grootheest (2010) :
Kodwa-ke, nabadobi badube kabi ngokusetshenziswa kwezidakamizwa ngabanye kozakwabo, kwezinye izikhathi kuholela ezingxushungxushweni kanye nodlame ezindaweni zomphakathi ezisolwandle kanye nakumapiers. Abadobi, okungebona abantu abahlangene noma umphakathi oqinile (baqhamuka ndawozonke futhi bathembela kwabakudobile ngezindlela ezahlukene) banenkinga ngesimilo sabo.
Ngokusho kukachwepheshe kwezenhlalakahle zabantu (an anthropologist) uKeith Hart (2011), ukungezwani kuqhamuka engxenye yalokhu :
Izinhlelo zesikhathi eside zikamasipala kwindawo engaphambi kolwandle kaMasipala weTheku (okumbandakanya noMphathi weDolobha, uMike Sutcliffe,uchwepheshe webalazwe owayekholelwa kwiMarxism), ezagcwaliswa iminyakazo eyayimelana neNdebe Yomhlaba . . . Izinhlelo zeDolobha ukubhidliza isibhedlela bese kwakhiwa ihotela eliphambili lapho noma okufana nalokho. Sebegqugquzele ukutshalwa kakhulu kwezimali kuleyondawo engasolwandle ehlanganisa uShaka Marine World, ukuthuthukiswa kwezindlu ngendlela yaseVenice (idolobha eliseItaly) ePoint, kanye nendawo yokupaka imikhumbi emincane ehamba izicebi, nokunye nokunye. Indebe Yomhlaba yabona ukwandiswa kwalendawo ngokweqile, futhi lokhu kwaholela ekubhidlizweni kwemijondolo, izindawo ezingekho emthethweni zokudla, njalonjalo.
Kubenemizamo emikhulu yamaphoyisa eminyakeni eyisihlanu edlule ukwenza lendawo iphephe kakhulu kunendlela eyayiyiyona ekuqaleni. Umqondo ukuthi iNingizimu Lendawo Engaphandle Yolwandle ibe ngokwemvelo indawo imakethe esezingeni eliphezulu eduze maphakathi nedolobha ngenxa yeNyakatho nengaphandle koLwandle lapho kunendawo yokugembula khona (casino) ITheku lalibalwa njengengxenye yezindawo zasolwandle eziyishumi zokuvakasha zemindeni emhlabeni yiphephandaba iLonely Planet ngonyaka odlule. Isimo sezulu esihle ngoba kakhulu futhi siyaheha kubusika baseningizimu uma kuqhathaniswa neKapa kanye neGoli. Idolobha libhekene nezentela ezinciphayo. Ichweba lalo ilona elikhulukazi eningizimu yonke, kodwa izimboni eziningi ezisemazingeni aphezulu seziyasuka ziya ngasenyakatho yedolobha ngaseMhlanga, futhi nesikhumulo sezindiza sesikude ngamakhilomitha angu35 enyakatho yedolobha lapho okwakuyiseZululand kudala. Ezokuvakasha ilona themba eliphambili ledolobha elingakhulisa ezomnotho, kanye nokutshuza (surfing) ikona okubalulekile.
Umnyango wechweba, iPoint, ulwandle oluseningizimu kanye namahotela Ezokuvakasha empeleni zingenza kangcono kakhulu uma ukudoba kungavunyelwa ekungeneleni kwechweba kanye nakumapiers amathathu amade ancike eduze kwalapho kugcwele khona amahotela, ngokusho kwabamele ezokudoba. Kodwa ezinye izimpi mayelana nendawo sezike zabakhona ngenxa yabatshuzi abagxuma kumapiers ukubamba amagagasi, okujwayele ukona imingcele noma ukubhajwa. Njengoba kwaqaphela uHart (2010),
Abatshuzi bayakhononda ukuthi abadobi bashiya ukungcola (izilwane,imifino and namabhodlela) lapho basuke bekhona. Umasipala weTheku ukhathazekile ngokwaziwa kwalelidolobha njengendawo esemgangathweni yabatshuzi, kodwa ikakhulukazi ngomphumela wokubhekana ‘’nalenkilayitheka’’.
Idolobha lathatha amagxathu amakhulu ngo2010 lidweba kabusha indawo nenhlabathi eseduze kolwandle eduze kwamapiers, bephampha inhlabathi ukudala amagagasi angcono. Kodwa-ke, ngalowonyaka, ubuhixihixi okwafika nokuthuthukiswa kabusha kanye ngosiyazi kwezikhulu zikamasipala okwaholela ekutheni umqhudelwano omdala obuhlala wenziwe edolobheni wokutshuza, owawaziwa ngeGunston500 kodwa manje osuwaziwa ngoMr. Price Pro – usuka ufudukela kumakhilomitha angu25 enyakatho eBallito. Abadobi bakhononda futhi ngokufanele ukuthi abatshuzi abaqhamuka emindenini esuthayo esikhathini esiningi yabamhlophe basebenzisa amapiers mahala (ayikho imali abayikhokhayo ngokusebenzisa lengxenye yolwandle), kodwa abadobi bebe bekhokhela imvume njalo ngonyaka ukuthi badobe. Noma-ke ngabe kwaba imizamo elula ukuhlanganisa abatshuzi ukuthi bakhokhela abahlanzayo – mhlawumbe izingane ezingenamakhaya eziqhamuka endaweni yokukhosela eMthombo esezitshuza ngendlela emangalisayo – ukuze izinto eziyingozi zokuhuka ngeke zingcolise amapiers, esikhundleni salokho ukungaziphathi kahle ikona okwaqhubekela phambili. Esikhundleni sokuthi bakwazi ukusebenzisa lendawo ngokuzwana, abameli abanolimi olubusheshelezi babatshuzi bakwazi ukuthi abadobi bavalwe.
Abatshuzi benza ngendlela abathandayo, kodwa-ke, abaningi babo baphuma olwandle laseThekwini oluhle bekhishwa izisu futhi nezifo ezindlebeni. Isikhathi esiningi ezinsukwini ezishisa kakhulu, izibalo zeE.coli ziyanyuka, ikakhulukazi ngesikhathi lapho inhlabathi igcwele kakhulu olwandle noma emva kwezimvula ezinkulu, ezigeza amanzi angcolile angenele emifuleni emine emikhulu engenelela olwandle : Umngeni (okuyiwona othekela kakhulu amanzi asemapayipini edolobha edlula eDamini iNanda), Umbilo kanye noMhlathuzana (ephumela echwebeni), kanye noMlazi, ogijima phakathi kwezizinda zamafutha (refineries) ezimbili eNingizimu neTheku. Umbiko wokugcina Wesimo seMifula Womnyango Wezindaba Zamanzi (2010) wathi isifundazwe saKwaZulu-Natal sakhombisa ukuthi umfula nomfula unesimo ‘esiphansi’ samanzi ikakhulukazi lapho idlula khona ezakhiweni zasemijondolo ezinkulu ezisenqenqemeni ledolobha, ngale ‘kwebhande lenhlanzeko’ lapho izikhulu zaseThekwini sezinqume akunambuyiselo ukulethela lababantu izindlu zangasese ezisezingeni (Umnyango Wezindaba Zamanzi) 2010). Ngisho nasezindaweni zasemijondolo ezinabantu abaningi, umasipala uletha izindlu zangasese ezimbalwa – eyodwa kubantu abayinkulungwane futhi lokho kujwayelekile – ngoba zesaba ukwenza emthethweni ukuhlala ngokungemthetho kulezizindawo yilabantu. Ngakho-ke amanzi emvula ageza indle kusuka ezakhiweni zasemjondolo kuye emifuleni, njengoba nesibalo seE.coli njengokusho kwezikhulu zezwe zithole ukuthi idlula kwisigidi (1million colony forming units –CFU’s per 100 ml) kuMngeni eduze kwaseKennedy Road ezakhiweni zasemjondolo (the safe limit is 130CFU’s per 100ml) Umnyango Wezamanzi kanye neZemvelo waseNingizimu Afrika 2008. Futhi ukungabikhona kokuhlanzeka emsukeni womfula, njengokusho kwentatheli ehamba phambili yedolobha ebhala ngezemvelo, uTony Cairne (2008a0, umasipala uqobo lwawo ‘uvele wabhekwa ‘njengomgcolisi ohamba phambili’ kweminye imifula ngenxa yokwahluleka ukuphesha amapayipi aqhumile athwala indle kanye nokuhola okungekho ezingeni kwezinye izinda lapho kuhlanzwa khona amanzi’ (bheka futhi uCarnie 2008b kanye no2008c). Inkinga ngezinga eliphezulu le-E.coli emanzini asolwandle yabanzima kakhulu kusukela ngo2008 kuya ku2010, kangangokuthi ukuba semgangathweni kweTheku ngeFlegi elisasibhakabhaka – okwakukhombisa ukwamukeleka kwamanzi alo emhlabeni wonke kanye nezindawo zasolwandle – kwabuyiselwa emuva, okwaholela ehlazweni lezwelonke (Pullan 2010).
Isiphetho: Ubulungiswa besimo sezulu eThekwini ? Ukukhethwa njengedolobha lokwamukelwa iCOP 17 kwakuyimpumelelo emangalisayo uma sesibheka indlela ezemvelo ezicekeleke ngayo phansi kwindawo eseduze ne International Conference Centre. Idolobha elihle kakhulu laseKapa lanqatshwa, ngenxa yomyalezo owaposwa ngowakade enguMphathi weDolobha uAndrew Boraine kwiblog yakhe,
Izinga elikhulu lezokuvikela elidingekayo . . . iInternational Conference Centre yaseKapa ingemuva kakhulu uma iqhathaniswa neICC yaseThekwini. Uyakwazi ukuvala yonke futhi ugcine amabhilikishi bekude kwizikhulu ezisuke zifikile.
UBoraine, owayekade esebenzela iNGO yaseGoli wasiza izinhlangano zemiphakathi yaseAlexandra zizivikele, ngenkathi yeminyaka yokuqala yama1990’s ngezibhelu zobandlululo, kodwa emva kwalokho wayeseba ngumxhumanisi phakathi kobudlelwane bomphakathi-kanye nangasese. ‘Isicelo saseKapa,’ esho, ‘saqaphela ukuthi kufanele kube khona isidingo sokuvala ngci ezinye izindawo lapho kuhleli khona izikhulu zikahulumeni kanye nababalulekile’ (Boraine 2010). Kodwa iTheku lalikwazi ukukhombisa ukuzethemba, futhi ngoAgasti 2011, uSutcliffe waxwayisa izishoshovu zezemvelo (ikakhulukazi iGreenpeace) ukuthi uma ababusi bamazwe befika eThekwini beze kwiCOP 17 njengoba kwenzeka eCopenhagen, ngeke-nje kugcinwe ngokuvalwa thanqa ezindaweni ezizungeze iICC, kodwa futhi ngeke kubhekhona izingxoxo zokubonisana:’ [i] dolobha ngeke linyakaze’ njengoba asho kuKhumalo 2011). Ukuhlola lokho kuyoba Ngosuku Lomhlaba Lokunyakaza (Global Day of Action) ngoDisemba 3, lapho izinkulungwane ngezinkulungwane zezishoshovu zesimo sezulu ziyobe zimasha kusukela eCurries Fountain kuya kuWarwick, kudlulwe eGrey Street Mosque kanye neRed Square endala, lapho ukuhlanganyela kwamaqhawe ayemelene nobandlululo kwakwenzeka khona, kuyiwe eConsulate yaseMelika kanye naseCity Hall, kudlulwe eICC, bese kugcinwa olwandle kumbhikisho, umcimbi kanye nokuphikisana nababusi. Ngaphezu kweminyaka eyishumi edlule, sekuphela inyanga kaAgasti 2001, imashi yabangu-15 000 iya eICC iholwa nguFatima Meer kanye noDennis Brutus imelene neNgqungquthela Yomhlaba Emelene Nobandlululo yeNhlangano Yezizwe (UN World Conference Against Racism0 kwaba seduze ukuthi ingene kwizihambeli ezazikhathele (Desai 2002). Abagxeki balengqungquthela bathi akukho ngxoxo enohlonze eyenzeka neNhlangano Yezizwe mayelana nokunxeshezelwa okudingekayo mayelana nobugqila, ukubuswa komhlaba ngabamhlophe bokufika, kanye nobandlululo, futhi kwakungekho mnyakazo owanele weNhlangano Yezizwe omelene nobandlululo kanye nokuthathwa ngendluzula kwezwe lasePalestine izwe lakwaIsrael. Uma sesiqhubekela phambili, umnyakazo omkhulu yizishoshovu ngo2001 wawuqondiswe kubandlululo lwezigaba (class apartheid) oluqhamuke kusukela ngo1994, okwaholela ukuthi kuvele kakhulu obala ukuhlukana ngebala. Kuleminyaka eyishumi, ukungaboni ngasolinye kwaseThekwini sekusesimweni esibucayi kakhulu kunakuqala.
Ngokungakholeki, ubandlululo kwezomnotho maphakathi neThekwini ladunyiswa isikhulu esinomdlandla, uSutcliffe, owayaziwa ngokuba ‘ekholelwa kwiMarxism yomdwebi webalazwe’ (Tolsi 2008). Ngaphansi kokubusa kwakhe, umgwaqo ohamba ngasempumalanga usuka eAlbert Park udlula lapho kuhlala khona omacaphuna kusale eGlenwood wawushintsha kade unguMoore Road wasubizwa ngoChe Guevara – kodwa izakhamizi zazihlale njalo zingcolisa leligama elisha (njengoba, mhlawumbe, noChe uqobo wayeyokwenza njalo). Futhi, ngokungakholeki, ngo2008 Usosheni Wabadwebi Bamabalazwe aseMelika (American Association of Geographers) yahlomulisa uSutcliffe ngomklomelo iGilbert F. White Distinguished Public Service Honors kanye neJames R. Anderson Medal of Honor in Applied Geography. Umxhasi kaSutcliffe kulomhlomuliso, uKevin Cox – umdwebi webalazwe oyiMarxist ohlala kude uyena owayehlola umqingo wobudokotela (Ph.D thesis) ngo1984 eOhio State University – wachaza wathi lokhukuhlomula njengoku
Ukuhlonyuliswa okuphambili kakhulu kwezebalazwe . . . futhi ukuqeqeshwa kwakhe njengomdwebi webalazwe ikona ebekukade kubaluleke kakhulu kwakufezile. Emva kwesikhathi eside esebenza njengesishoshovu sezombusazwe kanye nelunga eliyisethenjwa likahulumeni kaKhongolose, uMike uzivezile njengomdwebi webalazwe ongungqaphambili futhi oncikelene kakhulu nabantu (Cox 2008).
Abantu abasesimweni esisengcupheni (okuhlanganisa nezingane njengamanje banokuhlaselwa nguhulumeni kamasipala wongxiwankulu, futhi kanye nezinye izakhamizi – ezihlala emijondolo sasemaflethini asemiweni esicayi, abafuna ukuziphilisa onqenqemeni lwemiphakathi – okuyibona abazohlukumezeka kakhulu ngokushintsha kwesimo sezulu. Izindlela zokuzivikela, njengomzabalazo waseMakethe yaseWarwick Avenue, ikona okuseyisibonelo esibambekile, ngoba umsuka wezokudayisa lapho imifino kanye nezithelo ezintsha zingena eThekwini kuyoba sengcupheni emashumini eminyaka ezayo yizimo zesomiso kanye nezimvula ezinkulu, njengoba kuyokwenzeka kwabalimela ukuzondla nemindeni yabo ezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natal noma eZimbabwe eNingizimu naseMatabeleland (okuyodala ukufika kwabantu abasha bebalekela lezizimo, bebalekela isimo sezulu), njengoba kuyokwenzeka kofishi abadobwe abadobi nabo abasesimweni esibucayi uma ulwandle seluqala lufudumala. Futhi-ke, njengoba izigigaba zokucwaswa kwabokufika kanye nomkhankaso owawumelene nokususwa kweWarwick Avenue kwakhombisa, mikhulu imizamo eyayidingeka kwizishoshovu zemakethe yendawo kanye nabokufika ukuthi babumbane kanye nezinye izindawo ezazingaphansi kokusatshiswa, okwaba yinto enkulu, ngenxa yamashumishumi eminyaka yobuhixihixi kobandlululo ngebala kanye nangobuzwe.
Umqondo wabambubene kwabagcindezelwe eThekwini kubonakala njengesifiso esikude kakhulu.Kodwa-ke kulabo abafuna lokhukubumbana – njengabahlanganisi beSouth Durban Community Environmental Alliance (SDCEA) kanye namanye amaqembu njengeDurban Social Forum kanye neClimate Justice Now! laKwaZulu-Natal – bahlale bekhumbula abaholi bedolobha abanamandla beminyaka eyikhulu edlule abamangaza izinhlanganyela zikahulumeni kanye nabezimboni, futhi benza amagxathu enqubekela phambili: izinhlelo zeSatyagraha zikaMahtma Gandhi elokishini laseThekwini ePhoenix ngaphambi kokubuyela e-India ngo1914; umongameli wokusungulwa kukaKhongolose uJohn Langalibalele Dube kanye nomongameli walenhlangano owokuqala owahlonyuliswa iNobel Peace Prize, uAlbert Luthuli; umholi womphakathi owabulawa, uJohannes Nkosi; uMonty Naicker okwathi ngeminyaka yokuphela kwama1940’s wambandakanya amaNdiya noKhongolose; umsunguli Womnyakazo Wokuzigqaja Ngokubamnyama uSteve Biko; abaholi beUnited Democratic Front uVictoria noGriffiths Mxenge; abasebenzi basechwebeni ngo1973; izishoshovu zomphakathi waseChatsworth ezavuselela ezombusazwe ngezigaba ngokuphela kwam1990’s; labo abakha umlando omuhle wenkululeko beDiakonia Council of Churches; kanye nezifundiswa ezabulawa ngesinyenyela njengesifundiswa sezombusazwe, uRick Turner futhi kungekudala-nje, uchwepheshe kwezomphakathi (sociologist) uFatima Meer nembongi uBrutus – manje abangasekho emhlabeni, kodwa abakhunjulwa ngenkulu inhlonipho yizishoshovu. Ngezinye izikhathi, njengaseWorld Conference Against Racism ngo2001, kunethemba ukuthi lolusiko lwebushoshovu baseThekwini bayathola amathuba afanayo ngomqondo ukuhlanganyela nezivakashi. Umangabe bebesekanye nathi, ngabe lezizishoshovu ezazisezingeni eliphezulu kanye nabahleli ngabe benzani maphakathi neTheku sekuphela u2011? Ngabe yini izimfuno zabo? Ngabe bebezobhekana kanjani neCOP 17? Babeyoyibheka ngokubalulekile inhlanganyela yamaqembu Obulungiswa Besimo Sezulu kwiSivumelwano Sabantu eCochabamba (Cochabamba People’s Agreement) ngoEpreli ka2010, esenziwa kwingqungquthela yabangu35 000 eBolivia. Izimfuno ezihamba phambili kulomqulu yilezi ezilandelayo:
• ukwehliswa kwegesi eluhlaza ngesigamu ngo2017 ukusimamisa amazinga anyuke ngo1Celsius degree kanye nango300 kwisigidi sesisisi esingcolisayo (CO2) • bamukele isikweletu sesimo sezulu esidalwe ngamazwe athuthukile (ngamaphesenti angu-6 eGDP ngonyaka) • ukuhlonipha amalungelo esintu kubantu abangumsinsi wokuzimilela kanye namalungelo kaMama OnguMhlaba (Mother Erath) • kwenziwe Inkantolo Yomhlaba Wonke Yobulungiswa Besimo Sezulu (International Court of Climate Justice) • baphikisane nezimakethe zesisisi ikhabhoni kanye nokudayiswa kwezemvelo kanye namahlathi ngaphansi kweREDD • kushintshwe izindlela zokuthenga zamazwe athuthukile • kuqedwe amalungelo ezomqondo kwimikhiqizo yobuchwepheshe ukwehlisa ukushitsha kwesimo sezulu
Lezizimfuno zinqamula lokhukungunaza kweUNFCCC ngezikhawu ezine: Okokuqala ukwehliswa kakhulu kwezisisi ezingcolisa umoya kuyadingeka kuenesimo esibhekene naso njengamanje uma izingxoxo zokubonisana zingavuma; okwesibili, ukwehluleka kweUNFCCC ukubhekana namacala esimo sezulu kanye nezikweletu ezikweletwa izisulu zokushintsha kwesimo sezulu; okwesithathu ukudayiswa kwayoyonke into yiUNFCCC kusukela kumalungelo omqondo kuya emahlathini (kanye nezilwane ezinhle ezitholakala khona); okokugcina, ukwahluleka kweUNFCCC ukuchitha izimakethe zesisisi esingcolisa umoya. Ngenkathi okusondelene lokho iUNFCCC eyoza (eThekwini) ukubhekana nokuxhaswa ngezimali, nokucaciswa ngesiKhwama seSimo Sezulu Esiluhlaza (Green Climate Fund) esiphoxayo, kubonakala kungeke kwenzeke ukuthi kuphume isinxephezelo – elinganiselwa kuUS$ 100 wezigidigidi ngonyaka – ukuthi kungase kwenzeke, njengoba izimakethe zesisisi esingcolisa umoya siyogcwalisa isigamu salesisikhwama (nayo yonke imibandela yakhona), kanye nezinqumo eziyokwenziwa ukuqhubekela phambili ngokuxhasa ngezimali ‘izixazululo ezingamanga’ esikhundleni sokuzinikela ekunqanyulweni okudephile kwezisisi ezingcolisayo kanye nokushintsha ezomnotho okudingekayo ukuxazulula lembedumehlwana. Ukwamukela kweTheku ukuthi kungenzeka okukhunjulwa kakhulu ngeCOP 17 ngabe okwenzeka endaweni; idolobha uqobo lwalo lugcizelele ukuthi ukungabikhona kobulungiswa kwezombusazwe vele sekuyabonakala ngokucindezelwa kwabantu abaningi ngaseICC, kusishiya sisezinhlungwini njengoHerbert Dhlomo futhi sinefuthefuthe njengoDennis Brutus ngabanye ongxiwankulu abaqhubekayo ngokwenza semthethweni iUNFCCC kanye nezihambeli zayo ukuhlanza amaketanga okubandlululo ngesimo sezulu emhlabeni jikelele. Futhi kungakho lezozishoshovu zesimo sezulu emhlabeni wonke (abaqhubekayo ngokwemfanelo ukukhathazeka ngokulahlekelwa ithuba lokugcina izidingo zokunqanyulwa kwezisisi ezibophezelelayo zeKyoto Protocol kulokhu kuqhubekile), futhi bayobe bedinwe began’unwabu ngoDisemba ngenkathi abakusabayo kufezeka. Umbuzo ukuthi kabe lezizinhlobo zabantu ziyothola isikhalo esifanayo, njengoba kwenzeka kwabaningi eThekwini.
|