 |
By Dennis Brutus Translation by Faith, ka-Manzi Based on the play Marx in Soho by Howard Zinn 25October 2007
Ngaqala ngafunda ngeCommunist Manifest - engayinikwa, nginesiqiniseko, ngabasha bamaKhomanisi ayengomakhelwane bami kulendawo esasihlala yone igcwele abasebenzi – ngesikhathi ngineminyaka eyishumi nesikhombisa. Yaba nomthelela omangalisayo empilweni yami, ngoba ngabona empilweni, eyabazali bami, nezimo zaseMelika ngo1939 zazichazeka, futhi zibekwe njengomlando, futhi yacaciswa ngokukhanya okunamandla.
Ngangimbona ubaba wami, owayeyiJuda eliyisifika namthwalo eqhamuka e-Austria, nemfundo yesigaba sesibili, esebenza kanzim kakhulu kodwa ewondla kanzima umndeni wakhe wabafana abane nonkosikazi wakhe. Ngangibona ukuthi umama wayesebnza ubusuku nemini ukuqiniseka ukuthi sasidlile, sagqoka, futhi siyanakekelwa uma sigula Izimpilo zabo zazingumzabalazo ongapheli wempilo.
Ngangazi futhi ukuthi kwakunabantu lulelizwe ababenengcebo emangalisayo, kodwa futhi ababengasebenzi kanzima njengabazali bami. Lesimo sombuso sasingenalo iqiniso.
On The Web 
|