 |
Publication Details |
 |

 |
Reference |
 |
Buxton, Nick & Dorsey, Mike Translation ka Manzi, Faith (2012) ICOP17 inqotshwe uBandlululo Lwesimo Sezulu . : -.
|

 |
Summary |
 |
Ikhambi Kuzoba Isivumelwano Sabantu eCochabamba
eThekwini, eNingizimu Afrika – Izinqumo ezingumphumela eziqhamuka kwingqungquthela yesimo sezulu iUN COP17 eThekwini iyicala kuluntu, njengokusho kweClimate Justice Now! Inhlanganyela yezinhlangano zenhlalakahle kanye nezemiphakathi. Lapha eNingizimu Afrika, lapho umhlaba wawugqugquzelwa umzabalazo wenkululeko ngabamnyama abaningi bakulelizwe, amazwe acebe kakhulu ngenkulu indelelo-le asedale ukubusa kabusha ngobandlululo lwesimo sezulu.
“Ukudembesela okufanele kwenzeke ngempela kuz kube ngu2020 kuyicala emhlabeni wonke,’ kusho uNnimmo Bassey, uSihlalo weFriends of the Earth International. “Ukunyuka kwamazinga okushisa emhlabeni ngo4 degrees Celsius, okuvunyelwe kulelicebo, kungukufa kweAfrika, Amazwe Ayiziqhingi Ezincane (Small Isaland States), abahlwempu kanye nabangakwazi ukuzikela umhlaba wonke. Lengqungquthela ilubeke lwacaca ubandlululo lwesimo sezulu, lapho abacebe kakhulu abangayiphesenti engu-1 emhlabeni benqume ukuthi kwamukelekile ukudayisa ngezimpilo zabangamaphesenti angu-99.”
NgokukaPablo Solon, owayengomunye owayehola izingxoxo ngaphambili ngezwe lakubo iBolivia, “Kungamampunge ukuthi ukuzibophezela kwesikhathi kwesibili kwiKyoto Protocol kwenziwe eThekwini. Isinqumo sangempela siyekelelwe iCOP elandelayo, kube kungekho ukuzibophezela okuqhamuka ukwehlisa ukukhiqiza izisisi ezingcolisa umoya. Lokhu kusho ukuthi Ikyoto Protocol izobe isengcupheni kuze kufikwe esivunyalweni esisha naso futhi esiyobe sibuthakathaka kakhulu..”
Abangcolisi bomoya bomhlaba bavimbe izisombululo zangempela futhi sebebuye baphinda ukukhetha ukusiza abatshali bezimali kanye namabhange ngokwandisa izimakethe zecarbon nazo eziwayo – njengoba kufana nazozonke izimo zezimali kulezizinsuku, kubonakala sengathi kuhlomula abambalwa abakhethiweyo
Abanye abakubona sengathi ukungabi namnyakazo empeleni izinkomba zokwahluleka kwendlela yomnotho wamanje ukubhekana nezingqinamba zomnotho, zezenhlalakahle kanye nezemvelo,” kusho uJanet Redman, weInstitute for Policy Studies ezinze eWashington. “Amabhange adale izinkinga zezimali manje asenza inzuzo enkulu ngokuqagela ukuthi kuzokwenzekalani ngekusasa lomhlaba. Abazezimali, bacindezeleke ekhoneni, bafuna indlela yokuphuma ngokuthuthukusisa okusha okudayiswayo ukulungisa lesisimo esingaphumeleli.”
Ngaphandle kwezinkulumo “zenkomba ndlela” elethwa iEU, ukungaphumeleli eThekwini kukhombisa ukuthi sisendleleni engayi ndawo. Okhulumela iClimate Justice Now! uthi umphakathi womhlaba awukhumbule ukuthi uhlelo lwangempela lwesimo sezulu oluzimelele kwizidingo zomhlaba ezikhonjiswe ngososayensi kanye nangokuthunyelwa izinqumo zezinhlangano zemiphakathi ezinedumela, kwaqhamuka Kwingqungquthela Yabantu Bomhlaba Ngokuguquka Kwezulu kanye noMother Earth eBolivia ngo2010. Isivumelwano Sabantu eCochabamba, esalethwe ngaphambi kweUN kodwa sacishwa emibhalweni yezingxoxo, siletha indlela onobulungiswa futhi esebenzayo enenqubekela phambili edingeka ngokushesha.
Ngeminya imininingwane,ungaxhumana nalaba:
Mike Dorsey – mkdorsey@professordorsey.com, noma ushayele ku+27 (0) 79 863 8756 noma +1-734-945-6424
Imininingwane Engeziwe
Kwezobuchwepheshe "Izingxoxo zobuchwepheshe zantshontshwa amazwe ayekhulumela izimboni ezihweba emazweni ahlobonhlobo.” Kusho uSilvia Riberio oqhamuka kwinhlangano yomhlaba jikelele iqembu iETC.
Ukugxekwa kwalaba abafuna kube yibo bodwa abanolwazi lobuchwepheshe, kanye nezemvelo, ezenhlalakahle kanye nokubhekelela ezamasiko ngobuchwepheshe kwakhishwa kwizinqumo zaseThekwini. Ngaphandle kokubhekana nalezizimfuno eibalulekile, izindlela ezintsha zobuchwepheshe kuyoba-nje indlela yesandla somhlaba yokumaketha ukukhulisa inzuzo yezimboni ezihwebela emazweni amaningi ngokudayisa ezobuchwepheshe emazweni aseNingizimu, njengonaotechnology, synthetic biology noma ezobuchwepheshe zegeoengineering.”
Kwezolimo “Indlela okuyiyona yodwa kwezolimo ukuxhasa izinqumo zolimo-nezemvelo, futhi kugcinwe ezolimo zingangahlangani nemakethe yecrabon,” kusho uAlberto Gomezo, onguMdidiyeli weNorth American La Via Campesina, inhlangano ekuyiyona enkulukazi emhlabeni jikelele yabalimi basamakhaya.
“Ezezimboni zolimo, ngenxa yezindlela zenhlalakahle, nezomnotho kanye namasiko kwezokukhiqiza, yiyo eyimbangela ephambili yokuguquguquka kwesimo sezulu kanye nekubhidlanga kwendlala. Ngakho-ke siyazichitha izivumelwano ezingoFree Trade Agreements, Association Agreements, kanye nazo zonke izindlela zosetshenziswa kweIntellectual Property Rights ezimpilweni, kanye nesinikwa khona mayelana nezobuchwepheshe (njengamakhemikhali ezolimo, kanye nendlela yokuhlakanipha yesimo sezulu yolulima) okuyikona okubhebhethekisa lengqinamba ekhona.”
Mayelana neREDD+ kanye namaprojekti ecarbon “IREDD+ yenza kube nzima ukuphila kubantu nendawo kanye nemiphakathi ethembele emahlathini. Ubufakazi ubulokhu bukhula bukhombisa ukuthi Abantu Bendawo balokhu bebhekene nokuxhashazwa kwamalungelo abo njengomphumela wokwenziwa kwemibandela yezindlela kanye nemigomo yeREDD+,” kuchaza iGlobal Alliance of Indigenous Peoples and Local Communities emelene neREDD futhi egqugquzela Impilo.
Umbiko wabo, owakhishwa ngesonto lokuqala lweCOP17, wathi “IREDD+ kanye neClean Development Mechanism(CDM) zigqugquzela ukwenziwa ngasese kanye nokudayiswa kwamahlathi, izihlahla kanye nomoya ezimakethe zecarbon kanye namaoffsets asuka emahlathini, inhlabathi, ezolimo kanti kungaze kufake ngisho ulwandle. Siyazinqaba izimakethe zecarbon njengokukhohlakala okungeke kusiqede isimo sokushisa emhlabeni wonke.”
Mayelana neBhange Lomhlaba kanye neSikhwama Sesimo Sezulu Ibhange Lomhlaba lyisigcwelegcwele somnotho wongxiwankulu ohlulekile,” kusho uTeresa Almageur weGrassroots Global Justice Alliance yaseU.S..
“Sidinga isikhwama semali sesimo sezulu esizolawulwa ngokungenelela kohulumeni, hayi isizinda esilawulwa ngokungabusi ngentando yeningi futhi okuyisona futhi esibe nomthelela omkhulu womonakalo ngesimo sezulu kanye nokuhlupheka emhlabeni.” “Isikhwama semali sesimo sezulu (The Green Climate Fund) isishintshile manje yaba iMboni Yesikwama Sogombela Kwesabo (the Greedy Corporate Fund),” kusho uLidy Nacpil, weJubilee South. “Lesisikhwama sesintshontshwe ngamazwe acebile, ngemigomo yawo, futhi sabekwa ukuthi silethe inzuzo kwezangasese.”
Kwezomnotho Oluhlaza Sidinga isikhwama semali sesimo sezulu ezizoletha imali kubantu bamazwe asathuthuka futhi esizimele esingalawulwa izizinda ezingabuswa ngokwentando yeningi njengeBhange Lomhlaba. LeliBhange linomlando wokutshala izimali kumaprojekti aqhubezela phambili umonakalo wesimo sezulu kanye nendlala” kusho uLidy Nacpil, weJubilee South. “Lesisikhwama sintshontshwe amazwe acebile, enza iBhange Lomhlaba njengomgcinimali wesikhashana futhi okuzobaninika ngqo imali eyenzelwe amazwe asathuthuka inikezelwe izimboni zangasese. Kufanele sibizwe ngeSikhwama Semali Sabanomona!”
We need a climate fund that provides finance for peoples of developing countries that is fully independent from undemocratic institutions like the World Bank. The Bank has a long track record of financing projects that exacerbate climate disruption and poverty” said Lidy Nacpil, of Jubilee South. “The fund is being hijacked by the rich countries, setting up the World Bank as interim trustee and providing direct access to money meant for developing countries to the private sector. It should be called the Greedy Corporate Fund!”
Imigomo yesimo sezulu yenza izindlela ngesivinini kulokhu okubizwa “ngomnotho oluhlaza” onobungozi bokwehlisa ukuzibophezela okunesimilo kanye nokuzinikela okunomlndo kwezomnotho ezizoba nomthelela wenzuzo, nohwebo , kanye namathuba okutshla izimali. Ukwenza ngconywana kanye nangenye indlela akufanele kwenziwe njengohwebo noma ezezimali zilawulwe izimboni zangasese lapho kunomqondo wokwenza inzuzo. Impilo ayidayisi.
Isikweletu sesimo sezulu “Amazwe asenyakatho osekudala abanobuchwepheshe bokukhiqiza ngokwesimilo kanye nangokomthetho kufanele akhokhe isikweletu sesimo sezulu,” kusho uJanet Redman, Ongomunye Wabaqondisi beSustainable Energy & Economy Network kwiInsitute for Policy Studies. “Amazwe athuthukile acebe ngenxa yomhlaba kanye nekusasa labantu bonke ngokuxhaphaza amalahle amanani aphansi kanya namafutha. Kufanele bakhokhe ngokulahlekelwa kanya nokucekela phansi, behlisa kakhulu ukukhiqiza okungcolisa umoya manje, futhi baxhase ngezimali amazwe asathuthka bagudluzelel izindlela ezihlanzekile zamandla.”
Amazwe athuthukile, uma bethatha isinqumo sokusingatha umlando wokulungisa lesisimo, kufanele bahloniphe isikweletu sabo kuzozonke izindlela njengomnyombo wobulungiswa, ongalungisa ngampela, kanye futhi sezixazululo sezesayensi. Kufanele bangabhekani-nje ngokunxephezela ngezimali, kodwa nangbulungiswa obunokubuyisana, okungazwakala njengokubuyisa isithunzi sikaMother Earth wethu kanye nakho konke okuphilayo. Sibiza ukuthi wonke amazwe athuthukile azibophezele ukukwenza lokhu. Yilokhu kuphela mhlawumbe okungaqala kabusha kwakhe ukuthembana obesekuphelile futhi bese kuqala indlela ebheke phambili.
Kwizixazululo zangempela “Isixazululo sangempela ekushintsheni kwesimo sezulu ukugcina amafutha emhlabathini, namalahle emgodini kanye netiyela enhlabathini emhlabeni.” Kusho uIvonne Yannez, weAccion Ecologica, yaseEcuador
Ngeminye imininingwane thintana no
Mike Dorsey – mkdorsey@professordorsey.com., noma ushayele u+27(0)79 863 8756 noma +-734-945-6424
Nick Buxton –nick@tni.org noma ushayele u+27(0)81 589 8564 noma +1 530 902 3772
On The Web 
|
|
 |
 |
cast your net a little wider... |

|