 |
Sesifikile futhi lesosikhathi lapho imiphakathi empofu ingazi ukuthi izothatha ini iyihlanganise nani ukuze abantwana bakwazi ukuya esikoleni. Kuyihlazo futhi ubugebengu ukuthi kube khona othisha, nothishomkhulu kanye nemizimba elawula izikole ezonqabela izingane ukuthi zifunde.
Yini indaba othisha bengagajwa neyodwa inyanga bengaholile futhi siphuma sonke sibaxhase lapho benesikhalo kodwa kuthi makuqala unyaka izingane ezimpofu kwezinye izikole zingamukelwa futhi zingabhaliswa? Abagcini nje ngokwephula umthetho futho bacikela phansi ikusasa lezingane sazeAfrika. Izolo lokhu kade silwa nohulumeni wobandlululo, namhlanje thina futhi sesicindezelana sodwa ngokunqabela ukuthi kubhaliswe izingane. Nomphakathi kufanele wazi ukuthi izikole zikahulumeni uma zinqaba ukwamukela izingane ezikoleni zisuke zephula umthetho futhi zingaboshwa ngalokho.
Kodwa nathi maAfrika asithandi ukufunda ngamalungelo ethu. Asizigqilazi ngokuwazi ukuze singaqinelwa abantu abasemagunyeni. Kunemthetho nje obizwa ngokuthiwa iAdmission Policy for Ordinary Public Schools ekubeka kucace nje ukuthi wonke umfundi oseminyakeni yokufunda kufanele amukelwe esikoleni futhi akufanele abandlululwe. Ubandlululo luningi bakithi, kukhona ubandlululo lwebala, ubandlululo ngoba uhluphekile, ubandlululo ngenkolo, ubandlululo lokuthi awuzalwanga kuleli noma ukhulelwe. Ingane yentombazane ihlale isenkingeni, ngoba ifike izitike nengane yomfana bebobabili ngocansi kodwa mangabe seyikhulelwe iyona esisenkingeni, ahqbeke yena umfana afunde yona isalele ngemuva. Angisho ukuhti ngigquqguzela izingane ukuhti zikhulelisane, kodwa iqiniso ukuthi iyona nkinga esibhekene nayo ezikoleni kanti kufanele lezizingane nazo zisithole sinkwa sazo noma zisephutheni, ilungelo lazo.
Ngisho uMthethosisekelo imbala uyamuvikela umfundi kanye nomzali ohluphekile. USection 10 woMthethosisekelo uvumela wonke umuntu ukuthi ahlonishwe nokuba nelungelo lokuhlonishwa futhi avikeleke. Uma izingane zabazali abampofu zinqatshelwa ukufunda kusho ukuthi azihlonishwa ziyabandlululwa futhi nekusasa lazo alivekelekile. Bese sikhala ngokuthi ubugebengu budlangile. Nithi izingane ezincane ezingaqedile ezikoleni uma zingavunyelwa ukufunda ngenxa yobuphofu aziphile kanjan? Mfundi ungangizwa kabi, kodwa indlala yemfundo idala indlala yekusasa elichachambile, indlala yomsebenzi. Umuntu onendlala uyingozi kabi, uBob Marley uthi – ‘A hungry man is an angry man’. Bafowethu nodadewethu sezizovulwa nje izikole enzani ukukholwa nivumele izingane zezwe lakithi zifunde, ningazinqabeni, musani ukuphula umthetho!
|